|
Masibambane
Njengengxenye yohlelo locwaningo, iHIVAN ixhase
iprojethi ebheka "Ukwenza Komphakathi Mayelana
ne HIV/AIDS KwaZulu-Natali", emsebenzini
emikhulu nemincane eyenziwa imiphakathi ebambe
iqhaza ekwenzeni izinhlelo zibe impumelelo. Abacwaningi
basemphakathini uS’bongile Maimane kanye
no Zweni Sibiya babehambisana no Judith King ovela
ophikweni lokucoshela izindaba eHIVAN ukuvakashela
esigcemeni seprojethi yase Adams Mission.
Indaba egcwele
Usuku Lwe Children
First
Children First, okusho ukuthi abantwana kuqala,
inhlangano eyiNGO ezinze eThekwini egqugquzela
futhi ivikele amalungelo nenhlalakalhe yabantwana,
yamema abangani, abalingani kanye nezinhlangano
ebambisene nazo ukwenza uSuku Lokuvikela ukuHlukumezeka
Kwezingane eMhlabeni” ngomhlaka 19 Nevember
2002. Usuku lwanikelwa ezinganeni, nezethenjwa
ezivela emiphakathini ehlukahlukene kanye nezinhlango
nozamalungelo ezingane zithokozela ukukhombisa
imibukiso, zigida kanye nokudla eDiakonia Centre
emgwaqeni uSt Andrew's, eThekwini.
Indaba egcwele
Sinikithemba
choir isebenzise
Lisinika Ithemba Iqembu lomculo lase McCord
Hospital liyaphesheya kwezilwandle eUSA
Iqembu lezomculo, I-Mc Cord Hospital Sinikithemba
choir isebenzise amaphimbo ayo amnandi ogwini
oluseMpumalanga kwelase-Melika (USA) ngo-November
ka 2002, ngesikhathi isohambweni lokuthuthukisa
isikhwama sezimali sezinhlelo ze-AIDS ye Church
World Services in Africa.
Indaba egcwele
UMPHAKATHI
WASE NYUVESI UNIKELA KWI HILLCREST AIDS CENTRE
TRUST (HACT)
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uphiko lwabanakekela
nge HIV/AIDS eNyuvesi yase Natali eseThekwini
lwenza isicelo kubafundi nabasebenzi ukuba banikele
ngezingubo zokwembatha nezokugqoka. Lokhu kwabe
kudingeka ngokushesha e-Hillcrest AIDS Centre
Trust (HACT).
Indaba egcwele
Iminikelo
yeThemba Lethu Transition Home nge World AIDS
Day
Ukukhombisa usuku lwe-AIDS emhlabeni wonke,
iCampus HIV/AIDS Unit eseNyuvesi yaseNatali eThekwini
kanye negatsha lalenyuvesi le Treatment Action
Campaign (TAC) bahlela ukuba nomcimbi wokuqongelela
imali ye-khaya, Ithemba Lethu Transition Home.
Indaba egcwele
Amalungelo
Nokumele kwenziwe – Ababoshwa Ne-HIV/AIDS
Inkonzo yesikhumbuzo seziboshwa ezashona ngenxa
ye HIV/AIDS nalezo ezisaphila nayo, yenziwa iNhlangano
yamaLungelo oLuntu eMajele aseNingizimu Afrika
(SAPOHR). Lenkonzo yabe isejele lase Westville
ngo- October 2002. Umqondisi omkhulu we-SAPOHR,uDerrick
Mdluli, wachaza lolosuku njengethuba kulabo kulabo
abeza ukukhumbula ukufa kozakwabo nge-AIDS kanye
nokukhulekela labo abaphila negciwane egazini
nasemiphakthini abavela kuyo.
Indaba egcwele
BASONDEALA
EDUZE…IZIMPENDULO ZABAFUNDI
Ithimba likaSondela selithole imiyalezo eminingana
ekhombisa ukweseka nokichazwa izigamu ezimbili
zokuqala zephephambiko (newsletter).
UMusa Mayisela ovela kwa National Community Radio
Forum (NRCF) wabhala: "Imisakazo eminingi
yazithola zomabili izigamu zika-Sondela. Sibonga
kakhulu ngokubonakalisa iNCRF emphakathini. Lokhu
sekuholele ezinye izinhlangano ezizimele zizimisele
ekusebenzisaneni nathi kwezinye izinhlelo ezahlukene
abanazo".
Indaba egcwele
|
The printed version of HIVAN's Community
Newsletter, Sondela, is printed by
Human Scale Printers - (031) 912 2910/11.
Layout Artist: Thula Ngcobo
|
|