|
July sees the launch of a brand
new publication: Sondela (Come Closer), a 10-page
community newsletter to be issued every quarter
by the Centre for HIV/AIDS Networking (HIVAN).
Sondela will be distributed free-of-charge to
3 000 individuals and organisations in KwaZulu-Natal.
It will be published in both isiZulu and English
and will reach an even broader readership via
our website.
In our first edition:
Ulwazi Ngemixhaso Yabantulayo
Umthombo: Isuselwa ephephandabeni i The Independent
on Saturday, 23 Feb 2002. Courtesy of Independent
Newspapers (Pty) Ltd
Izimali zomphakathi zitholakala kuhulumeni uma
umuntu enokuncane kakhulu okanye engena lutho
okokudla noma indawo yokulala. Lemali ivela oxhasweni
lukahulumeni olutholakala nge ntela noma kweminye
imithombo. Kunemithetho ekumelwe ilandelwe ukuqiniseka
ukuthi itholwa yilabo abadingayo kuphela.
Full Story
Buza ongcweti
Enye yezinhloso zeHIVAN ukuxhumanisa
iziyingi ezahlukene zompakathi nokwandisa ulwazi
ngesandulelangculazi / ingculazi (HIV/AIDS). Ukuzinza
kuka-HIVAN eNyuvesi yaseNatal kusenza sibe namathuba
okuthola amasu ahlakaniphile aqhamuka kuso lesikhungo
noma kwezinye izikhungo zomphakathi, nakulezo
ezizimele - lokho kusho ukutholakala kolwazi olujulile
nge HIV/AIDS.
Full Story
Okuvelele
Kuzo zonke izigamu ze-SONDELA, sizofaka indaba
ngelunga lomphakathi wa KwaZulu Natal (KZN), elisebenza
ngokuzimisela okukhulu emzabalazweni wobhubhane
lwe sandulelangculazi / ingculazi (HIV/AIDS).
Baningi abazinikele ukunakekela nokusiza abantu
abane-HIV/AIDS, banikela ngesikhathi nomdlandla
wabo ngenxa yothando nokuthinteka. Ngakho-ke angeke
angatuswa amaqhawe enjenga lawa, I-SONDELA izohuba
ngengila iqhakambise iqhawe ngalinye ngesikhathi.
Kulokhu sihlangana no:
Full Story
Ubambiswano
I-HIVAN kanye nezinhlelo zokushintsha
ukuziphatha (behavioural change programme, BCP)
babambisene ukusiza imiphakathi ekulweni ne HIV/AIDS
Isenta yokuxhumanisa nge HIV/AIDS (HIVAN), ezinze
eNyuvesi yase Natali, eThekwini, ugqugquzela ubudlelwano
bayo yonke indlela phakathi kwezigungu ezilwisana
ne HIV/AIDS, KwaZulu Natal. I-HIVAN isebenza ukuxhumanisa
imiphakathi, abacwaningi, izishayamthetho kanye
nabalethi zinkonzo ukuze basebenzisane ekuthombululeni
izinkinga ezidalwa ubhubhane lwe-HIV/AIDS.
Full Story
Sondela eduze…
Iqembu lika-HIVAN likuthatha, wena mfundi, njengobalulekile
kakhulu emzabalazweni wokulwisana nengculazi negciwane
layo (HIV/AIDS). Izinkinga ezibangwa yi HIV/AIDS
siyozixazulula uma sizwana, sibambene futhi sicobelelana
ngolwazi, amasu kanye nobuciko.
Full Story
Ongazhumana Nabo
Ukuvikela Ukuthelela Umntwana Ngegciwane lisuka
kuMama:
Ekuphileni Clinic (Cato Manor, Durban): Le kliniki
inezinhlelo zokuvikela ukudlulisela igciwane kumntwana
lisuka kumama ukusiza abakhulelwe, ngokubanika
izeluleko ngaphambi nangemuva kokubahlola iHIV
kanye nokutholaka kweNevirapine kulabo abesifazane
abakhulelwe. Loluhlelo lunikeza izaluleko ngokondliwa
kwabantwana kanye nezifundo zokwaluleka abane
HIV. Kuqalwe nohlelo lwemisebenzi eletha imali.
Ungathinta uBen Ntsukane eklinikhi ku 031 261
9843. Ikheli: Ekuphileni Clinic, 33 Bellair Road,
Cato Manor, Durban 4001.
Full Story
|