|
Thatha
izinyathelo - Umbono womphakathi engqungqutheleni
yeNgculazi eyayibanjelwe eNingizimu Afrika.
Ababemele uHIVAN babebambe iqhaza engqungqutheleni
yeNgculazi eyayibanjelwe eThekwini kulonyaka,
ikakhulukazi ngenhloso yokuxhumana nezinye izinhlangano
ezisafufusa ezazizonikwa ithuba lokuba ziziveze,
zikhombise ngezinto zazo ezizenzayo ematafuleni
ayebekiwe, kuxoxiswane nangokungekho ohlelweni
futhi kwabelwane ngezincwajana, amaphephandaba
kanye nemibono.
UNhlanhla Ndlovu owabe evela kwaIDASA lapho benikeza
khona ulwazi ngohlwa lwezezimali emkhakheni weNgculazi
kanye nasezimalini zomphkathi. Wabika ngocwaningo
olwalusanda kwenziwa uHulumeni wezifunda ngokusetshenziswa
kwezimali ngasohlangothini lwezeNgculazi, okwakhombisa
ukuthi sebukhona ubungcono ngokwabiwa kwezimali
ngasohlangothini lomphakathi eminyakeni emibili
eyedlule, nakuba ukusetshenziswa kancane kwezimali
kuseyinkinga. Wachaza ngesimo sezinselelo uHulumeni
wasekhaya abhekene nazo kuloluhlelo, futhi wabe
esechaza ngomthetho sisekelo osakhiwa ozobhekana
nalesisimo kusasa.
Ukuhlanganisa lemibiko, abacwaningi be - IDASA
baxoxisana nezikhulu zomnyango wezeMpilo, ezeNtuthuko
kanye nowezeMfundo, nakuba imali eningi ibitholakala
ngenxa kaHulumeni futhi sebeyitholile indlela
lemali ezokwabiwa ngayo ezinhlelweni zomphakathi
ngonyaka ka2002 no2003. Izinkinga ezaba ukhiye
ekuvimbeleni ukwabiwa kwalezimali kwaba ilezi.:
1) Izinqubo ezilukhuni "Zesimo Somxhaso"
wezimali
2) Nokungabi nawo kahle amakhono okuphatha komnyango
wezimali.
Abaphathi bomnyango wezifunda sebeqalile ukuhlela
ukwabiwa kwezimali ngendlela okuyiyo kulabo abantulayo
noma abadingayo.
Ezinye
izifundo ezabuyekezwa engqungqutheleni zakhombisa
izinkinga abasebenzi bezempilo ababehlangabezana
nazo uma sebebhekene nesifo sengculazi, umthetho
wamalungelo abantu abaphila nesandulela ngculazi
negciwane lengculazi, inqubekela phambili yemizamo
yocwaningo lwemithi, ukubamba iqhaza komphakathi
kucwaningo lwesandulela ngculazi kanye nokutholakala
kwamakhambi (anti-retroviral). Ekuthuleni kwemibiko
yabo, ososayensi bemiphakathi kanye nabamele izakhamuzi
zomphakathi bachaza ngasebekuzuzile, okwakubabuyisela
emuva kanye nenqubekela phambili nokufuna izixazululo
ekulweni nobhubhano.
Kwagxilwa kakhulu ezindabeni eziphathelene nokunikezwa
kwezindlu kanye nokudla, ekulweni nobuphofu kanye
nokuzinikela ukuthi ululekwe ukuze uhlolwe igazi(VCT).
Iqiniso ukuthi abacwaningi nezikhulu zikaHulumeni
zazitikatana nezinyathelo ezingazithatha ekulweni
nalezizinkinga, ngaphandle kokukhuluma ngokubaluleka
komsebenzi wazo, kodwa kwakhombisa ukuthi ikhona
inqubekela phambili kanye nokuzinikela okuqotho
ekuzuzeni impumelelo kuzozonke izigaba.
Ngokuthanda kwanikezwa umbiko mayelana neYabonga
Project, lesi isibonelo esigqugquzelayo esinika
amandla kulabo abesifazane abaphila nesandulela
ngculazi kanye negciwane lengculazi. Kwavela isidingo
sokuthi kuqeqeshwe omama abaphila negciwane kanye
nokuthi bakwazi ukuthola ukujoyina amanye amaqembu
azobasekela ukuze basindise izingane zingabi izintandane,
nokuthi banyuke izinga lomphakathi.
Ngonyaka ka2003 no 2004, omama abangamashumi
ayisikhombisa abaphila negciwane lengculazi baqeqeshwa
njengeziguli ezazizomela ukuthi zilashwe, okwakuzothi
uma sebeqedile bakwazi ukusebenza njengabaluleki
nabaqaphi bezinhlelo zemithi yokwelashwa. Labomama
babezosiza amaqembu anakekelayo kwezempilo ekunakekeleni
amaqembu amakhulu eziguli emiphakathini. Loluhlelo
luphethwe amavolontiya, ngakho ke amanani akhona
aphansi, futhi ukubhebhetheka kolwazi namakhono
eningini kulabo ababambe iqhaza kuqinisekile.
Ukungena kwezimali sekwenze uqeqesho lungami,
nalabo abaneziqu basebenzele izinkampani ezibakhokhelayo.
Uma ufuna ulwazi nge Yabonga Children’s
Project, thintana:
Dr Ursel Berlin (Umxhumanisi)
Private Bag x1, Mowbray, Cape Town 7705
No 2 Main Road, Wynberg, Cape Town 7800
Tel: (021) 761 2940
Fax: (021) 761 3407
<<Back |