|
Thusanang
- ukunikezela nokucobelelana
UThusanang
isigcinimniningwane esiqukethe ulwazi lomxhaso
naso esixhaswe iUSAID, nayo eyavulwa ngonyaka
odlule iholwa enye yezinhlangano yaseNingizimu
Afrika (ISANGOKO). Ikhasi lesigcini mniningwane
linikeza imininingwane yemixhaso nezindaba ngokuqoqwa
nokufunwa komxhaso, nemibhalo enzulu ngokufunwa
kwezimali neminye imithombo namathuluzi ongawasebenzisa.
IThusanang ihlela ukubhala ibhuku elinemininingwane
yalaba abanikeza imixhaso.
Elinemininingwane yabo yalapho ungabathinta khona,
futhi ikhombise nangalabo abahlukene abanikela
ngezimali, icacise nasemikhakheni abaye bagxile
kuyona. Lenhlangano futhi isahlela nohlwa lwalabo
abasebenza ngokuzinikela.
Inkulumo mbiko eyavela ezingxoweni zeqembu lokuqala
likaThusanang, yayenziwe ngoAugust 2003, yaba
impumelelo, ababebambe iqhaza babejabule,beqhamuka
nemibono emihle emhlanganweni, benomfutho futhi
behlangene. Iqembu likaThusanang lathi bayaqguqguzelwa
kodwa futhi banezinselelo uma benikeza ulwazi,
amathuluzi nokudlulisela ulwazi nezidingo ezifana
nalezi:
- Amandla okwakha;
- Izindlela ezikhombisa abasebenza ngokwakhiwa
komxhaso nangokufunwa komxhaso;
- Ukuqhubeka kwezezimali; Izingxoxo kanye nobuhlobo
nabaxhasi;
- Ukutholakala komxhaso kaHulumeni.
Kulezozinhlangano ezazikhona emhlanganweni wamaqembu
ahlanganyelayo ilezi: AIDS Consortium, Catholic
Institute of Education, Coalition of Anglican
Children’s Homes, Girl Guides Association
of South Africa(GGASA), Lifeline South Africa,
Media Institute of Southern Africa (MISA-SA),
NICRO, Wits Law Clinic and Youth Development Network
(YDN).
Uma ufuna olunye ulwazi ngoThusanang, ungabathinta:
PO Box 31, Johannesburg 2000
13th Floor, Longsbank Building, 187 Bree Street,
Johannesburg 2001
Ucingo: (011) 838 6943
Fax: (011 492 1058)
Email: thusanang@sangonet.org.za
Website: www.thusanang.org.za
<<Back
|