|
Indoda Eqotho e Byrne
Valley
UGoodman Madondo akaqali ukubhekana nezinkinga.
Esemncane wagulelwa, wafelwa, walamba wabhekana
nezinkinga, khona emndenini wakhe nasemphakathini
ayehlala kuwona futhi esebenza khona, ethule enjalo,
uyindoda ephokophele futhi ekhetha kutholakale
izixazululo zomthwalo nezinkinga ezisuke zikhona.
Indaba
egcwele
Okwenziwa Abaculi ukuqguqguzela
ukuphila isikhathi eside "Umdwebo wokuzikhumbuza
odidiyela umqondo nomzimba"
NgoAgasti uHIVAN wahola uhlelo lomnyango wemidlalo
yokulingisa eNyuvesi yaseNatal. Yayigxile kakhulu
kubazwilili abanamaphimbo amnandi ehlukahlukene
avela emphakathini nakwezinye izikhungo zemfundo
zakhona la bezokhumbula, bezozijabulisa futhi
bezozinikela emkhankasweni wezinyathelo ezizothathwa
abaCuli ngesifo sengculazi.
Indaba
egcwele
Dlulisa Ngokushesha! Khetha
ukuphila impilo engcono
Enyangeni kaJuly 2003, eNyuvesi yaseNatal emkhakheni
wezifundo eziphathelene nengqondo yomuntu eThekwini,
bahola iqembu lezivakashi labafundi bebanga leshumi
nanye elalivela esikoleni iChesterville Extension
High. Uhlelo lalubizwa ngokuthi "Dlulisa
Ngokushesha" futhi lalugxile ekunikeni abafundi
amakhono okuziphatha empilweni kanye nokungabasiza
ekutheni bacabange kalula ngekusasa labo.
Indaba
egcwele
Ukunakekelwa eKhaya Lobomi
– iKhaya Lobomi Hospice
"iKhaya lobomi" kungaba igama elingajwayelekile
lendawo lapho abantu befika bezohlala ngezinsuku
zabo zokugcina, iKhaya Lobomi lisendaweni yase
Bothas Hill esifundazweni sakwaZulu Natal lapho
kunikezwa khona unakekelo okuyilonalona nakuba
kusuke sekusele isikhathi esincane ekutheni amavolontiya
apheshe impilo yeziguli. Ihospice yaqala ukusebenza
ngoSeptember 2003 uZimele noPatience Mavata, lezi
izithandani ezingasebenzi ezihlala kwa Nyuswa
ezisiza labo abahlukunyezwe isandulela ngculazi
nengculazi.
Indaba
egcwele
Thusanang
- ukunikezela nokucobelelana
UThusanang isigcinimniningwane esiqukethe ulwazi
lomxhaso naso esixhaswe iUSAID, nayo eyavulwa
ngonyaka odlule iholwa enye yezinhlangano yaseNingizimu
Afrika (ISANGOKO). Ikhasi lesigcini mniningwane
linikeza imininingwane yemixhaso nezindaba ngokuqoqwa
nokufunwa komxhaso, nemibhalo enzulu ngokufunwa
kwezimali neminye imithombo namathuluzi ongawasebenzisa.
Indaba
egcwele
ISIBONISO
- Ukucobelela ngolwazi lweNgculazi kanye neSandulela
Ngculazi
Emphakathini waseKlaarwater ngaseMariannhill
KwaZulu-Natal, iqembu elizinikezele labesifazane
bahlangane nomngani futhi nomholi uAnn Prince
ukuqguqguzela abantu ekutheni bakhulume ngengculazi
ngokusungula iqembu elizokweluleka libonise umphakathi
elibizwa ngokuthi ISIBONISO.
Indaba
egcwele
Thatha izinyathelo - Umbono
womphakathi engqungqutheleni yeNgculazi eyayibanjelwe
eNingizimu Afrika.
Ababemele uHIVAN babebambe iqhaza engqungqutheleni
yeNgculazi eyayibanjelwe eThekwini kulonyaka,
ikakhulukazi ngenhloso yokuxhumana nezinye izinhlangano
ezisafufusa ezazizonikwa ithuba lokuba ziziveze,
zikhombise ngezinto zazo ezizenzayo ematafuleni
ayebekiwe, kuxoxiswane nangokungekho ohlelweni
futhi kwabelwane ngezincwajana, amaphephandaba
kanye nemibono.
Indaba
egcwele
Izindaba ngokutholakala
komxhaso
"Kuwumsebenzi wethu sonke njengabantu baseNingizimu
Afrika ukuthi sikhulule abantwana bethu nabantu
ababuthaka endlaleni nasebuphofini." Lamazwi
ashiwo uDokotela uZola Skweyiya, Ungqongqoshe
wezokuthuthukiswa koMphakathi, kubaholi bezinkolo
abangaphezu kwamakhulu amabili bekade behlangene
kwaZulu-Natal ngenyanga kaOctober 2003. Lena beku
enye yezimbizo eziningi ebibanjwe uNqgongqoshe
ukuzochazela amalunga omphakathi nezinhlangano
zomphakathi kulolonke leli ngonyaka ophelile.
Indaba
egcwele
Sondela Photo Gallery
The Sondela Photo Gallery showcases events and
projects featured in this issue of Sondela.
Photo Gallery
Sondela Eduze...
Omunye unyaka usuya emaphethelweni sihlangene,
sibala izibusiso kanye nokulahlekelwa ngenxa yesifo
sengculazi. Kulesisikhathi seziphetho neziqalo
sibonga abaxhasi, abasizi, kanye nalabo abashicilelwa
aphephandabeni nabobonke abafundi balo abakwazi
ukudlulisela umyalezo kaSondela kwabanye. Siyazi
ukuthi unakekela kakhulu ukusabalalisa izindaba,
ukufuna ulwazi oluningi. Kungenxa yakho nokuhlwaya
kwakho ukuthi singahlangana silwe negciwane lengculazi.
Indaba
egcwele
|
HIVAN's Community Newsletter,
Sondela, is printed by Human Scale
Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist:
Thula Ngcobo
|
|