Ukwelashwa sekusondelele Okhahlamba: Abanakekeli nabasebenzi bezempilo babambene ngezandla.
Ngaphambi kokuqalwa kohlelo lukaHulumeni lwemishanguzo esibhedlela saseEmmaus esisOkhahlamba, amavolontiya angabanakekeli bebedlala indima esemqoka ukusiza abagulela emakhaya ukuthi bathole ukwelashwa. NgoSepthemba ka2004, uPhumzile Ndlovu ungMdidiyeli wohlelo lweHIVAN HBC Intervention Programme, uhlele ukuba abanakekeli abangu10 abebesiza emawodini bahambe isonto lonke ngenhloso yokwabelana nokucoshela ulwazi esibhedlela saseThe Church of Scotland (COSH) budebuduze nendawo yaseMsinga. Lapho uhlelo lwemishanguzo selusebenza kahle khona.
Leliqembu labanakekeli besifazane elinoyedwa wesilisa phakathi kwabo, lisebenzisane nabanakekeli baseMsinga beqhathanisa izindlela abasebenza ngazo baxoxisene futhi nabagulayo okuyibona ababatshele ukuthi bazizwa besempilweni engcono kakhulu emva kokuqala ukusebenzisa imishanguzo. Khona lapho futhi bahlangane nabantu abesebeyekile ukuthatha amaphilisi emishanguzo sebesebenzisa imithi yesiNtu: eminye yayo ebiza ngokweqile futhi ethakwe ngendlela engaba namandla amakhulu esimweni sogulayo. Abanakekeli babuyele endaweni yakubo bevuseleleke kabusha, ngenxa yethemba elilethwa imishanguzo kwabaguliswa yizifo ezihlobene neNgculazi. Bathatheke kakhulu nangendlela uDokotela Tony Moll nethimba lakhe abaphatha futhi belaphe ngayo iziguli eCOSH.
Abanakekeli basOkhahlamba batshele imiphakathi yakhona ngokwenzeka eMsinga, base behlela ukuthi ezinye iziguli zihanjiswe eMsinga ngamatekisi okwenze ukuthi bagibele kasithupha ukubuya nokubuya. Ngokuhamba kwesikhathi ezinye zaleziziguli zashona ngoba zasezivele zigula kakhulu kungekho ukuthi zisengasizakala kodwa ezinye zasinda futhi zisempilweni encomekayo. Abanakekeli babhala amanothi ngabakuzuza ngokuya eCOSH. UPhumzile ubeseqopha izinkulumo abazenze ngokubaluleka kwaloluhambo lwabo lokuqala beya kulesisibhedlela.
NgoMashi ka2005 isibhedlela saseEmmaus Okhahlamba sibe sesiqala ukuzilungiselela ukukhipha imishanguzo, ukunakekela nokusekelana kwase kuthi ngoJulayi basondeza usizo kubantu emakhaya ngokuqala ukuhlola isibalo samashosha egazi okwaziwa ngeleCD4-cell count nokunye ukuhlolwa obekwenzelwa emitholampilo yomphakathi engu-5 engaphansi kwesifunda sasOkhahlamba. Esikhathini esingaphambili lokukuhlolwa bekwenziwa esibhedlela saseEmmaus kanti ukuya khona kubiza imali enkulu kwabagulayo manje imitholampilo seyenze izinto zaba lula. Odokotela abavela esibhedlela bafika ngezinsuku ezithize njalo ngesonto ukuzokhipha imishanguzo, bahlolele nokwelapha izifo ezigaxekayo futhi badlulisele iziguli esibhdlela ukuyokwelulekwa ngokubaluleka kokunamathela emishanguzweni kanye nokulanda amaphilisi.
Kuze kube manje zingu 186 iziguli ezithola imishanguzo ephuma ngesibhedlela saseEmmaus. Lokhu kusatshalaliswa kukhombisa ukushesha kunalokho okwenzeka ezibhedlela zikaHulumeni ezweni lonke. Ezinyangeni ezingu-5 amaphesenti angu 10 eziguli kwezingu 1 500 zibenakho ukwamukela imishannguzo lokhu kusho ukuthi bayingxenye eyodwa ekhulwini yesibalo sabantu basOkhahlamba okumanje isibalo sabo esimi ku 150 000. Ngokusho kukaDokotela Bernard Gaedewasesibhedlela saseEmmaus, izibalo zikazwelonke zabantu abaneSandulelangculazi neNgculazi bayo yonke iminyaka yobudala zikhomba ukuthi bangamaphesenti angu7 ezindaweni zasemakhaya babe ngamaphesenti angu 11 ezindaweni zasemadolobheni.
