HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Izindaba ngokutholakala komxhaso

"Kuwumsebenzi wethu sonke njengabantu baseNingizimu Afrika ukuthi sikhulule abantwana bethu nabantu ababuthaka endlaleni nasebuphofini" Lamazwi ashiwo uDokotela uZola Skweyiya, Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa koMphakathi, kubaholi bezinkolo abangaphezu kwamakhulu amabili bekade behlangene kwaZulu-Natal ngenyanga kaOctober 2003. Lena beku enye yezimbizo eziningi ebibanjwe uNqgongqoshe ukuzochazela amalunga omphakathi nezinhlangano zomphakathi kulolonke leli ngonyaka ophelile.

UDokotela uZola Skweyiya wacela ubambiswano oluqhubekayo phakathi kwezinhlangano zomphakathi ukuze kuqiniseke ukuthi abahlupheka kakhulu bayakwazi kutholakale usizo lomxhaso, ubone ukuthi izinhlangano zamasonto izona ezingasiza ekuthuthukiseni ukutholakala komixhaso nokubhalisa kwezingane nabantu abadala kumnyango wezasekhaya ngomxhaso wezingane(160 ngenyanga) newabadala (R700 ngenyanga).

Wadlulisa ukubonga ngeqhaza elibalulekile elibanjwe umsakazo womphakathi ngokudlulisa imininingwane mayelana nomkhankaso wokubhalisa owawenziwa Umnyango Wasekhaya. Lomkhankaso uyaqinisekisa ukuthi ukubhalisa akudingi ukuthi ugibele amabanga amade uye emadolobheni nokuyoma emigqeni emahovisi kaHulumeni wasekhaya.Izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu seziyakwazi ukuhlangana ezikhungweni ezisemakhaya lapho omahamba nendlwana bokubhalisa abathunyelwe iziphathi mandla zikaHulumeni eziqhamuka emnyangweni waSekhaya kanye nomnyango wokuThuthukiswa kwezomphakathi amiselwe ukusiza emiphakathini yasemakhaya.

UNqgongqoshe wakucacisa ukuthi iliphi iqhaza elingabanjwa abaholi bezinkolo nabaholi bendabuko yokuxazulula izinkinga zeminyaka okungeyona ekhonjiswe komazisi yabahola impesheni emphakathini yabo. Labaholi bangabhala isitatimende esibizwa ngokuthi iafidavithi enkantolo ukwenza isiqiniseko ngeminyaka yomuntu eyiyo bese kuthunyelwa kumnyango wasekhaya ukuze bakhiphe umazisi omusha.

UDokotela uZola Skweyiya wayephatheke kabi kakhulu mayelana nesimo sokwanda kwezintandane nabadala endaweni ezikude zasemakhaya, washo nokuthi ukhungathekile mayelana nokuphazamiseka okulethwa igciwane lengculazi, indlala nokuhlupheka emiphakathini. "Uma umuntu okumele athole umxhaso engawutholi lokhu kuhlukumeza umndeni wonke nesithunzi sakhe njengomuntu ngeke sikuvumele lokho kwenzeke" Wagcizelela ukuthi kunesidingo sokuthi amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye noHulumeni ukuthi basebenzisane ukuze kuthi imibono ehlukene ngezombusazwe ezindaweni ezisemakhaya nasemadolobheni kungavimbi ukusabalalisa kwamaphasela okudla emphakathini edingayo.

Uphinde wabika mayelana nokusetshenziswa kwezimali ezingeke zibe ngaphansi kuka 1,5 billion rands ezimalini zikaHulummeni ezibekwe kuzozonke izifunda ezinhlelweni zokwehlisa izinga lobuphofu, uhlelo lukazwelonke lokudla okudingakala ngokushesha, ukusekela imiphakathi nonakekelo lwasemakhaya kanye nosizo lwabantwana ngohlelo olusha olubizwa ngokuthi iComprehensive Social Security System.

Uma ufuna ulwazi oluningi, qondisa imibuzo yakho eminyangweni yezokuthuthukisa kwemiphakathi:

Kgati Sathekge

Tel: (012) 312 7775

Fax: (012) 312 7943

Cell: 082 808 9486

Email: kgati.sathekge@socdev.gov.za / or michaelf@socdev.gov.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape