Izibusiso ezivela eTibet: Izipho ezinikezelwe ezikhungweni zokunakekelwa kweSandulelangculazi neNgculazi.
Ngenkathi oBusisekileyo uDalai Lama 14 (ongoweshumi nane)- umholi kokomhlaba nokomoya eTibet – evakashele lapha eNingizimu Afrika ngoNovemba ka2004, inhlangano yamaTibet aseNingizimu Afrika yadidiyela umcimbi wezinsuku ezimbili owaba seThekwini lapho uDalai Lama ( okungukuthi “Ulwandle lweNhlakanipho”) wethula izimfundiso ngenkolelo yobuBuddhist. Njengokujwayelo yeKomidi leTibet Society uma kade benomhkosi unjengalona, imali esala lapho sekukhokhwe zonke izindleko zomcimbi iye inikwe yena uDalai Lama njengomnikelo wokuxhasa amaprojekthi aphathelene nenhlalakahle yabantu eTibet ikakhulu kulezozikhungo ezibhekela ababaleki emphakathini waseTibet.
OBusisekileyo wawamkela lomnikelo ngokuzithoba wawukhulekela wase ewuphindisa kuyona futhi inhlangano, wathi lena yimali ekumele ingaphumeli ngaphandle kweNingizimu Afrika. Wathi isifiso sakhe esikhulu ukuthi lemali isetshenziselwe izidingoezibhekene ngqo nokunakekelwa kweSandulelangculazi neNgculazi kubhekelwe ikakhulukazi leyomindeni kanye nalabo abangakwazi ukukhokhela imithi yokwelapha ukugula kwabo. Ukugcwalisa isicelo sakhe iNhlangano yamaTibet aseNingizimu Afrika kanye neHhovisi laseTibet yibona abengamela lezizimali ngendlela yokuthi amaphrojekthi eSandulelangculazi neNgculazi athole uR10 000 ngayinye; imali esale lapho izosetshenziselwa ukuqhuba umsebenzi wokufundisa ngomzabalazo wenkululeko yabantu baseTibet nokwazisa ngomlando wabo nenqubosiko yabo kubantu baseNingizimu Afrika, kanye futhi nokukhokhela izindleko zokuza kukaDalai Lama uma evakashela eNingizimu Afrika ngesikhathi esizayo.
Ukukhetha labo ababezohlomula kulemali akubanga yinkinga ngoba sekuneminyakana kwakheka ubuhlobo phakathi kwenhlangano ezimele ebizwa ngeJabulani ezinze endaweni yaseMarianhill ngasePhayindane namalungu eKomidi leNhlangano yamaTibet aseNingizimu Afrika. USista Marco oyindela futhi engumhlengikazi nguye oqale iJabulani eminyakeni eyishumi nesithupha (16) edlule usebenzisana nethimba lamavolontiya ukunakekela abantwana athintekile ngokweSandulelangculazi neNgculazi enkulisa kanye nokugada labo abasuke bephuma esikoleni. Ijabulani iphinde futhi isetshenziswe yimindeni nomphakathi njengesikhungo okutholakala kuso usizo, ukwesekelwakant futhi baphinde bakwazi ukubhoboka ngalokho abasuke bekugcine ezifubeni ngaphandle kokwesaba.
IWoza Moya ingenye yezindawo ezizimele kepha ezisokolayo amalunga eKomidi aziyo ngazo futhi yakhelene nesikhungo sokuThulisa yamaBuddhist eXobho. Ingaphansi kwesandla sika Sue Hedden no TC Ngcobo abasebenza ngokukhulu ukuzinikela besiza abaguliswa yiSandulelangculazi neNgculazi ngokunakekelwa emakhaya nangokwezifundo ezimayelana nakho. Lenhlangano esineminyaka emihlanu (5) isebenza isisize abantu abayi1 980 ezinyangeni ezintathu vo ezidlule. USue uthi “Sinabantu abaningi abaneSandulelangculazi abadinga imithi kepha ababhalisile ngaphansi kohlelo lukaHulumeni lokuthola imishangu ngenxa yokuthi banesibalo samasosha egazi esisengaphezulu kuka 200. Sibonga kakhulu ngalesisipho esivela kuDalai Lama neNhlangano yomphakathi wamaTibet, yize kusekhona ukucwasana nokungaphumeli obala ngesimo sakhe umuntu, sizolokhu siphonse ihlo kulokhu futhi sazibazise indlela abaqhuba ngayo labo abazothola usizo ngalesisipho.
<<Back
|