HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Okuvelele

Kuzo zonke izigamu ze-SONDELA, sizofaka indaba ngelunga lomphakathi wa KwaZulu Natal (KZN), elisebenza ngokuzimisela okukhulu emzabalazweni wobhubhane lwe sandulelangculazi / ingculazi (HIV/AIDS). Baningi abazinikele ukunakekela nokusiza abantu abane-HIV/AIDS, banikela ngesikhathi nomdlandla wabo ngenxa yothando nokuthinteka. Ngakho-ke angeke angatuswa amaqhawe enjenga lawa, I-SONDELA izohuba ngengila iqhakambise iqhawe ngalinye ngesikhathi. Kulokhu sihlangana no:

Nks Doris Mkhosi ovela e-Bergville

Kusukela ngo-1999, ngesikhathi ethole uqeqesho kwi Home Based Care (uNakelelo lwase Khaya) ngohlelo lwe-World Vision, ebambisene noMnyango wezeMpilo. Ubukeka enamahloni nothando, uNks Mkhosi uhambela amakhaya endaweni yase Bergville, oThukela.

Cishe uphelile unyaka, enakekela indoda egulela ukufa kanye ndodakazi yayo eneminyaka eyi-10, emzini wakhe. Unkosikazi walendoda washona ephethwe I-HIV/AIDS okwabangela nokuthi nendodakzi yabo iyeke ukufunda kuze isize uyise ogulayo. Emva kokuba uNks Mhkosi ebanike ikhaya elinothando nentokomalo, intombazanyana yabuyela esikoleni nendoda, eyabe isigulela ukufa, yathokozela impilo eyenziwe ncoco. Unks Mkhosi wayemnike izeluleko nge-HIV/AIDS, nayo lendoda yasemukela isimo ekuso seHIV. Intombazane incono kakhulu futhi iyathokoza ukuba esikoleni.

Lomndeni ungowokuqala ukunakekelwa nguNks Mkhosi emzini wakhe futhi kuyisinyathelo sobuqhawe njengoba umyeni wakhe esathatha umhlalaphansi ebuthisheleni. Alikho elinye ilunga lomndeni ebibanika imali. Loku kungimsebenzi wosuku kuye njengoba emelana nawo (phezu komsebenzi wekhaya lakhe) kanye nokuhambela banye abagulila emakhaya abo. UNks Mkhosi uyachaza: "Ngizinikele kulokhu, ngakho ngihlela isikhathi ngokucophelela. Ngenza yonke imisebenzi yasekhaya ukuze ngikwazi ukuhambela abagulela emzini yabo.

UNks Mkhosi uthi ukukholelwa kwakhe ekutheni iziguli ze HIV/AIDS zinelungelo lokushiya lomhlaba ngesizotha futhi lokho kuyamsiza uma ebhekene nogulayo isikhathi eside. Umngani wakhe oqondayo futhi oseke wahlangabenzana nalesimo uthi wazizwa ehambaze enokwesaba okushaqisayo nokuphula inhliziyo mhla ebona isinyathelo sokugcina se-AIDS ngenkathi ehambele esibhedlela sase Emmaus, Bergville.

Kunezinto ezinengcindezi futhi zidinga isixazululo. UNks Mkhosi uchaza ukuthi ngenkathi unkosikazi wesiguli sakhe eshona, zabe singekho isitifiketi sokuzalwa noma sokufa. Isiguli sakhe kuphela esabe sinomazisi. Ngaleyo ndlela, kulukhuni ukuthola isitifiketi sokuzalwa kwentombazane yabo ukuze kutholakale imali esikhwameni soMnyangweni weZokuthuthukiswa koMphakathi. "Isiguli sesiluleme futhi sekubonakala izicubu emzimbeni, kodwa akanawo umdladla, udinga nje umtholampilo, okuyimali yokugibela okumele iphume kimi. Ngayiyisa empeshenini (indoda) ukuyorejista ngo August, kodwa masibuyela nyangazonke ingekho imali". Njengoba kubhalwa ngalendaba nje ayikaze uphume imali.

Emaphethelweni enkulumo yethu, uNks Mkhosi wabhekisa phansi ikhanda, walilela phansi. Wathi lezo kwakuyizinyembezi zenjabulo, emva kokuzwa ngezindaba eziletha ithemba ngama NGO's asebenza ukuthola izincwadi / izitifiketi zeziguli ezisemakhaya (HBC). Kodwa kwaba yithi esezwa sithinteka imiphefumulo ngokuxoxa naye- ngoba kuyinduduzo ukuzwa ukuthi kunezi ngelosi namaqhawe ahamba emhlabeni, Bergville, efafaze uTHANDO noku KHANYA

OKUBALULEKILE

Ukubhalisa intandane, udinga isitifiketi sokuzalwa somntwana kanye sokufa kwabazali. Abezenhlalakahle abaningi bathwala umsebenzi wokuthola lokhu kuMnyango Wezasekhaya kanti futhi amalungu amaningi omphakathi awacaciselekile kahle ngalokhu. Emva kokuthola imininingwane eyenele, I-HIVAN iyoshicilela leyo mininingwanwe kwi-SONDELA nakusigcini'mniningwane (website) sama NGO & CBO aphethe izinhlelo ezigxile kwezezi-tifiketi. Ukuthola ulwazi oluthe xaxa ngezinhlobo nenani lezimali zomphakathi, bheka ikhasi …….

Imininingwane Ewusizo:

Isisyatholakala incwajana entsha yomphakathi emayelana nokusiza izintandane, ihlelwe iSenta Yamalungelo Ezingane yaseThekwini (Durban Children's Right Centre). Xhumana no: Noreen Ramsden ngocingo ku: 031 307 6075

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape