| UHULUMENI
WASEKHAYA UKUBEKEZELA KANYE NOBUHOLI
Ngema kuka2004
Ukuze kuqiniswe izinhlelo ezibhekela ubulili ngosuku
LweNgculazi ngo2004, ngaphansi kwefulegi elithi
“sinakekela ndawonye abesifazane kanye nabantwana”,
ochungechungeni lwemihlangano yokufundisa ngo-Okthoba.
Iqondiswe kubaluleki ngokukhetha ukuhlolwa, abaphathi
bezempilo kanye nokuphepha emsebenzini, abasebenzi
ababheke impilo yabasebenzi abaphhuma kuhulumeni
kanye nasezinhlanganweni ezizimele, izinhloso
zemihlangano zazibandakanya:
• Ukujulisa ukuqonda ngesidingo sokugxila
kwabesifazane kanye namantombazane uma kukhulunywa
ngengculazi,
• Ukwazisa ngekwatholwa umbiko weqembu
likaNobhala wenhlangano yezizwe elibheke abesifazane,
amantombazane kanye nengculazi,
• Ukubheka lombiko osekukhulunywe ngawo
ungasetshenziswa kanjani ezinhlelweni zosuku
lomhlaba lwengculazi, kanye
• Nokubheka ukuthi njengamanzi umsebenzi
wezengculazi uhleleke kanjani ngobulili
Iqembu LinaNobhala labunjwa ngo2003 ukucubungula
eziqondene nabesifazane kanye namantombazane eAfrika
eseNingizimu. Umsebenzi emazingeni aphanzi emazweni
ayisishiyagalolunye kulelizwekazi elinezinga eliphezulu
lengculazi1 , waveza ulwazi olubalulekile ngobubanzi
kanye nobunjalo balesifo, kanye nezindawo eziyisithupha
lapho usizo ludingeka khona kakhulu.
U Vicci Tallis weGAF, oyilungu laleliqembu, wabika
ngalezindawo eziyisithupha embikweni, oveza nezinguquko
ezidingekayo kohulumeni ekusebenziseni umthetho
kanye nokuhlela imigomo kanye nezinhlelo.
Izindawo eziyisithupha ezabalulwa iqembu
elibheke Abesifazane, Amantombazane kanye neNgculazi
• Ukuvikela
Umbiko uveza ukuthi umbandela oqavile oqhubeza
ukwanda kokuzwana kwamantombazanae amancane kanye
nabesilisa abakhulile (ababashiya ngeminyaka esuka
ku5 kuya ngo 10). Ukwehlukana kwamandla kulobudlelwano
kwenza amantombazane aba sengozini yokutheleleka
ngokuhlukunyezwa, ukuxhashazwa kanye nodlame.
Imizamo yokuvikela kumele avume ukuthi mancane
amathuba alamantombazane okwenza izinqumo eziphusile,
ezizimele mayelana nokungayi ocansini, ukwethembeka
kanye nokusebenzisa ijazi.
Umbiko uveza isidingo sokuzibandakanya kukahulumeni
emizamweni egxilisa ulwazi lomphakathi ngendlela
ubudlelwano ngezocansi phakathi kwamantombazane
kanye namadoda amadala kunawo, obungamukelekile,
obuhlukumeza ngayo kanye nokungabi semthethweni
kwabo. Uhulumeni kumele abone futhi ukuthi imizamo
enikeza abesifazane izwi esixazululweni futhi
edingida ngqo izindaba ezingamahlazo idinga “izindawo
eziphephile” zokuphikisana.
• Imfundo
Yize noma ukubhalisa kwamantombazane ezikoleni
eAfrika eseNingizimu kuphezulu kakhulu kunokwabafana,
inselelo ukugcina lamantombazane esesikoleni.
Ubufakazi bukhomba ukuthi amantombazane ayashiya
esikoleni uma eseyizintandane, noma ayonakekela
abagulayo, noma ngenxa yomthelela wengculazi kwezomnotho
womndeni.
