| Imishanguzo
yesandulela ngculazi: Sikuphi manje?
Imishanguzo yesandulela ngculazi: Sikuphi manje?
Ngenyanga ka-April 2004, emva kokucindezela kwesishayamthetho
kanye nezinhlangano ezifana neTAC, uhulumeni uthathe
izinyathelo zokuqala uhlelo lokunakekela abanesandulela
ngculazi nengculazi, kanye nezinhlelo zokwelapha
iNingizimu Afrika yonke. Manje sekuyisikhathi
esihle sokubuza ukuthi sesihambe kangakanani ekunikezeni
iminshanguzo kulabo abayidingayo.
Indaba
egcwele
Izinhlangano Ezizimele
Nezezenkolo
ISITHANGAMI SENGCULAZI SEMRC/KZN
Isithangami sikaNovemba seHIVAN/MRC sabanjelwa
eGlenmore Pastoral Centre eThekwini. Umhelngikazi
obhalisiwe oqhamuka eSinisizo Home Based Care,
wakhuluma nezinhlobo ezehlukene zonompilo.
Indaba
egcwele
Isithangami
SeHIVAN/WCRP
Isithangami sabaholi bezenkolo beHIVAN/WCRP
kanye nabacwaningi ngeNgculazi esasibanjwe ngoOkthoba
sasibheka okwenzekayo manje mayelana nokuvikelwa,
ukwelashwa kanye nokunakekelwa okuphathelene nengculazi
kuqondwe ekusetshenzisweni ngokulekelelana kwezindlela
zendabuko kanye nezamanje kwezokwelapha. Lesigungu
sasihanjelwe ngabantu ablainganiselwa ku70 usihlalo
kunguPaddy Meskin.
Indaba
egcwele
Izinkampani Ezizimele
Sihlaziya ukusebenza kwemigomo elawula
ngesandulela ngculazi kanye nengculazi
Oshicelelweni lwethu lweShare lwangoNovember 2004,
omele iDurban Chamber Foundation uMnumzane Amar
Sooklal, wabeka ezinye zezinto ezenza umgomo olawula
ngengculazi nesandulela ngculazi emsebenzini ube
yimpumelelo. Ekuqaleni ohleni lakhe kwakukhona
isidingo sokuba;
• Izinhlelo zasemsebenzini ziqalwe abaphethe
enkampanini;
• Kube nezithangami lapho abasebenzi,
kuwo wonke amazinga, behlanganyela ngokulinganayo
nangokuvulelekile ekuhleleni nasekusebenziseni
izinhlelo eziphathelene nengculazi nesandulela
ngculazi;
• Ukwehlisa amanani nokuphakamisa izinga
loqeqesho olwethulwa abasebenza bezimele, ukuze
nosomabhizinisi abancane baluthole, kanye;
• Nokwakhiwa kobudlelwane obusebenzayo
ezindabeni zesandulela ngculazi.
Indaba
egcwele
Uhulmeni Wasekhaya Ukubekezela
Kanye Nobuholi
Ngema kuka2004
Ukuze kuqiniswe izinhlelo ezibhekela ubulili
ngosuku LweNgculazi ngo2004, ngaphansi kwefulegi
elithi “sinakekela ndawonye abesifazane
kanye nabantwana”, ochungechungeni lwemihlangano
yokufundisa ngo-Okthoba. Iqondiswe kubaluleki
ngokukhetha ukuhlolwa, abaphathi bezempilo kanye
nokuphepha emsebenzini, abasebenzi ababheke impilo
yabasebenzi abaphhuma kuhulumeni kanye nasezinhlanganweni
ezizimele, izinhloso zemihlangano zazibandakanya:
• Ukujulisa ukuqonda ngesidingo sokugxila
kwabesifazane kanye namantombazane uma kukhulunywa
ngengculazi,
• Ukwazisa ngekwatholwa umbiko weqembu
likaNobhala wenhlangano yezizwe elibheke abesifazane,
amantombazane kanye nengculazi,
• Ukubheka lombiko osekukhulunywe ngawo
ungasetshenziswa kanjani ezinhlelweni zosuku
lomhlaba lwengculazi, kanye
• Nokubheka ukuthi njengamanzi umsebenzi
wezengculazi uhleleke kanjani ngobulili
Indaba
egcwele
Umkhakha Wezemfundo
Inyuvesi yakwaZulu-Natali ibikhombisa ngocwaningo
ngosuku olwandulela usuku lomhlaba wonke lwengculazi.
Izinkulumo nezingxoxo zethula izihloko zocwanigo
nezinhlelo phakathi kweminyango ethile eNyuvesi.
Ucwaningo lwesayensi yomphakathi nolwemithi nokwelapha
lwethula kanye nezinto zezepolitiki yomphakathi
nezemithetho ezibalulekile.
Indaba
egcwele
Ezomphakathi
Ngosuku lomhlaba wonke lwengculazi ngo 2004,
ithimba lokuxhumanisa leHIVAN lethula umcimbi
wokwethulwa kwama-project kubanjiswene, phecelezi,
Launch a Project Alliance (LAPA), libambisene
ne-Imbewu Development Trust. Lomcombi wanikeza
izethameli zochungechunge lweSHAPE ithuba lokwethula
imibono yama-project “okunakekela ndawonye
abesifazane nezingane” noqeqesho oludingekile.
Indaba
egcwele
Events Diary
Click here for the
full list of events
| This publication
was made possible by a grant from The Atlantic
Philanthropies. The statements made and
views expressed herein are solely the responsibility
of the authors. |
| Printed by Human Scale
Printers. Telephone: 031 312 2910/11. Layout
by Thula Ngcobo. |
|