| BUZA
ONGCWETI
Enye
yezinhloso zeHIVAN ukuxhumanisa iziyingi ezahlukene
zompakathi nokwandisa ulwazi ngesandulelangculazi
/ ingculazi (HIV/AIDS). Ukuzinza kuka-HIVAN eNyuvesi
yaseNatal kusenza sibe namathuba okuthola amasu
ahlakaniphile aqhamuka kuso lesikhungo noma kwezinye
izikhungo zomphakathi, nakulezo ezizimele - lokho
kusho ukutholakala kolwazi olujulile nge HIV/AIDS.
Ukudlulisa lolu lwazi, siyoshicilela kuzo zonke
izigamu ze-Sondela, imibuzo yenu kanye nezimpendulo
zayo ezivela kumcwaningi oqeqeshiwe kulowo mukhakha.
Ngaleyo ndlela imibuzo nezimpendulo kuyofundwa
ngabantu abaningi futhi bacobelelane ulwazi ezindaweni
ezahlukene kulesifunda, KwaZulu Natal. Asikho-ke
isidingo sokusho imininingwane yakho uma umbuzo
wakho uyimfihlo. Kuze uthole izeluleko nge HIV/AIDS,
buza ONGCWETI!
Kulesigamu, uSolwazi Anna Coutsoudis, ovela
kumnyango we- Paediatrics and Child Health e-Nelson
R Mandela School of Medicine, kuyo le Nyuvesi,
uchaza iphuzu lokuthi kumele umntwana anceliswe
ubisi lwebele noma ubisi lokuthengwa uma ezelwe
umama one - HIV/AIDS.
Umbuzo: Ngine HIV futhi ngikhulelwe. Yize noma
ngiyokuthola ukwelashwa nge-Nevirapine uma sengiteta,
ngikhathazekile ukuthi ngingamncelisa kanjani
umntwana ngaphandle kokumthelela ngegciwane le
HIV?
Impendulo: Ucwaningo lukhombisile ukuthi indlela
encono yokuncelisa umntwana wakho, uma une HIV
egazini, ukumncelisa ubisi lwebele kuphela izinyanga
ezi- 6 zokuqala ezelwe. Kakhulukazi uma uhlala
endaweni engenawo amanzi ahlanzelike.
Uma
umncelisa ngedlela exubile (ubisi lwebele noluthengwayo)
umntwana wakho, maningi (15%) amathuba okumthelela
nge-HIV kanti uma umondla ngobisi lwebele kuphela
mancane kakhulu (5%) amathuba okumthelela.
Ubuhle bokondla ngobisi lwebele kuphela ukuthi
uma usana lwazalwa seluvele lune-HIV (noma ngabe
wawelashiwe nge Nevirapine akhona amathuba (12%)
okuthelela usana), kunempilo futhi kuthatha isikhathi
eside ukuba abe ne AIDS kunomntwana oncela ubisi
lokuthengwa. Lokhu kubangelwa ukuthi ubisi lokuthengwa
alunazo izithako zemvelo namasosha omzimba avikela
ezifweni. Abantwana basemaphandleni bahlaselwa
kakula yizifo ezifana no hudo, inyumoniya (ehlasela
amaphaphu) ngakho badinga lowo msoco ovela obisini
lwebele kuphela.
INDLELA EPHEPHILE YOKUNCELISA NGEBELE:
Ncelisa
ngebele kuphela ezinyangeni ezi-6 zokuqala. Lokhu
kusho ukuthi awumniki ngisho amanzi noma ijusi
nje umntanakho , ngaphandle kobisi lwebele kuphela.
Ezinyangeni ezi-6 zempilo yomntanakho, ubisi lwebele
luqukethe konke okudingwa umzimba. Uma umondla
ngezinye izinto, hleze ulimaze ingaphakathi lesisu
sakhe bese kuba lula ukuhlaselwa izifo. Emva kwalokho,
emasontweni amabili kuya kwamane, ungashintshela
obisini oluthengwayo, obisini lwebele olubilisiwe
kanye zezinye izidlo.
Nakekela kakhulu izingono namabele ngesikhathi
uncelisa. Beka amaqabunga amaklabishi emabeleni
akho ukukhulula uthambise amabele avalekile. Lokhu
kuvikela ukuhluma kwe-mastitis (short description
) okubeka engozini yokudlulisa I-HIV kumntwana.
Uma usola okuthile ngamabele akho, vakashela
abezempilo ngokushesha. Uma kunesilonda noma iyiphi
inkinga kwelilodwa lamabele akho, khama bese ulahle
ubisi oluphume kulelobele. Ncelisa umntanakho
kuleli elingena lutho lize lisinde naleli ebelinenkinga.
Uma umntanakho emilwa izilonda emlonyeni (thrush),
muyise emtholampilo ngokushesha aze asinde kuphele
izilonda emlonyeni.
Sebenzisa ikhondomu ukuvikela ukuthola i-HIV
kabusha. Uma uhlaselwa / ungenwa I-HIV kaningi,
kunyuka izinga legciwane le-HIV egazini kuwe bese
lokho kwenze ukuthi libe liningi igciwane le-HIV
elingatheleleka kumntanakho.
<<Back
|