Ukulekelelwa noma ukuyekwa kokukhokha izimali
zesikole kanye nokugcina intengo yezincwadi kanye
nemifaniswano iphansi ezinye zezinto ezidinga
uhulumeni acabange ngobuchule. E Namibia kanye
naseSwazini, usizo lwezomnotho luyanikezwa ezikoleni
ezikhungethwe ububha, kanye nezimpesheni emindenini
ehlwempu kanye namathuba okwenza imali emantombazaneni.
Izindlela zokufunda ezishintshshintshayo njengezikathi
ezimbili zokufunda, ukufunda amabanga amaningi
kanyekanye, ukufunda ngeposi kanye nezinhlelo
ezincane zokufunda zingezinye izindlela. Ukufundisa
ngomsakazo kanye namalungu omphakathi ezindaweni
zomphakathi kube yimpumelelo eZambia kanye naseMalawi.
• Udlame
Udlame lunysa ingozi yokutheleleka ngengculazi.
Ukwelashwa okusheshayo (njengaloko okwenziwa kwabahlukunyeziwe)
kungavimbela ukutheleleka, kodwa ekugcineni ucwaningo
luveza ukuthi umthelela wokuhlunyezwa ngokocansi
usho ukuthi owesifazane noma intombazane iyozibandakanya
emikhubeni eyingozi ngokuqhubeka nempilo.
Imizamo esemazingeni aphansi enikeza umpheme kanye
nokweluleka kanye nokukhuthaza ukufinyelela osizweni
lwezempilo ibalulekile. Uhulumeni waseNingizimu
Afrika, usebenzisana nezinhlangano ezizimele,
usuwakhe izikhungo ezingaphezu kuka90 ezinika
lonke usizo kulabo abasinde odlameni lwasemakhaya
kanye nasekuhlukunyezweni ngokocansi. Lezikhungo
zinamaPhoyisa, oSonhlalakahle, Abeluleki kanye
nabezeMpilo. Inani elikhulayo labesilisa eselingenele
impi yokulwa nokuhlukumeza ngezocansi. Elinye
iqembu elenza lokhu iSouth African NGO Men For
Change.
• Izimpahla kanye namafa
Izinselelo zomthetho kahulumeni kanye nowesintu
zibandakanya ukunqatshelwa kwamalungelo abesifazane
ukuthatha ifa lomhlaba noma izimpahla. Ukuhlupheka
ngemuva kokushona komyeni, umasihlalisane noma
umzali kungafaka owesifazane engxakini enkulu
yokuxhashazwa, udlame kanye nokuthelelwa ngengculazi.
Usizo olungasetshenziswa uhulumeni libandakanya
izindlela zokubuyisela impahla ephucwe umnikazi,
ukuqeqeshwa kwabeluleki kwezomthetho ukunikeza
izeluleko kanye nosizo, ukulungisa izinhlelo zokuphathwa
komhlaba, ukufaka ezinhlelweni kwamalungelo ezamafa
kanye nokuhlelwa kwamafa ezindaweni ezehlukene.
• Abesifazane kanye namantombazane
njengabanakekeli
Abesifazane isikhathi esiningi bayazikhethela
ukubheka izintandane, abagulayo kanye nabashonayo
emphakathini. Incane inzuzo ehlanganiswa nalemisebenzi
ebabeka engozini enkulu yokutheleleka. Umbiko
ukhuthazela uhlaka lwamavolontiya ukucacisa izikhathi
zomsebenzi, inkokhelo, ukulekelelwa kwezomqondo
kanye nokunye ukuvikelwa okudingekayo ukwenza
lomsebenzi. Izinto ezizokwenza kusebenzeke kalula
njengamagilavu, izihlanzi kanye nokudla kumele
kunikezwe. Kuphinde kuphakanyiswe nokuthi bafakwe
emisebenzini enenzuzo.
• Izinqginamba ekutholeni usizo
kanye nokwelashwa
Umbiko uveza ukwesabela ukucwaswa, udlame kanye
nokubandlululwa uma uveza isimo sakho ngengculazi
njengezithiyo ezinkulu ekufinyeleleni kwabesifazane
ekunakekelweni kanye nasekwelashweni. Imizamo
edlulayo kwabesifazane iye kulabo ababambisene
nabo kanye nemiphakathi abakuya iyadingidwa. Ukubandakanywa
kwabesilisa ohlelweni lokuvikela ukutheleleka
komntwana ozalwayo kanye neminye imizamo kungenye
yezindlela ezidinga ukubhekwa.
Amathuba okuqeqeshwa nge eThekwini AIDS
Programme: 2005
Umnyango wohlelo lwengculazi waseThekwini (AIDS
Programme) uzonikeza izinhlobo ezehlukene zoqeqesho
ngo2005. NgoMashi 2005, abahleli abayisishiyagalolunye,
abamele izinhla ezehlukene, bazosebenza njengomxhumanisi
phakathi komphakathi kanye neAIDS Programme. Abahleli
bazoba nomsebenzi wokwakha izigungu kanye nokwenza
kutholakale izinsiza kanye noqeqesho.
Enye yezinto ezizobe zibalulekile ngo 2005 kuzoba
ukusiza abeluleki kanye nezinhlangano zomphakathi
ukwakha kanye nokuthola imvume yokwenza izikhungo
zokuzinikela ukweluleka kanye nokuhlolwa (VCT).
I AIDS Programme inohla lwezinto ezingenziwa nezingatholakala
ezingasetshenziswa uma kwenziwa lokhu. Uma kubhekwa
ukuthi umthetho umisa umsebenzi wabeluleki ekuhloleni,
Izinhlangano zomphakathi kanye nabeluleki bayakhuthazwa
ukuxhumana nabahlengikazi asebethathe umhlalaphansi
kanye nodokotela uma benza loluhlelo.
Ohlelweni olujabulisayo, umkhandlu, nemali ozoyithola
kuhulumeni omkhulu, uzokhipha uhlelo lokuqeqesha
onompilo oluthatha izinsuku eziwu 59. Lomgodla
wokuqeqesha ohlonishwayo ngu Mthetho Wokuthuthukiswa
kwamaKhono, ubanzi futhi uqukethe izihloko ezisuka
ekuzinikeleni ekwelulekweni kanye nokuhlola, ukuvikela
kokutheleleka kwabantwana abazalwayo, kanye namakhambi
adambisa ingculazi. Ukuqale kuhlolwe, ukuhlolwa
masonto onke, ukwenza ngezandla kanye nokuvivinywa
kokugcina iyona ndlela yokuhlola esetshenziswayo.
Uqeqeso lubandakanya amathuba okusebenzisa amakhono
ekufundiseni ontanga, ukweluleka kanye nobunompilo.
Onompilo ababhalisile (nokuyilabo abaqede uqeqesho)
bayokwazi ukuqashwa uhulumeni. Abamele umphakathi
noma amaqembu athile bangakwazi ukufaka isicelo
saloluqeqesho lwamahhala olungenziwa ngesikhathi
esisodwa noma luhlukaniswe lwenziwa umhleli osemphakathini,
uma sebeqeqeshiwe. Uma udinga eminye imininingwane
ungathinta uSandra Zuma noma uKrishnee Nair ku
300 3104.
Ucwaningo lusohlelweni
UMnyango wezeMpilo waseThekwini uthatha izinyathelo
ukuqinisekisa ukuthi abalingani bawo kwezocwaningo
babamba iqhaza ekwakhiweni kohlaka lomgomo wezempilo
wesifundazwe sezempilo saseThekwini. Isinyathelo
esiya lapha ngo 2004 kube yi-workshop ehlanganise
abaphathi bezempilo eThekwini, abamele ikomidi
locwaningo laseThekwini, amakhansela ezempilo,
ukuphepha, nokuvikeleka, abamele umnyango wezempilo
yemvelo waseThekwini, ababheke ezamaklinikhi eThekwini
kanye nabamele izinhlangano ezihambise iziphakamiso
zocwaningo ekomidini locwaningo laseThekwini kuze
kube maje (eminyakeni emithathu edlule likhona),
okufaka iHIVAN, iCAPRISA, iHealth Systems Trust
kanye neMedical Research Council.