Okunye ukubambisana phakathi kwabanakekeli nezisebenzi zezempilo, yilokho okwenzeka edolobhaneni lasemakhaya iWinterton osekwenze ukuthi iziguli ezingu-36 endaweni yaseEleven Settlement zamukele imishanguzo ngaphansi kohlelo lweBroad Reach okuyinkampani ezimele enomxhaso weminyaka emihlanu oluvela kuHulumeni waseMelika olubhekeke ukuthi lusimamise uhlelo lwezempilo yomphakathi ngokusebenzisana nodokotela ozimele okunguye okhipha imishanguzo. Ngaphansi kweEleven Settlement kubalwa lezizindawo iRookdale, Woodford, Rooihoek, Bethany, Acton Homes, Hambrook, Cathkin Park, Winterton, Oppermanskraal neGreenpoint.
UPhumzile usesebenze kwezine zalezindawo ebheke indlela abaqhuba ngayo labo abangaphansi kohlelo lweBroad Reach uthe ngokusebenzisa ulwazi lwakhe nokuxhumana nabantu bendawo, waseqalisa ukusebenzisa abanakekeli njengabazokwelusa loluhlelo ezindaweni abahlala kuzo. Abanakekeli abaphethe amaqembu okuvuselelana lapho behlala khona bayebatshele abantu ngokutholakala kwemishanguzo. Iningi labantu abathatha lemishanguzo bayalweseka loluhlelo futhi abayazinikela ukusebenza njengabaqeqeshi emihlanganweni yazinyanga zonke lapho kufundiswa khona abasuke belungiselelwa ukuqala ukuthatha imishanguzo ngokubaluleka kokubambelela kuyona. Ngo Okthoba nonyaka, abantu abangu-66 bese bekubhalisele ukuthatha imishanguzo, lokhu kwenza isibalo sabayithathayo endaweni yasOkhahlamba sifinyelele ku-252.
“ Abantu bakithui basenenkinga yokuba nesifo sofuba kanye seSandulelangculazi” kuphawula uPhumzile, “ngo 2006 sithemba ukuthi abanakekeli bazokwazi ukusiza umphakathi ngokuwufundisa ngezindlela zokulwa nalezizifo ngokusebenzisa imithi ehlanganisiwe. Isibhedlela saseChurch of Scotland eMsinga, sikwenze ngempumelelo lokhu kuhlanganisa imithi nemishanguzo ngohlelo lwamaphilisi athathwa nsukuzonke oluqashelwa emitholampilo olwaziwa ngeDOTS”.
Imiphakathi ibhekene nenkinga enkulu yokungakwazi ukuthola imali yezibonelelo ngoba beneganabo omazisi nezitifiketi zokuzalwa, lokhu bese kubanomthelea omubi kunhlalakahle yezingane nentsha. Kudingeka ukuba kukhankaselwe ukuxhumana phakathi koMnyango wezaseKhaya nalabo okufanele ngabe bathola lemali yezibonelelo.
UPhumzile uthemba ukuthi lezizinkinga zizonqotshwa. Izinhlelo zemishanguzo olwasesibhedlela saseEmmaus nolweBroad Reach, lesiziqinisile izinhlaka zemiphakathi hhayi ngokunikeza imishanguzo kuphela kodwa nangokubafundisa ukuzimela. Ukuhlanganyela kwemiphakathi ekufundiseni abantu nasekugqugquzeleni iziguli ezisaqala ohlelweni lweBroad Reach, kunomthelela ekunciphiseni isigcwagcwa ngokweSandulelangculazi neNgculazi.
“Usizo lokwelashwa selukhona lapha njengamanje kanti nokusatshalaliswa kwalo kuhamba ngesivinini esikhulu. Ikusasa labantu basOkhahlamba liqhakazile” usho kanje.
Uma sibheka emumva kulonyaka ophelayo kuloluhamba esiphezu kwalo ngeSandulelangculazi neNgculazi singelibale ukubonga nokuhalalisa kubantu bakithi ngozwelo abalukhombisa kwabanye njengoba kwenza nezinye izinkulungwane zabantu nsukuzonke.Bakhombise uzwelo nobuntu njengoba kwenza izisebenzi zezempilo ezithi noma zibhekene nezinqginamba zokusweleka kwabasebenzi ezibhedlela zikaHulumeni ezindaweni zasemakhaya, ziqhubeke nokuzinikela zenze ngokungaphezulu kokulindelekile badela okuqondene okuningi nabo.
Njengoba laba ababambe iqhaza beqhubeka nokudala impumelelo ngokuxhumana nabanye, basiza ukonga isiNtu ngokuzinikela nangenhlonipho okuyizona zikhali ezinkulu emzabalazweni wokulwa neSandulelangculazi neNgculazi.
<<Back
|