HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Dlulisa Ngokushesha! Khetha ukuphila impilo engcono

Learners from Chesterville Ext High School, Durban at the Fast Forward Holiday Club awards.Enyangeni kaJuly 2003, eNyuvesi yaseNatal emkhakheni wezifundo eziphathelene nengqondo yomuntu eThekwini, bahola iqembu lezivakashi labafundi bebanga leshumi nanye elalivela esikoleni iChesterville Extension High. Uhlelo lalubizwa ngokuthi "Dlulisa Ngokushesha" futhi lalugxile ekunikeni abafundi amakhono okuziphatha empilweni kanye nokungabasiza ekutheni bacabange kalula ngekusasa labo.

Uhlelo olwathatha izinsuku ezinhlanu labajabulisa futhi lwalunezinye izinhlelo zokufunda ezifaka imikhakha ehlukene yemisebenzi, umdanso, umculo, amaqembu okuzidela e Roseland esikhungweni sokuzijabulisa e Richmond, uhambo lwaseNyuvesi, ukufunda, ukubhala, ukuthatha kwezithombe nokuxoxisana nalabo ababeyizibonelo ezinhle ababebagqugquzela.

Uhlelo lwalwakhelwe ukubonisa abafundi ngezingqinamba kanye namathuba angabaphunyuka ezikhaleni kusukela ebunganeni babo baze babe badala, nokuthi bakwazi ukuphila ngokuziqhayisa ngokushintsha kwezikhathi nasebunzimeni. Iqembu elalisiza lathatheka kakhulu ngenxa yomoya ofudumule kanye nomfutho labantu abasha ababenawo mayelana naloluhlelo lwe Holiday Club. "Kwakungekho ukuphikisana noma ukwahlukana phakathi kwabo", kusho oyedwa wabo. "Babecula ebhasini, besebenzisana kahle njengeqembu, futhi noma umsebenzi ababenikwe wona unzima, ekekho owayebalisa noma owuyeke ashiye phakathi."

Uhlelo lobulili lwathatha ilanga lonke olwenza abafundi ukuthi bakwazi ukucabanga nokuqiniseka ekutheni bathathe izinqumo ngabodwana mayelana nempilo yobulili. Uhlelo lwaluqukethe amaqininso ngesandulela ngculazi nengculazi kanye nezinye izifo ezithathelana ngokocansi olungaphephile, nemiphumela yokukhulwela kwabantu abasha nocansi olungaphephile. Izingxoxo zazivulelekile(kodwa nokufihla) mayelana nokuphazamiseka komqondo kanye nemisebenzi yokuya ocansini, njengokuzihlonipha wena kanye nabanye, bakhonjiswa ukuthi ijazi lomkhwenyana lisetshenziswa kanjani, elabesifazane nelabesilisa. Loluhlelo lwaluphethwe abafundi abalulekayo abaqeqeshiwe, nabo ababebhekwe othisha abagogodiwe.

Babukiswa ifilimu elalikhuluma ngomndeni owabe uhlukunyezwe igciwane lengculazi. Lomndeni wabonana futhi waxoxisana noMusa Njoko kanye Lucky Mazibuko abagquguqzelayo. Amaqembu abe esexoxisana ngezinkinga noma ukuhlukumezeka lomndeni ohlangabezana nako, ezothando, ukuxolelana, ukusingathana nokukhululeka, nokuthi lokhu kungabasingatha kanjani abahlukunyezwe igciwane lengculazi.

Umxhumanisi wezinhlelo zomphakathi wakwa HIVAN uDudu Zondi wakhuluma nabafundi 'Ngokuphila Ngokuzethemba" echaza ngokuthi "emva kokuthuka nokungamukeli ukuthi imiphumela yakho yegazi ithi unalo igciwane, zikhona izindlela zokwenza ukuthi uhlale uphilile futhi usebenze iminyaka eminingi, ukudla okunomsoco, ukuzivocavoca, ukuphumula ngokwanele nokwehlisa izinga lokucabanga kuyadingeka ukuze unike amasosha akho omzimba amandla," washo uDudu. Futhi ukhumbule ukuthi umqondo uyawuthikameza umzimba ngakhoke ubungani, injabulo, uxolo, umthandazo, ithemba nesithunzi konke kubalulekile ukuze uphile futhi welapheke.

UDudu wagcizelela ngokubaluleka kokwehlisa izinga lokubukela phansi abaphila nesandulela ngculazi nencgulazi nokuzinikela kokuhlola igazi(VCT) lokhu okugcizelela ukuthi umuntu unaso yini isandulelangculazi, ukuvumela ukuthi umuntu athathe izinqumo ezinqala ngekusasa lakhe. Wabalula ukuqeqeshwa kwabantu abasha ukuze baqeqeshe otanga babo, ukwalulekwa kanye nezinye izinhlelo ezinziwa kulesisikhungo esibizwa ngokuthi iCampus HIV/AIDS Support Unit esiseThekwini, eMgunguNdlovu kanye nase Edgewood.

Lathi seliphela isonto kwabe sekunikezwa imiklomelo kulabo ababebhale kahle izindaba. Ubuso babafundi babugcwele ukukhanya nokumamatheka kwabo kwakugcwele ithemba. Bacela ukuthi baphinde bamenywe ezinhlelweni zamakhono okuziphatha ezinjengalezi, abaqguqguzeli bazobe behlela ngenqubekela phambili yohlelo luka "Dlulisa Ngokushesha."

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape