HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Amaqhawe entokomala

Njengesizwe nanjengelungu lomndeni wobuntu, umhlaba sesiwubuka ngokobhubhane oludalwa yiSandulelangculazi neNgculazi osekuhlukanise abantu ngezindlela eziningi. NgoNovemba kunyaka ka-2005 inhlangano yeUNAIDS ngokuhlanganyela neNhlangano yomMhlaba yeZempilo iWorld Health Organisations, ikhiphe umbiko ngezibalo ezisabisayo emhlabeni jikelele ezimayelana nokutheleleka kanye nokufa kwabantu ngeNgculazi, lezizibalo zikhombisa isithombe esibi kakhulu ngoMzansi Afrika wona ohamba phambili ngokutheleleka ngalesifo kanti abathelelekile bangaphezu kwezigidi eziyisithupha (6million).

Njengoba lesi yisikhathi sonke sidinga ukuqinisa ubudlwelano emiphakathini, lokhu akwenzeki ngoba umhlaba jikelele ubhekene nezinkinga zokwenyama, okomphefumulo nokomoya- kunokuhlupheka okudalwa wubugebengu, inkohlakalo, izimpi, udlame, ukungcoliswa kwemvelo, izinhlekelele zemvelo, ukucindezeleka emoyeni nasemqondweni, ukuhlukana kwemindeni kanye nobuntandane. Konke lokhu kwenza ukuthi sizibonele futhi sizicabangele thina kuqala kunokuba sisize omakhelwane bethu lapho besesikhathini esinzima. Sisebenzisa lonke uthando nesibindi esinaso ukubhekela izidingo zethu nezalabo esibathandayo.

Ukunakekela abagulayo kulemihla yeSandulelangculazi neNgculazi kungathatha njengobuqhawe obufihlekile kepha uma kubukwa ngeso lokuthi bazidela kangakanani futhi bebeka nezimpilo zabo engozini kuvele kucace ukuthi lesi, yisenzo esivelele sokukhombisa isibindi. Amavalontiya anakekela abagulela emakhaya lapha eMzansi anjengamasosha, okuthi ngisho abaningi babo bempofu, bekhulile noma bebasha bayazidela bakhohlwe ngokwabo ukuhlupheka, ukungaphili, ukukhathala nokukhishwa inyumbazane banakele labo abaugayo nasebebulawa yisifo seNgculazi. Ngokomlando nangokwesiko ukunakekela abagulayo abalimele nabakhubazekile kuvame ukuba umthwalo osemahlombe abantu besifazane okuyibona ababonakala benomdlandla ongapheli futhi besebenza bengadikibali.

ISandulelangculazi neNgculazi kusifundisa ukuthi kunesidingo sokubakhona kokulingana nokuxhumana emiphakathini uma ngabe siqonde ukubona impilo nenqubekela phambili. Ingxenye enkulu yalokhu kulingana izobonakal lapho abesilisa sebeqala ukukhombisa ukuthi nabo bazalwe ngabantu abanozwelo futhi abakwaziyo ukunakekela. Ukuba nomusa, ukukwazi ukukhusela kanye nokukwakha kungezinye zezimpawu abesilisa abazikhombisayo ngokwemvelo yabo kungakhathalekile ukuthi badala noma bancane kangakanani. Ayikho into enhle ukudlula ukubona umuntu wesilisa enakekele abantwana bakhe ebafundisa ngezindlela ezinobuhlakani nezilungile zokuphila zokuphila futhi ebe azisa ethanda nalowo oyisithandwa sakhe.

Onngmbhali uShelley E. Taylor encwadini yakhe esihloko sithi The Tending Instinct, ubeka kanje, uma amadoda engasebenzisa amakhono awo okunakekela njengoba kwenza abesifazane, kuhlomula umphakathi izizukulwane ngezizukulwane zawo. “Ubambiswano emphakathini yiwona muthi oshibhe kunayo yonke kwesinayo” ubeke kanje. Ngokufanayo lungenye yezinto eziphilisayo, lokhu kubonakele lapho kwelashelwa iSandulelangculazi neNgculazi. Ukubambelela emishanguzweni umuntu akadingi nje usizo lwabezempilo kuphela kodwa udinga imindeni, abangani, omakhelwane nozakwabo emsebenzini. Ukuvikeleka esifweni nakho ukudinga ukuvulelana izifuba, ukwethembeka komaqondana: udlame nokuphoqwa ngokocansi kwabesifazane nabantwana, kuyalibulala lelithemba.

ISandulelangculazi neNgculazi akusoze kwabhekwana nakho umuntu ngayedwana. Ukufuna ukuba phakathi kwabantu yinto nje esizalwa nayo ngakhoke uma sibandlululwa sikhishwa inyumbazane lokhu kuyasihlakaza futhi busilimaze njengabantu. Njengoba sesingena onyakeni ka2006, uSondela wethulela isigqoko wonke lawo maqhawe entokomalo, asebenza ubusuku nemini engalekelelwa futhi ebandlululwa ngolunya lomphakathi. Wona elapha umhlaba, esimamisa abampofu, evikela abangenamvikeli nababandlululwayo futhi enikeza abanye umuzwa wokuba semqoka ngokungazenzisi. Kubona sithi nime njalo.

Sondela! Bhalela uJudith King kulelikheli: KuMhleli, HIVAN, Public Affairs Annex, 232 King George V Avenue, Durban 4041.

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape