Indoda
Eqotho e Byrne Valley
UGoodman Madondo akaqali ukubhekana nezinkinga.
Esemncane wagulelwa, wafelwa, walamba wabhekana
nezinkinga, khona emndenini wakhe nasemphakathini
ayehlala kuwona futhi esebenza khona, ethule enjalo,
uyindoda ephokophele futhi ekhetha kutholakale
izixazululo zomthwalo nezinkinga ezisuke zikhona.
Ilokishi laseRichmond lakhiwe endaweni engamakhilomitha
engamashumi amahlanu uma usuka eMgungundlovu emaphandleni
lakunamapulazi, amahlathi nendawo yofishi. UGoodman
wezala esuka eDonnybrook eneminyaka eyisikhombisa
ezohlala noAnti wakhe emva kokuba sekushone uMawakhe.
Emva kokuba eseqede ibanga lesikhombisa, wsebenza
njengomnakekeli wezingadi emva kwalokho wabe esesebenza
njengoweta kwenye indawo yokudlela eseduzane,
kodwa ngasosonke isikhathi wayehlala efuna ukuzuza
okuningi empilweni. Enodadewabo owayekhubazekile
nobaba wakhe esemdala, wayefuna ukusingatha umndeni
wakhe ngosizo lwezezimali.
Ngenkathi ubugebengu budlangile eByrne Valley
ngonyaka ka 1990, uGoodman wabona ithuba lokuthi
azisebenze futhi eqguqguzelwa na abanikazi bezinto
endaweni, wahlala phansi waqala ibhizinisi lakhe
lonogada. Ngonyaka ka 1997 wahlanganisa waqeqesha
iqembu lonogada elalizozulazula futhi ligade izinto
nendawo yakhona eByrne Village. Kwathi ngesikhathi
inkampani enkulu yonogada isizama ukumphuca, imqophisa
ngokuthi "inkampani yakhe ayikho emthethweni"
uGoodman waphendula ngokuthi athathe isinyathelo
ngokuthi abhalise inkampani yakhe njengebhizinisi
elibizwa ngokuthi "Abavikeli"noma "abantu
abaphethe". Manje usenamadoda ayisikhombisa
awaqashile amsebenzelayo.
UGoodman uhlale exoxisana nabahlali kuwona wonke
amakhona omphakathi eRichmond nasezindaweni ezisondelene
nakhona, usebonile ukuthi isandulela ngculazi
nengculazi sekubange okukhulu ukuhlukumezeka kubona,
ngendlala, ukungabi namakhaya nokulahla ithemba.
Nakuba abantu abaningi bebelokhu begula futhi
befa, akekho onolwazi oluningi ngesifo sengculazi
nanokuthi bangasebenza kanjani naso. "Abasebenzi
bezempilo emtholampilo babhizi kakhulu ukuthi
bangenza okungaphezulu ngaphandle kokwelapha izimpawu,"
usho njalo.
Wahlanganisa iqembu elababekhathazekile endaweni,
bakha ikomidi labazovolontiya emphakathini, futhi
bebonke babezama ukuthola futhi badlulise ulwazi
baqeqeshe ngamakhono kulabo abangasebenzi, bekwenza
loko besaqhubeka nokunakekela labo abagulela emakhaya.
"Inkinga kwaba ukuthi izinhlelo zokungenisa
imali zazingakazifezi
izinhloso zazo, ngenxa yokuthi abaqeqeshi abanawo
amandla futhi bayagula ukuthi bangaqhubeka balandela,"
kuchaza uGoodman.
Nakuba ukufa sekuthathe amavolontiya amaningi
nekomidi nalo selilahlekelwe indlela engasebenza
ngayo, uGoodman uneqembu lamaqabane angamashumi
amabili nesithupha eliqhubekayo nokuziqeqesha
nokunakekela omakhelwane abagulayo. Enyangeni
kaOctober leliqembu labamba iqhaza kuqeqesho lwengculazi
olwaluxhaswe iKampani yakwaSappi, okuyiyona eqasha
kakhulu kulesisifunda. Behlangene emakhazeni,
kunetha eRichmond endlini endala yaseNkantolo,
kukhona noGoodman ophethe uhlelo futhi owayebabatolikela,
bababelana ngolwazi abanalo ngesifo sengculazi
benomqeqeshi uRenalto Palmi, owabanikeza imibhalo
esemaphepha bhukwini enemininingwane yengculazi
engakhokhelwa namajazi abakhwenyana.
Uhlelo lokuqeqesha lwalumbandakanya ukwaluleka,
ukubonisa ukuthi isandulelengculazi singenana
kanjani, ukuzinikela ukwalulekwa nokuhlolwa igazi,
ukusetshenziswa kwamakhondomu, ukubandlululwa
kwabantu abaphila negciwane lengculazi kanye namalungelo
abo, kanye nesici nokungahlukumezeki kwabesifazane.
Amavolontiya bagcizelela ubumpofu, ukungalingani
nesici esabe sibhebhezelisa igciwane, ngalokhu
, Ingculazi yabe isithatha ngokushesha laba abondla
emakhaya nalabo abanakekelayo.
Iqembu lacela kuqhutshekwe nokuthi liqeqeshwe
nokunikwa ulwazi, elinye lamavolontiya lanikela
ngendawo engenalutho engasatshenziswa eseduze
nomgwaqo ibe isikhungo esizokwamukela abantu,
balulekwe, badluliselwe kwezinye izikhungo, uGoodman
ongumqguqguzeli wawuthakasela kakhulu umsebenzi
ngalezozinsuku nezinhlelo zemihlangano zokulandela
zisenziwa.
Wamemezela wathi: Anginalo igciwane futhi ngizohlala
nginjalo. Ngifisa sengathi wonke umuntu angangaba
nalo igciwane, yikona ngizama ukuletha ulwazi
emphakathini, ngisakwazi nokubasiza laba abanegciwane.
"Ngenxa yalokhu, washiya wahamba waya ezintandaneni
ezintathu azinakekelayo futhi azifundisayo. "
<<Back
|