HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

SONDELA EDUZE

Omunye unyaka usuya emaphethelweni sihlangene, sibala izibusiso kanye nokulahlekelwa ngenxa yesifo sengculazi. Kulesisikhathi seziphetho neziqalo sibonga abaxhasi, abasizi, kanye nalabo abashicilelwa aphephandabeni nabobonke abafundi balo abakwazi ukudlulisela umyalezo kaSondela kwabanye. Siyazi ukuthi unakekela kakhulu ukusabalalisa izindaba, ukufuna ulwazi oluningi. Kungenxa yakho nokuhlwaya kwakho ukuthi singahlangana silwe negciwane lengculazi.

Nawa amanye amazwi axhumane nomndeni kaSondela ngezindlela ezahlukene ungumaluleki.

* UJabulani Gumede waseXopo ungumaluleki kulabo abazinikelayo ekutheni bahlole igazi weVCT nePMTCT emnyangweni weZempilo uwunakekela kakhulu umsebenzi wakhe nabantu asebenza ngabo. Wathola iphepha laSondela emgwaqeni wabe esesazisa ukuthi umphakathi wangakubo wawuludinga kangakanani ulwazi nosizo ngezinkinga ababenazo. Uma ufuna ukuxhumana naye ikheli lakhe lithi P O Box 278 IXOPO, 3276 izinombolo zakhe zocingo u (039) 835 0345 noma 073 230 8245

• Sibuye sezwa nangoBheki Bhengu ophethe iGreater Molweni Community Resource Centre endaweni ekwa Zulu Natal ebizwa ngokuthi iValley of 1000 Hills. Isikhungo kuningi esisiza ngawo amalunga omphakathi kubalwa ukwalulekwa kanye nolwazi olusemaphapha bhukwini, amaphamfulethi nezinye izinto abangazisebenzisa.Ungaxhumana no Bheki kulenombolo yocingo (031) 776 3943 noma uthumele ngeposi kulelikheli P O Box 9004, Linkhills, 3652; email ithi gmcrcentre@telkom.net

Kufanele sixolise ngamaphutha enzeka kuSondela odlule:

* Inombolo okuyiyona yakwaChildren First ithi: (031) 307 3405

* KuSondela owahiqizwa enyangeni kaJuly 2003, “Faith Communities Fighting HIV/AIDS” lesisihloko kwakufanele sifundeke kanje”Imiphakathi Yezinkolo Ihlangene Ngokulwa Nesifo Sengculazi” ngesiZulu, kanye nesihloko esithi “Gender and HIV/AIDS” kwakufanele sifundeke kanje “Ubulili Nengculazi – Ingabe Kungani? esiZulwini.

Sibonga kakhulu kuCINDI Network “ Amakhambi okwelapha” iphepha lokwazisa ongalikhipha ulithathe esikhungweni sika Sondela ulisebenzise noma ingayiphi indlela oyithandayo. Leliphepha lokwazisa lenziwa eNyuvesi yaseNatal esikhungweni semfundo yabadala (Adult Education) eMgungundlovu behlangene neNational Botanical Gardens kanye noVodacom. (Leposter ingatholakala la

Okokugcina, isipho sikaSondela ngalesisikhathi sonyaka soxolo nokuphana ikhalenda lonyaka ka2004, ngesiqubulo esithi “ UNYAKA WOKUPHILA.” Lihlotshiswe ngemibala yezwe lonke nezimpawu zempilo, ububele, ubunye, ukukhula, kanye nokuthula. Njengoba lezinyanga zifika zihamba, sengathi wena nalabo enibathandayo ningabusiseka ngakho konke.

SONDLE EDUZE! XHUMANA NATHI:

Mhleli Wephepha(Editor) – SONDELA
HIVAN (Centre for HIV/AIDS Networking)
C/o Campus HIV/AIDS Support Unit, University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Tel: (031) 260 2975 Fax: (031) 260 2397
e-mail: community@hivan.org.za
Website: www.hivan.org.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape