HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ukunakekelwa eKhaya Lobomi – iKhaya Lobomi Hospice

IKhaya Lobomi volunteer staff members."iKhaya lobomi" kungaba igama elingajwayelekile lendawo lapho abantu befika bezohlala ngezinsuku zabo zokugcina, iKhaya Lobomi lisendaweni yase Bothas Hill esifundazweni sakwaZulu Natal lapho kunikezwa khona unakekelo okuyilonalona nakuba kusuke sekusele isikhathi esincane ekutheni amavolontiya apheshe impilo yeziguli. Ihospice yaqala ukusebenza ngoSeptember 2003 uZimele noPatience Mavata, lezi izithandani ezingasebenzi ezihlala kwa Nyuswa ezisiza labo abahlukunyezwe isandulela ngculazi nengculazi.

Basizwa iminikelo yangaphandle kanye nabazizamela kona ukubhekelela izindleko, iHospice ibisendaweni eyishibhi ebelingasasetshenziswa eseValley kodwa bekuvuza phezulu, kwasekuqoqwa imali yokuthelela indawo engaphezu kuka R1000 ngenyanga ukuze bathole enye indawo. Ngosizo loMqondisi wesifunda seZempilo, uProfesa Ronald Green – Thompson, abakwa Mavata bacela ukusebenzisa isikole somphakathi esingasasetshenziswa esiseduze nomtholampilo wesifo sofuba iMackenzie, kuze kwakhiwe isakhiwo esisha saloluhlelo endaweni efanelekile kwaNyuswa. Lendawo entsha ezokwakhiwa kuzobanjiswana noDepartment of Traditional and Local Government’s Rural Development Facilitation project futhi kufanele ibe isiphelile ngenyanga kaJuly 2004.

Nakuba indawo yesikhashana isiyenziwe kangcono, la kunezindawo ezimbili ezahlukene iwodi yabesifazane neyabesilisa, isigcinampahla, ikhishi elinogesi namanzi ompompi nezinkinga nazo zisekhona. Upatience uchaza uthi "baqhele kakhulu emphakathini wabo". Manje kufanele amavolontiya, iziguli kanye namalunga emindeni bakhokhe imali eningi yokugibela kodwa la kungcono ngoba singasiza nangomtholampilo, kube khona udokotela njalo ngoLwesine ntambama".

Umnikelo wokudla, izingubo zokugqoka nezokulala kanye nemithi kuhlale kudingeka ngasosonke isikhathi. UPatience uthi "iBritish Consulate isinikele ngamagloves kanye nesibhedlela saseWestville kanye neParklands babenosizo olukhulu." Basinikeze imibhede, ubisi lokuncelisa izingane nezinye izinto zokuhlenga. Amalunga asebenza esibhedlela ancoma kakhulu izinga lokunakekela elinikezwa amavolontiya kangangoba sebebathembise ukubaqeqesha ngokwengeza amakhono abo obuhlengikazi.

"Okwamanje sinemibhede eyishumi nesikhombisa," kusho uPatience, umhlengikazi oqeqeshiwe," kodwa ukuba nombhede akwanele ukuthi kungamukelwa isiguli. Kufanele bahlole isimo ukuqiniseka ukuthi osegula kakhulu anganikezwa unakekelo olunzulu. Ngaphandle kokudla nemithi, kuya ngezidingo zomuntu ngamunye,kulokhu kungabalwa izingubo zokulala amashidi ombhede kanye nezinye izinto, kodwa kungenzeka kube nezindleko zomngcwabo uma engekho ongaphonsa esivivaneni kumalunga omndeni. Abasebenzi baseHospice baqaphela ukufa kwabantu abadala baphinde basize ekutholeni umxhaso wezintandane.

