HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ulwazi Ngemixhaso Yabantulayo
INGXENYE I

Home-based care volunteers from the uThukela region in KZN attended a workshop hosted by HIVAN in the Bergville Farmers' Hall in January 2002.

Umthombo: Isuselwa ephephandabeni i The Independent on Saturday, 23 Feb 2002. Courtesy of Independent Newspapers (Pty) Ltd

Izimali zomphakathi zitholakala kuhulumeni uma umuntu enokuncane kakhulu okanye engena lutho okokudla noma indawo yokulala. Lemali ivela oxhasweni lukahulumeni olutholakala nge ntela noma kweminye imithombo. Kunemithetho ekumelwe ilandelwe ukuqiniseka ukuthi itholwa yilabo abadingayo kuphela.

Izakhamizi zase South Afrika kuphela ezamukelekile ukuthola lemali. Uma usendaweni kahulumeni, lapho wondliwa khona ngokudla, njengase khaya labadala like hulumeni, isejele, esibhedlela sabagula ngengqondo, okanye esikhungweni sokulapha nokunakekela angeke wayithola lemali. Uma ke wenza isicelo, izikhulu ziyo bheka ukuthi ngabe ayikho yini imali oyitholayo (umholo, impesheni, irenti ekhokhwa kuwe). Uma ikhona futhi iningi imali oyitholayo kwezinye izinto, iyobancane oyoyithola kulezimali zomphakathi. Uma ungumnikazi wendawo ohlala kuyo inani layo angeke lithathwe njengempahlayakho, kodwa isicelo singaphikiswa uma unokuningi kakhulu.

Icelwa kuphi futhi kanjani lemali:

Yenza isicelo ehhovisi lezeNhlalakahle eliseduze. Uma lingekho eliseduze qonda enkantolo yeMantshi. Uma ungeke ukwazi ukuzihambela, thumela isihlobo noma umngani nemvume ebhaliwe nesitifiketi sikadokotela esishoyo ukuthi awukwazi ukuzizela. Uma ungakwazi ukugcwalisa ifomu yesicelo, iyogcwaliswa bese ibhekwa nezincwadi zakho isikhulu esisehhovisi ukhona nawe bese usayina. Uyobe usuthola ikhophi egcwalisiwe yesicelo sakho esayiniwe nesistembu esinosuku. Negama lesikhulu esikusizile liyobe libhaliwe kuleyo khophi. Kudingeka uyigcine njengesiqiniseko sokuthi usifakile isicelo semali. Akubizi mali ukufaka isicelo salomxhaso. Uma nje isicelo sakho singamukeleki, uyothola incazelo echazayo ukuthi yini inkinga.

Nyiyoqala nini ke ukuthola imali?

Loku kuyehlukana ngezifundazwe, kodwa mele ulindele ukuthola imali zingakapheli izinyanga ezi-3. Ngesikhathi ufaka isicelo, uyotshelwa ukuthi uyokhokhelwa nini. Ungakwazi ubuza ngocingo eMnyangweni wezeNhlalakahle. Inamba yamahhala: 0800 220250.

Ikhokhwakhelwa kanjani lemali kibantu:

Lemali ithokakala kanye ngenyanga. Ngesikhathi okwamukelwa ngaso isicelo sakho, ukhokhelwa yonke imali iphelele kusuka ngosuku owafaka ngalo isicelo. Eyokukhokhela izingane kusukela ngosuku okwanquma ngalo inkantolo ukuba ingane ibe ngaphansi kwalowo mzali. Uma ufaka isicelo, tshela isikhulu ukuthi ufisa ukukhokhelwa kanjani. Kunezindleala ezibaliwe: 1) eposini, 2) kwi akhawnti yasebhanke, 3) ngokheshi eMnyangweni wezeNhlalakahle, 4) ngokheshi emshinini ehhovisi lezeNhlalakahle (ubeka isandla /ikhadi lakho esibukweni bese umshini ukukhokhela imali okumele uyithole, uma ingekho imali kuphuma iphepha elikuchazelayo), 5) ngoku thunyelwa isheke, 6) uma uhlala esikhungweni esithile bayolamukela isheke egameni lakho.

Uma ungakwazi ukulanda imali:

Uma ungeke ukwazi ukuzilandela imali qobolwakho ungaqoka umuntu ukuba akulandele. Kumele isayine ifomu elibizwa ngikuthi "Amandla oMmeli" elivumela umuntu omqokile ukuba akulandele imali yakho. Ungalithola lelifomu ehhovisi lezeNhlalakahle.

Khumbula:
Umnyango wezeNhlalakahle uyosibhekisisa isimo okuso minyaka yonke. Uma imali yakho ima ukuphuma, shaya ucingo noma uye ehhovisi lezeNhlalakahle eliseduze. Uma ungagculisekile ngosebenzela ezeNhlalakahle, shayela ucingo ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnum Zola Skweyiya:

Ucingo: 012 312 7636
Fax: 012 325 7071

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape