|
ISIBONISO
- Ukucobelela ngolwazi lweNgculazi kanye neSandulela
Ngculazi
Emphakathini
waseKlaarwater ngaseMariannhill KwaZulu-Natal,
iqembu elizinikezele labesifazane bahlangane nomngani
futhi nomholi uAnn Prince ukuqguqguzela abantu
ekutheni bakhulume ngengculazi ngokusungula iqembu
elizokweluleka libonise umphakathi elibizwa ngokuthi
ISIBONISO.
Ngenkathi uAnn etholakala ukuthi unesandulela
ngculazi ngo1995, udokotela wakhe wamtshela ukuthi
usesalelwe amasonto ambalwa ukuba aphile, kodwa
wabhekana nalesisimo ngethemba nokugquqguzeleka,
okwathi emva konyaka nezinyanga eziyisikhombisa
waphumela obala.
Emuva kokuba ehambele imihlangano eminingi ehlanganisa
abanye abantu abaphila negciwane lengculazi, uAnn
wagquqguzeleka ukuthi asungule uhlelo lomphakathi
ngolwazi ayenalo elalizosiza ukunciphisa ukuhlukumezeka
nokucwaswa kwabantu abanegciwane. Waxhumana nabantu
ababebona ngasolinye naye wakwazi ukuthola abesifazane
abayisishiyagalolunye abazovolontiya bahlangane
ukuze baphe izaluleko mayelana negciwane lencgulazi
kanye nezinye izinkinga zempilo ezasezikhungethe
umphakathi wase Klaarwater.
Ngaqala ukuphuza amaphilisi okulwa nesandulela
ngculazi ngo 2001 kuchaza uAnn kodwa angenza ngagula
kakhulu ngendlela yokuthi ngayeka ukuwaphuza ngonyaka
olandelayo. Ngokudla ukudla okunempilo, nokuphumula
ngokwanele nokuzinakekela nokubhekelela impilo
yami ngazo zonke izikhathi ngikwazile ukukhuphula
amasotsha omzimba (iCD4 count) akhe afinyelele
ku 787 ngale kokusebenzisa amaphilisi. Ukholelwa
ekutheni ngokuphila impilo eqondile nethembekile,
efaka ukuziveza obala ngesimo sakho, ukuzinakekela
nokuzinikela nokukholelwa kuwena kungehlisa ukubhebhezeleka
ukuqhubeka kwegciwane. Ngiyisibonelo esiphilayo
esitshengisa ukuthi kuyenzeka lokhu ngifuna ukutshengisa
nabanye ukuthi bangakwenza nabo.
Iqembu ekukhona kulo uAnn, udadewabo uNosibusiso,
Nana Ngobese, Thuli Zimu, Nomusa Masango, Connie
Mthabela kanye noKhanyisile Nkosi laqala ukusebenza
ngaloluhlelo ngo2002. Ihovisi balivula ngo 15
August 2003 kodwa akekho oseke weza waphumela
obala nakuba bakhona abagula ngabodwana emakhaya.
Sixhumene nomhlengikazi ophethe emtholampilo ukuba
abanikezele kithi abanegciwane lengculazi. Sizofuna
umxhaso ukuze sikwazi ukwenza izithombe nezikibha
ukuze sikwazi ukwazisa umphakathi ngalendawo nokuthi
siqoqe imininingwane ebhaliwe yolwazi esizoyinika
iziguli.
Uxhaso luzodingeka ukuze kuqashwe umabhalane
ozosebenza usuku lonke, umuntu ozohlala emahovisi,
okwamanje asinawo amanzi, ugesi, izindlu zangasese
kanye nezingcingo. Amalunga eqembu azosayina isivumelwano
sokuthi ngeke bakhokhelwe ngomsebenzi abawenzayo.
Ihovisi lisendaweni lapho kukhona isitolo sika
mama kaAnn esakhiweni esincane esingasasetshenziswa
ngenxa yokugqekezwa. Iqembu linethemba lokuqasha
isitolo esixhume kulendawo ukuze kusetshenzelwe
kuso ukweluleka iziguli ngamalunga ayisihlanu,
amabili awo aqeqeshiwe esibhedlela iSt Mary's
ukululeka nokusiza iziguli. Amalunga aye ahlanganyela
ekuqeqeshweni mayelana nengculazi nemithetho kanye
namalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi
(ikakhulukazi nokungahlonishwa isithunzi sabo
nasezimfihlweni zabo) e SocioLegal Studies eNyuvesi
yaseNatal.
Ngeke silivule ngokusemthetheweni ihovisi size
sikwazi ukuxhumana nelungu leqembu lezempilo kulendawo,
kusho uNana. Sifisa ukwandisa izinhlelo ngokuba
siluleke ngesifo somdlavuza, isifo sikashukela
kanye nesofuba ukuze kungabi sengathi sibhekene
nesifo sengculazi kuphela lokhu kuyokwehlisa ukuzinyeza
kubantu abanesandulela ngculazi. Sizoqala ukusebenza
kusukela ngehora lesishiyagalombili ekuseni kuze
kushaye ihora lesine ntambama.
USister Gumbi ongumhlengikazi emtholampilo uyosiza
uma ebiziwe noma eceliwe wavuma ukuthi uyoluxhasa
uhlelo ngazozonke izindlela. Leliqembu ilona elasungula
loluhlelo futhi lingabanikazi balo, lithi kumele
kuqhubeke ngalendlela. ISIBONISO siqanjwe kumbe
sethiwe ngendodana kaAnn ngoba nguyena umsunguli
wokuqala waloluhlelo. Loku kusho ukuthi ngizonibinisa
ngokuzinikela nokuzimisela , uAnn uyisibonelo
emphakathini.
Ngingumuntu ohlale emelene neqiniso okwaziyo
ukumelana nezingqinamba, ngiyakwazi nokuzibekela
okubalulekile empilweni yami. Ngikholelwa ekuxhaseni
ngokomoya, nokuthi ukutshela nokubonisa abantu
ukuthi bangaphila ngenye yezindlela ezinamandla
kakhulu.
Ukuzigqaja kukaAnn kumvikele kakhulu ezimweni
ezihlukumezayo. Ngelinye ilanga abagqugquzeli
banobuhle womphakathi bangincenga ukuba ngiphumele
obala ngitshele abantu ukuthi nginesandulelangculazi
kodwa ngabatshela ukthi kumele ngikhokhelwe ngokwenza
njalo. Kunabanye abangakholwa ukuthi nginesandulela
ngculazi ngoba ngibukeka ngiphile kahle futhi
ngiwumqemane.
Uma udinga izeluleko ngeSiboniso ungaxhumana
nalaba abalandelayo:
Ann Prince: 082 816 1873
Nomusa Masango: 083 615 3600
Thuli Zimu: 072 424 1139
Nosibusiso Prince: 083 953 0380
Noma Uma ungakwazi ukusiza lamavolontiya ngandlela
thile, xhumana nayinoma ubani kulaba abalandelayo:
Nana Ngobese: 083 759 8754 noma email ku ngobesen1@nu.ac.za
Connie Mthabela: 083 278 0033
Khanyisile Nkosi: 072 222 8613
<<Back |