|
Okwenziwa
Abaculi ukuqguqguzela ukuphila isikhathi eside.
"Umdwebo wokuzikhumbuza odidiyela umqondo
nomzimba"
NgoAgasti
uHIVAN wahola uhlelo lomnyango wemidlalo yokulingisa
eNyuvesi yaseNatal. Yayigxile kakhulu kubazwilili
abanamaphimbo amnandi ehlukahlukene avela emphakathini
nakwezinye izikhungo zemfundo zakhona la bezokhumbula,
bezozijabulisa futhi bezozinikela emkhankasweni
wezinyathelo ezizothathwa abaCuli ngesifo sengculazi.
Ababe bambe iqhaza babelana ngolwazi, bebonisana
ngemiqondo ezihlokweni ezahlukene njengezinkolelo
okungezona ngengculazi, ubulili kanye nezingane
ezihlukunyezwe igciwane lengculazi.
Impilo Ende "Umdwebo Wokuzikhumbuza odidiyela
Umqondo noMzimba" uhlelo labesifazane abaphila
negciwane lengculazi eKhayelitsha eKapa, abadweba
izithombe zabo ezinhle njengemizimba ehlotshisiwe.Labantu
besifazane basebenzisa lemidwebo yempilo engajwayelekile,
ihamba namabhokisi esikhumbuzo nemibhalo yemihla
yonke, ukuze babhale ngezinto ezibuhlungu ezisemqondweni
yabo futhi ukuze bakwazi ukupholisa izilonda ezisemqondweni,
emzimbeni kanye nasemcabangweni yabo.
Abathathu balabaculi, Nondumiso Hlwele, Bulelwa
Nokwe kanye noBabalwa Cekiso baya ohlelweni lakwaAAAA
bafika banikeza inkulumo mbiko ngomsebenzi wabo.
Izithombe zazikhangisa eDurban Art Gallery ngenyanga
kaAgasti.
Loluhlelo Ngokuphila Isikhathi Eside luphethwe
iMedicins Sans Frontieres, UCT’s Centre
for Social Science Research (CSSR), Ngalekwalokho
abacosheli bezindaba no Jane Solomon. Uma ufuna
olunye ulwazi ungaxhumana no:
Jonathan Morgan
AIDS and Society Research Unit, Centre for Social
Science Research
University of Cape town, Private Bag, Rondebosch
7701
Tel: (0210 650 4656
Fax: (021) 650 4657
Email:jmorgan@commerce.uct.ac.za
<<Back
|