| ISITHANGAMI
SEHIVAN/WCRP

Izikhulumi kwisithangami seHIVAN/WCRP
Isithangami sabaholi bezenkolo beHIVAN/WCRP kanye
nabacwaningi ngeNgculazi esasibanjwe ngoOkthoba
sasibheka okwenzekayo manje mayelana nokuvikelwa,
ukwelashwa kanye nokunakekelwa okuphathelene nengculazi
kuqondwe ekusetshenzisweni ngokulekelelana kwezindlela
zendabuko kanye nezamanje kwezokwelapha. Lesigungu
sasihanjelwe ngabantu ablainganiselwa ku70 usihlalo
kunguPaddy Meskin.
Izikhulumi zaibandakanya laba: Nksz Bongi
Gwala kanye noNksz Queen Ntuli, abaqhamuka
enhlanganweni I eThekwini Traditional Healers’
Council, kanye nezikhulumi ezahlukene ezivela
eUKZN kubalwa noDkt Nceba Gqaleni,
wohlelo lwezokwelapha ngokwendabuko, DKT
James Hartzell, Ongumhleli weTraditional,
Complementary and Alternative medicine (TCAM)
Project, DKT Rajen Coopan, Ayurvedic
Medicine, Nkk Anne Hutchings,
Wezokuxutshwa kwamakhambi endabuko, kanye noDKT
Mohamed Solwa (IMA), Wezamakhambi aseNtshonalanga.
U Nksz Gwala kanye noNksz Ntuli
bakhuluma ngamandla abo okwelapha. Njengokomlando
wabelaphi bendabuko, uma ilungu lomndeni elingumelaphi
wendabuko lidlula emhlabeni, isiphiwo sidlulela
kwelinye ilungu lalowomndeni. Ukwelapha kwendabuko
kubonwa njengomsebenzi ongcwele onemithetho ukuqinisekisa
ukuthi umelaphi uhlanzekile futhi unomoya.
Imithi ekhishwayo ekwelapheni kwendabuko iyehluka
– eminye ihlala isikhathi eside seyenziwe
kanti eminye misha kuye ngohlobo lokugula olubonakele.
Ngesinye isikhathi kubalulekile ukusebenzisa amathambo
ezilwane. Abelaphi bendabuko abelaphi umuntu oyedwa
kuphela, bakwazi ukufinyelela emndenini wonke.
Kuhlale kunokuxhumana nabelaphi bendabuko futhi
kuxhumaneka kalula nabo.
U Dkt Nceba Gqaleni wakubalula
ukuthi sinenhlanhla ukuba nabelaphi bendabuko
abaningi kangaka abazinze eThekwini. Sekwenziwe
ucwaningo ukuthola ukuthi izitshalo ezisetshenziswa
abelaphi zisebenza kanjani. Isikole sezokwelapha
besiloku sihlangana nalaba abanalolwazi futhi
sesize sabambisana nabo. Kunezindawo lapho abelaphi
bendabuko bemema uqeqesho. Umnyango kaDkt Gqaleni
usudlulile ekubambeni imihlangano yokufundisa
kodwa sewakhe uhlelo ukuze kusimame ukwelapha
kwendabuko.
U Dkt James Hartzell wagqamisa
iTCAM project oluxhumana nabelaphi bendabuko abaningi.
Wazwakalisa ukweseka ifa lokwelapha kwendabuko,
kodwa wavuma futhi ukuthi ubuchwepheshe bubodwa
ngeke bakuchaza loku okwenziwa abelaphi bendabuko.
Udkt Hartzell uqobo lwakhe watshelwa ukuthi akhulume
namadlozi akhe ngezimo ezithile, ezabe sezixazululeka.
U Dkt Rajen Cooppen wakhuluma
kakhulu ngemigomo yemithi (ayuvedic). Wathi ubuchwepheshe
bempilo buwuhlelo locwaningo olusekelwe emithethweni
yemvelo, umoya, umqondo, imizwa kanye nenyama.
Imithetho yendalo isebenza kuko konke. Amakhambi
elapha izinkomba. Kodwa ukwelapha kweayuvedic
kuqoqa konke. Ukwehluka ngokwakhiwa kusho ukuthi
abekho abantu ababili abemukela umuthi ofanayo
ngendlela efanayo. Inkolelo ithi akekho udokotela
onokwelapha – imvelo kuphela enokwelapha.
Udkt Cooppen wakubalula ukuthi kunamakhambi amabili
asemataniswe nokunciphisa ukungaphatheki kahle
ezigulini zengculazi.
U Nkk Anne Hutchings wezokuxutshwa
kwamakhambi wakuqhakambisa ukuthi uDkt Peter Haselau
waqala umtholampilo olekelela ngengculazi esibhedlela
saseNgwelezane ngo1997. Lomtholampilo wawunezinhloso
zokunikeza aabantu abaphila nengculazi usizo kanye
nokwelapha, kanye nokuthola izindlela ezifinyelelekayo
futhi ezisebenzayo zokulwa nalesifo. Ngo 1999
uNkk Hutchings wamenywa nguDkt Haselau ukuthi
babambisane ekubhekeni iziguli ngokubona usizo
lwezinto zokugcoba ezimbili ayezakhile, esebenzisa
izihlahla zendabuko, ukuze kwelashwe izinkinga
zesikhumba ezejwayelekile endaweni.
Ngokubonisana noDkt Nigel Gericke, wakwazi futhi
ukweluleka aphinde akhiphe amakhambi okwelapha
ezinye izifo eziqhamuka eceleni ezinjengamalonda,
ikhanda kanye nezinkinga ngokuphefumula. Amakhambi
abandakanya izitshalo ezintsha ezikhiwe engadini
yakhe kanye nasengadini yezihlahla zokwelapha
aseyakhile eNyuvesi yakwaZulu. Inombolo yabantu
abahambela lomtholampilo futhi abakhetha ukubonwa
kanye nokwelashwa nguye isikhule isuka ku11 ngoNovemba
1999 iya ngaphezulu kuka400 ngoOkthoba 2002 [iye
ngaphezu kuka 800 ngoDisemba 2003].
Amaphilisi eSutherlandia enziwe ngamahlamvu omisiwe
athathwa izona zonke iziguli ezihambela lomtholampilo
futhi amanyaniswa nobungcono esisindweni, amandla
kanye nempilo nje. Ukuhlolwa kobuthi emahlamvini
kwenziwa iMRC ezinkawini futhi kwatholakala ukuthi
aphephile kuzo zonke izinhlobo ezahlolwa. Kunezinto
ezining ezitholakalayo ngokusebenza kwawo, kubandakanya
ubufakazi bokunyuka kwamasotsha omzimba kanye
nokwehla kwegciwane emzimbeni. Iziguli eziningi
zabika ubungcono ekuvulekeni kwenhliziyo kanye
namandla.
Ukwelapha ngamakhambi okwenziwa emtholampilo kusiza
ezinkingeni eziningi ezikhungethe abaphethwe ingculazi
futhi kumatanyiswa nokunyuka kwezinga lempilo
kulabo abangakagulu kanye nasebegula kakhulu.
Kulungelene nokuthuthukiswa kokulashelwa emakhaya,
ezibhedlela kanye nasemitholampilo yezinkampani.
Kudingeka uhlelo lokucwaninga ngokushesha ukuze
kuqinisekiswe loku okushiwo nguDkt Gericke, kosizo
olwenziwa iSutherlandia ezigulini. Lokhu kungasiza
ukukhuthaza ukusetshenziswa kwalolusizo.
Waqhubeka waveza ukuthi:
• Ezabelweni lapho kungelula ukufinyelela
emitholampilo futhi nezikhungo zokunakekela
zibaliwe, ukuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo
kanye nabanakekeli kanye nokuthuthukiswa kokutshala
emakhaya noma emphakathini kungaba nosizo olukhulu.
• Kudinga kwezniwe izinhlelo zokuqeqesha
• Ukungathembeki kanye nokudla umsoco
kuyizinkinga ezitholwa ining leziguli zethu.
Ezinye izinkinga ezidinga ukubhekwa zibandakanya
ukucwaswa kanye nokungafundi.
U Dkt Mohamed Solwa, imithi
yaseNtshonalanga, weneliswa ukuhlanganiswa kolwazi.
Waphawula ukuthi kumele sigcine imiqondo yethu
ivulekile ezindleleni ezehlukene ezikhona futhi
sibheke abantu ngokuphelele, njengoba kwakwenza
amGriki kanye namaArab enza ezamakhambi ngokuphelele.
Babesebenzisa wonke amakhambi ayekhona ngekhululeminyaka
ka 9 no 12 futhi lokwelapha kwakusebenza kakhulu.
Emva kwaloko ukwelapha kwaqala ukwehlukana. Kwakhuthazwa
imithi eyejwayelekile hhayi eyendabuko. Loku sekuyashintsha
sekuqalile futhi ukubhekwa amakhambi endabuko.
Isifo, sisodwa ngeke selapheke. Imithi yendabuko
kanye neminye kufanelwe iqoshwe mayelana nokusebenza
kanye nokwehluleka kwayo, njengemithi yaseNtshonalanga.
Imithi iyabiza, ngakho kufanele sibheke amakhambi
emvelo.
Abantu abaningi bajabula ngalezingxoxo futhi bathi
kunokuba kunokuba basebenze ngokuphikisana sekunokusebenza
ngokubambisana phakathi kwemithi yaseNtshonalanga
kanye neminye.
"INDLELA ENGCONO YOKUSIZA IZINTANDANE
UKUGCINA OMAMA BABO BEPHILA"

Kusuka kwesokunxele u: Jacqui
Joshua, Debbie Heustice
Cati Vawda, Paddy Meskin, kanye noSaydoon Sayed.
Isithangami sabaholi bezenkolo kanye nabacwaningi
bezengculazi sabanjwa ngoLwesithathu, mhlaka 24
Novemba 2004. Izikhulumi zaibandakanya uMs Kati
Vawda (Children’s Rights Centre) kanye noJackie
Joshua (Youth Peace Forum). Ngaphezu komgomo Wosuku
lwengculazi emhlabeni, “abesifazane, amantombazane
kanye nengculazi”, izikhulumi zakhuluma
naphezu kwesihloko esithi: “Indlela engcono
yokubhekana nezintandane zethu ukugcina onina
bephile.”
Uhlelo lwalubandakanya:
• Umbukiso othi “Umuntu omdala
omncane kunabo bonke”, owawuchaza indaba
yezintandane ezine
• Isikhangiso ngencwadi esanda kukhishwa
ethi “Babiza’s Story”, kanye
• Nesikhangiso esivela eChildren’s
Rights Centre.
U Paddy Meskin wavula lesisithangami
ngokufaka inselelo kwababekhona ngezibalo ezikhomba
ukuthi kunezintandane ezingaphezu kwezigidi ezingu14
emhlabeni jikelele. Wathi leliqiniso luphoqa yonke
inhlangano yezenkolo ukuthi ibe nesikhungo sengculazi.
Wancoma leyo miphakathi yezenkolo esiqalile ukusebenza
ngengculazi, ejwayele ukubandakanya uhlelo lokunakekela
abagulela emakhaya.
U Paddy wagcizelela ukuthi abaholi bezenkolo baneqhaza
okumele balibambe ekushintsheni amasiko emiphakathini.
Umbuzo okumele uqhamuke uthi “ Yini eyenza
ukuthi umphakathi onomthethosisekelo ongcono emhlabeni
wonke wamukele lelizinga lezingane eziyizintandane?”
Sinikwa inselelo sonke yokuthi sense okuthile
ukusindisa omama abashona kungakafaneli beshiya
izingane zabo ziyizintandane.
U Paddy waphetha ngokufunda lenkondlo ebhalwe
nguSalim Waseen, umfana oneminyaka eyisikhombisa
obulawa ingculazi. Uselahlekelwe uYise, uNina
kanye nomfowabo.
Ingculazi isingishiye nginje,
Uphi uMama wami?
U Jacqui Joshua omele iYouth
Peace Forum wafunda isiqeshana esifushane asiphuma
ku Babiza’s Story okuyindaba kaSiphelele
Ndlovu exoxa ngezikhathi eziyigugu azichithe nonina,
ophila nengculazi.
“Ngezinye izikhathi umama uzofika noplastiki.
Uma ngibuza ukuthi kukhonani lapho, uzothi: ‘Akulutho.’
Ngiyobe sengiya ekamelweni ngimbone embozwe ingubo
ngimuzwe ehlofoza! Bese ngimthola edla amashibusi
mhlawumbe. Uma edla amashibusi ngizongena embhedeni
naye bese sidla amashibusi ndawonye bese siyazixoxela
nje. Ngiyalithahda ikamelo likamama ngoba linuka
kamnandi futhi ilapho ngelashwa khona ngesikhathi
ngigula ngiphethwe isifo samaphaphu. Ngalala ekamelweni
likamama ngesikhathi sengikhishiwe esibhedlela.”
Kwabe sekuvezwa umboniso othi, “The Youngest
Adult”, okuyindaba yezintandane ezine. Okuyiwona
myalezo oqavile kulomboniso ilo: “ Ngeke
uphonse izixazululo umi ngaphandle – isixazululo
kumele siqhamuke ngaphakathi emphakathini.”
I The Hope for African Children Initiative (HCI)
isebenzisa amandla emiphakathi ukunciphisa ukucwaswa,
ukwenza ngcono izinhlelo zezempilo, ukuqinisekisa
ukufunda, kanye nokugqugquzela ukubuyekezwa kwemithetho
yamafa. Umboniso ugqamisa isidingo sosizo oluqondene
nabantwana kanye nokuthi ngale kobuhlungu ababubekezelayo,
abantwana banamaphupho ngekusasa – njengalawo
okuba uthisha, ukuba ngudokotela kanye nokusiza
abantu, abagulayo ingakumbi labo abaphethwe ingculazi;
ukuba ngumhlengikazi; kanye nokufunda ngokusebenza
komzimba, kanye nokuba umshayeli “ njengebhosi”.
U Katie Vawda waqalwa uhlelo lwakhe ngokubuza
imibuzo embalwa. Omunye wemibuzo wauathi: Liyini
Ithemba? Wabalula ukuthi ingxenye yethemba ukukholwa,
okuqondisa ukusebenza nezingane zengculazi. Uma
kuxoxwa ngamalungelo abantwana, sikhuluma ngendawo
yomphakathi kanye nendawo yangasese. Amalungelo
abantwana kanye neqiniso kuhlukene. Njengamanje,
ingxenye yabantu engu40% eNingizimu Afrika ineminyaka
engaphansi kuka18. Ziyizinkulungwane eziwu 250
izingane ezinengculazi ezineminyaka engaphansi
kuka15 eNingizimu Afrika. Ingxenye eyodwa kuya
kwezimbili ziba yizintandane minyaka yonke ngenxa
yezizathu ezehlukene (izingozi zemigwaqo, ingculazi,
njll) Izibalo zikhomba ukuthi ngonyaka ka2015,
kuyoba nezingane eziyigidi ezingu 5.7 eziyintandane.
Abazali abelashwayo bayakwazi ukuba abazali abangcono
njengoba benempilo enhle bekwazi ukusebenza bese
befaka umnotho emndenini. Baphila isikhathi eside
ngenxa yokwelashwa. Ukufundisa ngokwelapha kanye
nokuqeqeshwa konompilo ezingeni lemiphakathi kubalulekile.
Abantu badinga ukuthola kusenesikhathi, izingane
ezisengcupheni kanye nemindeni esenkingeni.
Unksz Vawda wancenga zonke izinhlangano zezenkolo
ukuthi ziziqokele umtholampilo bese zigqugquzela
ukuhlolelwa ingculazi. Kudingeka kwenziwe okuthile
futhi ukuvikela amafa abantwana, kanye nokwehlisa
izindleko zomngcwabo ohloniphekile. Emathuneni
aseRdhill ngoMgqibelo, kunemingcwabo emine ngesikhathi
esisodwa. Abantu abakwazi ukuthandaza, bajule
noma bacule emoyeni (of reverence)
U Jacqui Joshua wenza inkulumo
yokugcina ngezindaba eziqondene nentsha namahlanje.
Wakhuluma ngokwethusa kobuciko bamanje kanye namandla
abo amakhulu kodwa asahluleka ukusiza emphakathini
oloku uqhubeka udlikiziswa ingculazi. Wagcizelela
iphuzu lokuthi abantwana abanabazali abashonayo
babuka benganakusiza ngesikhathi abazali babo
beshona kancane kancane, “bebona oyise nonina,
bencunzeka, bembozwe izilonda bebagqolozele bengakhulumi.”
Indikimba yenkulumo yakhe yayithi: “Siyahluleka
ukubhekana nezinombolo zezintandane kanye nabantwana
absengcupheni manje – siyokwazi kanjani
kusasa?.
U Jacqui wacela ukuzimisela ukulwa nokungathathi
izinqumo kanye nokuheheka kalula. Wabalula ukuthi:
“Kuhlale kunezindaba ezibika ngokudlwengulwa
kwabantwana abanezinyanga ezimbili; ezinye zibhekene
nokuhamba amabanga amade zidlula ezindaweni ezingaphephile
ukuyokha amazi angcolile, bedela ukufunda kwabo,
kodwa benza konke abangakwenza. Lokhu akuyona
into engajwayelekile – izibalo ziyashaqisa.
Ikusasa lizoba yilokho esilenza kona, kodwa sidinga
ukwenza lesizukulwane sibe nomsebenzi.”
Umphathi wohlelo lweHIVAN, uDebbie Heustice, wavala
isithangami ngokubonga zonke izikhulumi ngemibono
yabo enenselelo futhi ekhuthazayo.
Uhlelo lwezithangami zasogwini oluseNingizimu
kanye noluseNyakatho – Novemba 2004
Izithangami zokugcina zika 2004 zeHIVAN, ogwini
oluseNingizimu noluseNyakatho zabanjwa ngomhlaka
16 no18 Novemba njengokulandelana kwazo.
Isihloko sikaNovemba kuyona yomibili imiphakathi
sasithi: “Ingculazi kanye nezimali zikahulumeni”
Izikhulumi ezaziqhamuka eMnyangweni WezeNhlalakahle
kanye nokuThuthukiswa komPhakathi, ehhovisi laseChatsworth
kwakungo Mnu A Reddy (oqondene nemibuzo ngezempesheni)
Nksz B. Nkabinde (uSonhlalakahle osebenza kwezokuthuthukisa
umphakathi).
Izikhulumi ezazivela ehhovisi laseVerulam kwakungo
Mnu S. Perumal (Umphathi wesiyingi obhekene nokusetshenzwa
kwezimpesheni kanye nezimali zikahulumeni kanye
nokubheka abasebenzi) kanye noMnu E. Ngwabe (umabhalane
omkhulu, ongene kakhulu ezinadabeni zomphakathi).
Ikhulumi zaseChatsworth zabuye zakhuluma ngezinhlelo
zokuthuthukisa nokulekelela ezenziwa ngokuhambisana
nezinhloso zezeNhlalakahle (ikakhulu ezabelweni
okuyizona ezithinteka kakhulu ngengculazi)

Lezi zibandakanya:
• Ukufundisa abantu ukulima batshale
izithelo kanye nemifino ukuze benze inzuzo
• Ukunikezwa kwezijumbana zokudla
• Uhlelo lwentsha (olusahlolwa) –
kusetshenziswana namahhovisi esiying.
• Ukuhlanganisa abantu ababengenamathuba
abafuna ukuzenzela inzuzo
• Ukulekelelwa kwabadala
• Ukufaka abakhubazekile emphakathini
Usizo lwezenhlalakahle lutholakala ngezindlela
ezehlukene okuyilezi.
• Impesheni yokuguga – abesilisa
kumele babe neminyaka engu 65 nangaphezulu kanti
abesifazane kumele babe neminyaka engu 60 kuya
phezulu.
Incwadi edingekayo: umazisi onamagabelo
• Impesheni yokugula
– abantu abaneminyaka esuka kwengu18 kuya
ku59 abakhubazeke okwesikhasha noma unomphelo
bangafaka izicelo. Umuntu omdala ongakwazi ukusebenza
okwesikhashana noma unomphelo ngenxa yezifo
eziphathelene nengculazi angasifaka isicelo.
Lempesheni inganikwa futhi ingane enengculazi
edinga ukunakwa njalo.
Izincwadi ezifunekayo: isitifiketi sokuzalwa
saleyo ngane, imibiko kadokotela kanye nemibiko
kaSonhlalakahle, inzuzo yabazali iyabhekwa,
kodwa hhayi eyabazali abasizayo.
• Impesheni yokubheka abantwana
– lempesheni eyabantwana kusukelwa ekuzalweni
kuya eminyakeni ewu18 ababekwe ngaphansi kwesandla
somuntu ngomyalelo weNkantolo yabaNtwana.
Abantwana abayizintandane zengculazi bangabekwa
kwabanye abantu bese benikwa impesheni ukuze
banakekelwe.
Izincwadi ezidingekayo: Incwadi yeNkantolo yabaNtwana,
izincwadi zokuzalwa , omazisi abanamagabelo
kanye nencwadi yomshado yabazali abasha, incwadi
ekhombisa ukuthi bayafunda abantwana.
• Imali yesondlo sabantwana
– noma imuphi umuntu onakekela izidingo
zomntwana nsukuzonke angasifaka isicelo. Umuntu
onakekela ingane kungaba umzali, ilungu lomndeni
noma umuntu ongeyena owomndeni. Lowomuntu kumele
kube akakuholeli loko kubheka ingane. Uma izingane
kungezona ezomuntu ozibhekayo, inani elikhulu
lezingane angaziholela isondlo u6, kodwa akunamkhawulo
uma izingane kungezake impela. Isondlo sinikezelwa
izingane ezineminyaka kugcina kweku 11 kuzolulwa
eminyakeni ewu 14 ngo2005.
Izincwadi ezifunekayo: umazisi onamagabelo kanye
nencwadi yomshado yombheki kanye nesithombe
esingangesikamazisi, izitifiketi zokuzalwa kwezingane,
isiqinisekiso sokubheka izingane uma kuwumuntu
wangaphandle (isitifiketi sokushona komzali
noma incwadi ebhalwe umuntu oqotho), isiqinisekiso
semali engenayo emndenini.
• Impesheni yokusiza
– lempesheni ikhokhelwa umuntu obheke
umuntu osemdala noma ogula kakhulu. Iyimadlana
nje yokulekelela lowomuntu.
Izincwadi ezidingekayo: umazisi wombheki, isiqinisekiso
salapho ehlala khona.
• Usizo lwabaxakekile
– lempesheni inikezwa okwesikhashana (kujwayele
ukuba izinyanga ezintathu) kulabo abafake isicelo
sempesheni abalindele ukuyothola. Iqonde ukubasiza
esimweni sokuxakeka futhi inikezwa njengezigqebhezana
zokuthola ukudla, imali yazo iyabanjwa uma sekuphume
impesheni yangempela. Lolusizo kwesinye isikhathi
lunikezwa abantu abaxakekile ngenxa yokwebelwa,
umlilo noma ezinye izinkinga ezenziwe imvelo.
Izincwadi ezidingekayo: umbiko kaSonhlalakahle
uchaza isimo somndeni, umbiko wamaphoyisa.
Ukubhekwa kwesimo sezimali –
Into ebaluleke kakhulu uma umuntu efaka isicelo
sempesheni isimo sakhe sezezimali. Isizathu saloku
ukuthi impesheni inikezwa kuphela uma isimo sezimali
salowomuntu singaphansi kwezinga elithize. Uma
kubhekwa ukuthi umuntu anganikwa yini impesheni,
nokuthi, imalini okumele ayithole, inzuzo kanye
nezinto umuntu kanye nabambisene naye abanazo
kuyabhekwa.
Ukubuyekezwa – izimpesheni
ziyabuyekezwa njalo ngonyaka. Abaholayo batshelwa
kusasele izinyanga ezintathu lushaye usuku lokubuyekeza.
Loluhlelo lokubuyekeza lusiza ukuhlunga labo Bantu
abaphile kahle asebengaziphilisa nabangasadingi
ukuba sohlelweni lwezenhlalakahle.
Inkohlakalo- Uma umuntu engasafanele
ukuthola impesheni (ngenxa yezizathu eziningi,
njengokufa noma ezinye izimo zempilo) uMnyango
WezeNhlalakahle kumele waziswe. Abantu abahola
impesheni ngokuqamba amanga benza inkohlakalo.
Lezikhohlakali zingabikwa eMnyangweni (ungalivezi
igama uma uthanda) kulenombolo 031 – 336
8704.
Ngeshwa, uMnyango wezeNhlalakahle usebenza ngabasebenzi
abambalwa kanti usebenza indawo enkulu kakhulu.
Ingculazi isiqhubezele ububha futhi kunengcindezi
enkulu eMnyangweni ukuletha izinsiza ezisheshayo
futhi ezisebenzayo kanye nosizo. Imibono eqhamuka
emphakathini ukuze uMnyango usebenze kangcono
yamukelekile.
Emva kwezinkulumo, kwaphendulwa imibuzo. Esigungwini
saseNingizimu, uMnu. Bob Daniels, we Chatsworth
& District Partnership Against AIDS (C.A.D.P.A.A.),
wezwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngokuthi izinhlelo
zokulekelela azigqamile endaweni yaseChatsworth.
Waphinda wancenga ukuthi uMnyango Wezenhlalakahle
wenze lula imigomo elandelwayo ekufakeni izicelo.
Waphinda waphonsa inselelo emnyangweni ukuthi
wenze umhlangano womphakathi ukufundisa umhpakathi
ngosizo olukhona. Umnyango wezeNhlalakahle wabhala
phansi imibuzo wabe sewuthembisa ukuxhumana noMnu
Daniels.
<<Back |