Lezizihloko ezilandelayo kwaxoxwa ngazo:
• Izizathu zokwakhiwa kohlaka lomgomo
wezempilo;
• Amasu ahlukene nemibandela okufanelwe
inakwe;
• Ukuxhumana (okufaka ukusabalalisa nokuhlola)
kanye
• Izindlela zokuphathwa kocwaningo lwezempilo.
Lezi ezinye zezinto ezakhulunywa ngaphansi kwezihloko.
Siludingelani uhlaka lomgomo wezempilo
na?
Izethameli zakwemukela ukuthi uhlaka luzohlanganisa
ukubambisana nokubamba iqhaza, luvikele nabacwaningwayo.
Uhlaka luzovumela umnyango waseThekwini ukuthi
uhole ekuchazeni izidingo zocwaningo kunokuphendula
izicelo zocwaningo. Lungenza ukuthi kwande ukutholakala
kwezimali bese lubalula izinto ezibalulekile ekufakeni
izicelo zezimali. Ekunikeni imigomo ngocwaningo
oludingekayo lungafaka ngisho uhlelo lokuhlolwa
kwezicelo.
Uhlaka lungahlela ubudlelwane nezinhlangano zocwaningo
zangaphandle (njengokuthi, uma izinto ezibalulekile
zibekwa njalo kanye ngonyaka, izinhlangano zocwaningo
zingabheka kulezizinto, ngokuyalela abafundi noma
ocwaningweni lwazo).
Uhlaka lungaletha izindlela zokugcina imibandela
ethize kanye nokuhlola ubunjalo bocwaningo, ukwenza
izinto ezibalulwa ucwaningo nokubeka amazinga
angachemile.
Amanye amasu noma imigomo okufanele inakwe
Kwavunyelwana ukuthi kufanele kube nemibandela
ethize ebekiwe. Lemibandela ingachazwa kabanzi
uma sekusetshenzwa. Ubalulekile umgomo osebenzisekayo,
ohambisana nemigomo kazwelonke kanti nokuhlaziya
kwesigungu esizimele kubalulekile (njengesigungu
sezempilo sesifunda). Kwabekwa futhi nokuthi umgomo
kufanele ubeke imibandela yokwamukelwa kwezicelo
ezihlanganise konke, ezinomthelela omuhle ekwethulweni
kwemisebenzi, ezakhela phezu kocwaningo oluseke
lwenzeka. Kwabekwa futhi umbono wokusebenziswa
kwezikhungo ezisemthethweni ukuba zisize ngemibandela.
Izindlela zokubamba iqhaza nokuxhumana
Kwaphakanyiswa ukufaka abafanele ekusakazweni
komgomo (mhlwube kuvuleleke), kwagcizwlelwa ukufaka
abasemazingeni okusebenza. Kwavunyelwana futhi
ngokuthi kusetshenziswe izithangami esezivele
zikhona ukubamba iqhaza, kanye nokusabalalisa
ulwazi, kanti nokwakhiwa kwesithangami esisha
nakho kwavunyelwana ngakho uma kunesidingo. Kwabonakala
njengenqola elungile yokuxhumana ukuba nezinsuku
ezivulelekile zocwaningo nokuba noshicilelo locwaningo.
Kwaphakanyiswa futhi ukuthi kwakhiwe imigudu yokuthumela
imiphumela yocwaningo uma ingeke isebenze esifundazweni
saseThekwini.
Ukuphathwa kocwaningo lwezempilo
Izethameli zaphakamisa ukuthi iTheku kufanele
lelule indlela yokwakheka kwekomidini locwaningo
futhi icibe abaphathi nabasebenzi ngamakhono ocwaningo.
Ukufunwa kwezimali ukuze kusebenzwe ngemiphumela
yocwaningo kwabonakala njengento ebaluleke kakhulu.
Ukufakwa komnyango wesifunda wezempilo kwaphakanyiswa
njengelinye iphuzu.
<<Back |