| Izinhlangano
Ezizimele Nezezenkolo
ISITHANGAMI SENGCULAZI SEMRC/KZN
Isithangami sikaNovemba seHIVAN/MRC sabanjelwa
eGlenmore Pastoral Centre eThekwini. Umhelngikazi
obhalisiwe oqhamuka eSinisizo Home Based Care,
wakhuluma nezinhlobo ezehlukene zonompilo.
I Sinosizo yaqala ngo 1987. Iyingxenye ye bandla
lamaKhatholika yaba ngenye kwezokuqala ukuqala
uhlelo lonompilo. Baqala emiphakathini engu18
kodwa yabe isiphoqeleka ukwehlisa ngenxa yezizathu
ezehlukene. Njengamanje basemiphakathini eyisithupha.
Imiphakathi elekelelwa iSinosizo ile:
• Groutville
• Etete
• Siyanda
• Lamontville
• Bhekokulhle
• Sundwini
Isinosizo Project ineminyango emine:
1. Onompilo:
• Umsebenzi omkhulu owokuhlola okokuqala
isiguli kanye nomdeni (enyameni, enhlalweni,
emizweni kanye nasemoyeni)
• Ukuthunyelwa kwabo bonke abantwana abahlobene
ophikweni lwezintandane kanye nabantwana abasengcupheni
(abantwana abagulayo bahlala khona ophikweni
lonompilo)
• Ukufundiswa kanye nokuqeqeshelwa amakhono
kweziguli kanye nalabo abazinakekelayo
• Ukuthunyelwa kwesiguli emtholampilo
noma esibhedlela ukuze kwelashwe ezinye izifo
• Ukuthunyelwa kuMhlengikazi noma uSonhlalakahle
waseSinosizo ukuyohlolwa bese kudluliselwa eqenjini
lomphakathi.
2. Ukuqeqesha
Izifundo zenziwa ngezandla zibuye zifundwe ngencwadi
futhi zibandakanya:
• Onompilo
• Ulwazi ngesandulela ngculazi kanye nengculazi
• Ukunakekelwa ngesikhathi sokuphuma esibhedlela
(Palliative care)
• Ukwelashwa kwesifo sofuba (DOTS)
• Amakhambi adambisa ingculazi (ARV’s)
• Ukweluleka ngengculazi
• Ukweluleka ngezokwelashwa ( kugxile
emakhambini)
• Ukuphila kahle nengculazi
• Ukufundisa ophila nabo
• Ukwakha isibindi kanye nokulekelela
abantwana ngokwempilo nomqondo
• Ukuphatha amaqembu asizanayo
3. Izintandane kanya nabantwana abasengcupheni:
O Sonhlalakahle basebenzisana namavolontiya ukwenza
lokhu:
• Ukwakha isibindi ebantwaneni
• Ukuthola kanye nokuxazulula izinkinga
• Ukwakha amabhokisi ayizikhumbuzo
• Ukunika uqeqesho ngokuphila
• Ukuqinisekisa ukuthi abantwana bayaya
esikoleni
• Ukweseka imindeni eyenganyelwe abantwana
• Ukuqhuba amaqembu okusekelana
4. Uphiko lwezamakhambi:
• lwaqala ngoFebhuwari 2004
• Abasebenzi babandakanya: udokotela,
umhlengikazi ophelele kanye nomlawuli wohlelo
• Luyingalo yohlelo loNompilo
• Lulandela uhlelo lukahulumeni lokunikeza
ngamakhambi.
Izifundo Ezifundiwe
Ngokufakwa kohlelo lokwelashwa kwaba nomthelela
ekwethulweni kohlelo lonompilo, lapho kwaba
nalezinselelo ezilandelayo:
• Izinga eliphansi lokuhlolwa
• Ukungavezi ekhaya
• Ukucwaswa emphakathini
• Ukungabikho kolwazi phakathi kweziguli
kanye nomphakathi kanye
• Neziguli ezilanda amakhambi ngezizathu
okungezona.
I Sinosizo isekwe kakhulu ngezimali uhlelo lokusiza
lwamaKhatholika kanye neCarittas Verband yaseJalimane.
<<Back |