Ikhaya Lobomi volunteer: Dudu Mkhize (left) with founder Patience MavataUma iminikelo yemali yenziwe, iyabiwa ngononina kuya ngezidingo zeziguli ezingaphakathi bese kunakwa nezingahlali khona, bese kulandela izintandane nezingane ezidingayo, bese kuba amavolontiya uma kwenzekile kube amalunga omphakathi wonkana odingayo. "Ngezinye izikhathi, izingane zomama abasuke beze emtholampilo basuke behlezi emanzini," uPatience watshela uSondela. "Sidinga indawo ezoba igumbi lezingane, njengoba sinemibhede emibili yokulala izingane njengamanje, kodwa sincamela ukuthi izingane sizinakekele ekhaya lazo kunokuthi zibe eHospice. Uma izingane zishona ngaphambi kweziguli ezindala, lokhu kubanga ukuthi bahlukumezeke kakhulu ngokomoya."

Umbono kaMavata ngesikhathi esizayo ngekhaya Lobomi kumbandakanya, izindlu eziphephile zezintandane, ezinamaqhungwane amabili, aqhelile kwiHospice, futhi yakhelwe ukunikeza izingane indawo ehlanzekile futhi ephephile emphakathini. Igumbi ngalinye lizokwakhiwa ngokuthi likwazi ukuhlalisa izingane ezine, egumbini lesibili kuzoba nezingane ezincane ezimbili nomzali ogadile, kuzoba kuhamba nekhishi kanye nendlu encane. Amalunga omphakathi iwona azokwakha lezakhiwo,’ kusho uPatience futhi sicabanga nokufaka amalunga ethu akhubazekile ngokuthi asize izingane ngomsebenzi wazo wesikole wasemakhaya ntambama.

"Kubalulekile ukuthi izingane zikhuliswe ngolwazi lwempilo yomphakathi, yikhona zizokhula zingazizwa zinganakiwe," uyachaza. Bangakhoseleka ezindlini eziphephile uma behlala ngaphakathi, bahambe baye esikoleni ukuze bavikeleke ekuhlukumezekeni ngesikhathi ababanakekelayo besemsebenzini. Bangabuyela emakhaya ngempelasonto” Indawo entsha ezokwakhiwa izokwazi ukusiza abantu abangenayo ngalesosikhathi. Ibe nendawo yokuhlala abahlengikazi abazinikele, abazosebenza ubusuku bonke amahora awu 24 benakekela labo abagula kakhulu ukuze bonge nemali yokugibela.

Badinga ngokushesha iminikelo yezinsipho zokugeza, ublishi, ukudla kanye nemithi abazokuthola njalo ngeyanga. Izingubo zezingane zihlale zidingeka, ikakhulukazi kulabo abasuke bezonakekelwa emtholampilo.

"Amavolontiya asethole ukuqeqeshwa ngokunakekelo emakhaya (home-based care) kumhlengikazi uSilvia Williams bexhaswe yiBritish Consulate," kusho uPatience, "kodwa basaludinga uqeqesho olunzulu, nokuthi bakwazi ukuthola ulwazi nezincwadi, ikakhulukazi ngokunakekela abantu ehospice, ngokudla kanye nokululeka". Bazinikele kulomsebenzi futhi baphila ngethemba kuphela okuyilona elibenza baqhubeke nokuthi benze okuningi komakhelwane babo.

Indodakazi endala yakwaMavata uNomana uneminyaka emini, uyathanda ukuvakashela eHospice eyosiza ngemisebenzi yasekhishini. Kujwayelekile kusho uPatience emamatheka. Ngikhumbula ngiqala ukutshala umbila nogogo wami nginalowomnyaka!"

Ukuzinikela nothando olungakhethile oselenze iziguli zaseIkhaya Lobomi ziphinde ziphile. Ngelanga esavakashelwa ngalo uSondela, isiguli esasikhathele kodwa esabesimamatheka, esalethwa ehospice ezinyangeni ezinhlanu ezedlule siphethwe isifo sofuba futhi sesilahle nethemba lokuphila, besiqala ukuzigeza nokuhamba ngezinduku selokhu safika.

Njengawowonke amahospise agcwele umhlaba wonke basebenzisa imbali ujika nelanga njengesisho sokuqinisa ukugxila empilweni,iKhaya Lobomi

uZimele Mavata angathintwa kulezizinamba:
Cell: 082 8345956
Tel: (031) 702 2979
Fax: (031) 702 4612
Email: mavata@mweb.co.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape