|
Ubambiswano
 |
| Community
representatives gathered on the University of KwaZulu-Natal's Durban campus at HIVAN's Community
Symposium in January this year |
Isenta yokuxhumanisa nge HIV/AIDS (HIVAN), ezinze
eNyuvesi yase Natali, eThekwini, ugqugquzela ubudlelwano
bayo yonke indlela phakathi kwezigungu ezilwisana
ne HIV/AIDS, KwaZulu Natal. I-HIVAN isebenza ukuxhumanisa
imiphakathi, abacwaningi, izishayamthetho kanye
nabalethi zinkonzo ukuze basebenzisane ekuthombululeni
izinkinga ezidalwa ubhubhane lwe-HIV/AIDS.
Izikhali zokuxhumanisa zika HIVAN zibandakanya,
isigcini'mniningane sabantu nezigungu zabo, okulotshiwe
ngezifundo ze HIV/AIDS kanye nemihlangano nalabo
ababambe iqhaza. I-HIVAN ibuye yengamele izinhlelo
zokushintshana ngemisebenzi, exhasa labo abasebenza
nge- HIV/AIDS emiphakathini KwaZulu-Natal ukuba
bahambele amazwe ase-Afrika ukuze bashintshane
ngesispiliyoni nolwazi.
I-HIVAN isebenza ngokusondelana nezinhlelo zokushintsha
izimilo/ukuziphatha (BCP) kulesifundazwe KwaZulu
Natal, okwenza ingxenye yezigingu ezizinze emiphakathini
(CBO). I-BCP ibandakanya uhlelo olubanzi lokushintsha
kwesimilo, yize lezo zinhlelo zibhekene ne HIV/AIDS,
isithombe sibanzi kakhulu.
Ekubumbaneni ne BCP kanye ne CBO KwaZulu Natal,
I-HIVAN yaba nomhlangano wezinsuku ezimbili (28
& 29 Januwari 2002). Izithenjwa ezaziqokwe
ukumela imiphakathi zahlangana eNyuvesi yase Natal,
eThekwini ukuxoxa ngezimo abahlangabezana nazo
emzabalazweni wokulwa ne HIV/AIDS. Lezithenjwa
zaziqhamuka kuwo wonke amarijini KwaZulu Natal
kanye nasemiphakathini lapho i-HIVAN enezinhlelo
kuyo: Embo, Cato Manor kanye ne-Bergville/Winterton.
Lomhlangano wenza ukuba izithenjwa ezimele imiphakathi
zikwazi ukuchaza ngeqhaza ezilibambile kwi-HIV/AIDS
kuleyo rijini ngayinye kulesifundazwe saKwaZulu
Natal. Lokhu kwaku ngumhlahlandlela wezinhlelo
zemiphakathi kwababambe iqhaza, nokuqhakambisa
izidingo kanye nezixazululo zezinkinga ezidalwa
iHIV/AIDS. Ngokucacile, muningi kakhulu umsebenzi
omuhle owenziwa abalwisana ne HIV/AIDS emiphakathini
lapho kuqamuka khona lezi zithenjwa. Iningi labo
lalicela usizo ngokuqeqeshwa, ukuqongelela izimali,
kuhxumanisa nokudidiyela izinhlelo abazenzayo.
Inhloso ye-HIVAN ukubaxhumanisa nalabo abangathola
kubo usizo.
Isigungu esibandakanya iHIVAN ne BCP saqokwa
ukuze sibhekele okumele kwenziwe futhi sisebenzisane
nalabo ababambe iqhaza, ukugqugquzela imihlangano
kumarijini nako-hulumeni basekhaya, abamele ama
CBO nama NGO. Lemihlangano iyothinta izihloko
ezibalulekile nge HIV/AIDS.
Ukuthola imininingwane
egcwele ngikusebenzisana kuka HIVAN nemiphakathi,
thintana no:
Moses Ndlovu noma uCedric Mhlongo
Ngocingo:
031-260 2538
Nge fax:
031-260 3169
Nge email:
community@hivan.org.za
<<Back
|