| Uma kungemanje,
inini? uma kungewena, ubani?
Helen Keller
Kulolushicilelo lweSHARE siyakumema ukuba ubheke
emuva ku-2003, lapho kwahlonywa khona impi, ukuze
kwande ukuzibophezela ngokwepolitiki ukuqeda umonakalo
wesandulela ngculazi nengculazi. Ngohambo lwakhe
lwango-January oluya e-Iraq, uNgqongqoshe wezempilo
uTshabalala- Msimang wabophezela ukulekelelwa
kwe-Iraq kwezempilo, yiNingizimu Afrika...
Indaba egcwele
Imikhakha yama NGO nama
FBO
Ngo August emhlanganweni wesigungu sabaholi bezenkolo,
kanye nabacwaninga ngesandulela ngculazi (HIV)
nengculazi (AIDS), uDokotela I.S. Mekoa, uMfundisi
I.T. Moketsi kanye no Professor D.L. Mkize bakhanyisela
izethameli ngomcabango wezempilo wendabuko yaseAfrika
kanye nemithi yesintu yaseAfrika. Izingxoxo zazimayelana
namithi yesintu yaseAfrika nokubaluleka kokudidiyela
imithi yesintu yase Afrika nemithi yesilungu.
Uchungechunge lwesigungu luhlelwe ngokubambisana
yinqgunqguthela yomhlaba yezenkolo nokuthula kanye
ne HIVAN.
Indaba egcwele
I-HIV/AIDS Kanye namagranti
Ngokomthethosisekelo wase Ningizimu Afrika, wonke
umuntu unelungelo lokubhekeleka emphakathini uma
engakwazi ukuzondla yena nomndeni yakhe. Uhulumeni
unomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi lelilungelo
liyenzeka.
Indaba egcwele
Amabhizinisi abazimele
Uthini umthetho ngengculazi kanye negciwane lengculazi
(HIV/AIDS) ezindaweni zokusebenza?
Kulolu daba lukamasabelane, sibuka ukuthi umthetho
wabasebenzi waseNingizimu Afrika unabuphi ubudlelwane
ekuxoshweni.
Indaba egcwele
Isiqhamo senkampani...
Huntsman Tioxide
Ukuze sikwazi ukukala umthelela ingculazi engaba
nawo ebhizinisini, ikomiti elibhekele isifo sengculazi
iHuntsman Tioxide iye yathatha isinqumo socwaningo
ngonyaka ka 2002. bathathe isikhathi esingangezinyanga
ezine befundisa futhi bekhuthaza abasebenzi ukuba
baye kohlola igazi ngokuzikhethela ezinsukwini
ezibekiwe.
Indaba egcwele
Kunini lapho ukuvikela
kungcono kunokwelapha na?
Lengxenye ibuza imibuzo ethize ukuze kwakhiwe
izimpendulo ezixazulula ubunjalo bokuvikela isandulela
ngculazi nengculazi eNingizimu Afrika. Zisuka
nje, kuyacaca ukuthi isimo somxhaso emhalbeni
wonke siletha imibuzo: Imisebenzi yokuvikela isandulela
ngculazi nengculazi ingazinciphisa kanjani izigamenko
zokutheleleka ngesandulala ngculazi, futhi ngesikhathi
esifanayo yonge izimali?
Indaba egcwele
Sazi ngani ukuthi iVCT
indlela yokuvikela esebenzayo na?
Into ewumbuzo yeCEA
Kunesaga sase-Turkey esifundeka kanje: Ufudu
egobolondweni lalo luthi, ‘yaze yankulu
indawo engihlala kuyo’. Empeleni, izwe lingabonakala
kufishi omkhulu osendaweni encane. Lesi sisho
sisekele ukugcizelela kocwaningo oluxube amasiko
emkhakheni weCEA. Ucwaningo olombalwa selwenziwe
ukuhlola ukusebenza kwezindlela ze-VCT.
Indaba egcwele
U hlelo lwebhange lomhlaba
lwesandulela ngculazi nengculazi
Umcintiswano wezokuthuthuka kokuhweba oba njalo
ngonyaka e-Washington DC, usuwumcimbi womhlaba
wonke wezimvo ezintsha ezihlose ukulwa nobuphofu.
Imiklomelo eyizimali zokuqala zama-project yebhange
lomhlaba nozakwabo kwezentuthuko ehlanganisa izinhlangano
ndawonye futhi enesithembiso sokusuka emcabangweni
iye emiphumeleni.
Indaba egcwele
Events
Diary
Click here for the
full list of events
| This publication
was made possible by a grant from The Atlantic
Philanthropies. The statements made and
views expressed herein are solely the responsibility
of the authors. |
| Printed by Human Scale
Printers. Telephone: 031 312 2910/11. Layout
by Thula Ngcobo. |
|