| Ongazhumana
Nabo
Ukuvikela Ukuthelela Umntwana Ngegciwane
lisuka kuMama:
Ekuphileni Clinic (Cato Manor, Durban): Le kliniki
inezinhlelo zokuvikela ukudlulisela igciwane kumntwana
lisuka kumama ukusiza abakhulelwe, ngokubanika
izeluleko ngaphambi nangemuva kokubahlola iHIV
kanye nokutholaka kweNevirapine kulabo abesifazane
abakhulelwe. Loluhlelo lunikeza izaluleko ngokondliwa
kwabantwana kanye nezifundo zokwaluleka abane
HIV. Kuqalwe nohlelo lwemisebenzi eletha imali.
Ungathinta uBen Ntsukane eklinikhi ku 031 261
9843. Ikheli: Ekuphileni Clinic, 33 Bellair Road,
Cato Manor, Durban 4001.
Ukuletha Imali/Uhlelo lwentsha
uThukela
District Child Survival Project's HIV-MED programme:
Ubuciko bezokuphatha nnezamabhizinisi kuyafundiswa
kwabesifazane, entsheni nakubafundi abavela emakhaya
anabagulayo okanye labo abamukele izingane eziyizintandane.
Ukubahambela emakhaya kunikeza isiqiniseko ngenqubekela
phambili nonakekelo oluqhubekayo. Thintana no
Phumzile Ndlovu, Sindi Dube, noma uBongani Miya
e-Bergville: P. O. Box 37, Bergville 3350. Ngocingo:
036 448 1563 noma nge fax: 036 448 1389.
Embo Masakhane Community Development Organisation
(EMDCO): Lesikhungo sinezinhlelo zentsha zokungenisa
imali endaweni yaseSipingo. Izinhlelo zokuthunga,
ezezingadini, ukuzalanisa izinkukhu nezingulube
kanye nokwenza amajusi ezithelo. I-EMDCO ibhekele
kakhulu kazi ukuphathwa nokuxhumanisa izinhlelo
zentsha. Oyi- menenja, u Nonsikelelo Ngcongo kanye
mholi wentsha, uThembinkosi Shezi, bathinteka
ngeposi: P O Box 24441, Isipingo, 4110. Ngocingo:
031 308 8383.
Uxhaso Lwezimali
KZN branch of the AIDS Foundation of South Africa:
Laba ke banikela ngezimali zoxhaso ezinhlanganweni
ezizimele (NGO) kanye nezinhlangano ezisebenza
nomphakathi (CBO), ezinhlelweni ze-HIV/AIDS. Thintana
no Karen Guy, P O Box 50582, Musgrave, Durban,
4062. Ngocingo: 031 2026520 noma nge-fax: 031
2029522
<<Back
|