Ukuzibophezela ngokuhlanganyela- Ake sigcine izethembiso zethu
Engqungqutheleni yesibili ye SA AIDS ebibanjelwe eThekwini, nethathe izinsuku ezine ngoJuni kulonyaka, izikhulumi eziphambili zinxuse kakhulu, abezoCwaningo, uHulumeni, abeZindaba nopmhakathi ukuthi babambisane basizane bavulelekelane emzabalazweni wokulwa neSandulelangculazi neNgculazi. Udokotel Maphele Ramphele owake waba nguMqondisi we World Bank futhi eyiSekela Shansela leYunivesithi yaseKapa- ubeke kanje” iSandulelangculazi neNgculazi kuyisibuko ebusweni boMzansi Afrika esenza sibone njengesizwe ukuthi ukungalingani kwabantu nokubandlululwa kwabo kuyaqhubeka nokusenza abantu abangakukhathaleli ubuhlungu balabo esiphila nabo.
Esithangamini nabezindaba, uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDokotela Manto Tshabalala-Msimang unxuse abantu basMzansi Afrika ukuthi bazivikele ngokuzithiba ukuya ocansini, bathembeke kubalingani babo futhi basebenzise amakhondomu ngenkathi kusaqhutshekwa nokucwaninga ngokuthola okokugomela igciwane nokokulidambisa. Uqhube wathi kukho konke lokhu kucwaninga makungashiywa ngaphandle amakhambi esiNtu ukuthi wona angasetshenziswa kanjani ukuthibaza izimpawu zeSandulelangculazi neNgculazi. USolwazi Anthony Mbewu onguMengameli weSA Medical Research Council ubalule ukuthi abantu abaningi abahluphekayo baqala ngokusebenzisa amakhambi esiNtu ngaphambi kokuyocela imishanguzo ngakhoke kumele kuhlolisiswe ukuthi ukusetshenziswa kwalezizinto ngasikhathi sinye kungaba namthelela muni, uqhube wathi kumele kubhekwe ukuthi yiziphi izidlela zokwelapha ezingcono ezingasetshenziswa yilabo absneSandulelangculazi kepha abangakutholoi ukudla okwanele nokuyikho. UNgqongoshe akakwazanga nokho ukunikeza izibalo ezimayelana nokusatshalaliswa kwemishanguzo, ngabayeka ukuyisebenzisa, ngobuthi obukuyona, ngalabo ebaphatha kabi empilweni nangalabo abasakukhuthalele ukuyisebenzisa. Kodwa uthe zikhona izimali ezibekwe eceleni ukwenza umsebenzi wokuqoqa lonke lolulwazi ngeziguli kanti futhi umnyango weze Mpilo usaphenya ngezindlela zokusebenzisa imiyalezo yamaselula noma omakhalekhukhwini ukukhumbuza abagulayo ngokuthatha imishanguzo yabo ngokugcwele nangezikhathi ezifanele. Okuningi okwethulwe kulengqungquthela kubhekiswe ekwakhiweni kobudlelwano ngaphakathi kwemiphakathi, ukuthwalisana nokulekelelana, ukuhloniphana nokumisana isibindi.
Nazi ezinye izibonelo:
EzoCwaningo jikelele
Izinqandimagciwane ezigcotshwayo (microbicides- ukhrimu, iziponji, okusajengezi nezinye izinhlobo zokugcotshwayo okungasetshenziswa abesifazane ukuvikela ekutholeni igciwane leSandulelangculazi) sekube nenqubekela phambili ebonakalayo ekwenziweni nasekuhlolweni kwalemikhiqizo uma kungaba khona iziqiniseko zempumelelo yokusebenza kwazo ngokuhlolwa ebantwini kanti futhi ikwazi ukutholwa ngumuntu wonke, lokhu kungasho ukujika kwezinto mayelana nendlela lomashayabhuqe obhebhetheka ngayo ngoba abesifazane sebengabanika amandla okuzihkethela izindlela zokwenza ucansi oluphephile. Kodwa ke ukuhlola okunjengalokhu nokuthola iziqiniseko kuyinto ethatha iminyaka nyaka.
Isibonelelo semali kwabaneNgculazi nemali yokukhubazeka eMzansi Afrika.
Umthelela omkhulu kakhulu walomashayabhuqe wukuvuleka kwegebe phakathi kwabanemali nalabo abangenayo, yisimo esibucayi samathuba emisebenzi, esenhlalakahle nempilo yabantu okusafanele ngabe basasebenza kanye nesidingo sokubukisiswa kabusha kwencazelo yoku”khubazeka” kulemihla yeSandulelangculazi neNgculazi. Njengamanje abantu abaphila neNgculazi bazithola kumele bakhethe phakathi kokuthola imali yesibonelelo sokukhubazeka kanye nokuba nethuba lokuphila impilo ende nengcono ngosizo lwemishanguzo. Kunzima ukuthatha isinqumo ngalokhu ngoba imali yesibonelelo iyavalwa uma isiguli sesihloliwe satholakala sinesibalo samasosha egazi esingaphezu kuka 200 kanti lokhu kushiya lowo ogulayo nomndeni wakhe bengasenamali yokuthenga ukudla okunomsoco, neyokugibela aye emtholampilo okwenza kube likhuni ukuqhubeka nohlelo lokuthatha imishanguzo ngendlela efanele. Umbuzo omkhulu othi: “ Kuyini ukugula kakhulu?” uyinselelo kithi sonke njengoba iSandulelangculazi neNgculazi kufana ubumbano nensebenziswano yomphakathi.
Ukucabanga okwehlukile: uhlelo lweBroad Reach lwakha ngokubanzi
Lolu wuhlelo olusibonayo isidingo sokuvimba ukwanda kwesibalo sabantu abaneSandulelangculazi, ukuhlola labo abangakazazi isimo sabo, ukwelapha izigidigidi zalabo asebekhungethwe yisifo nokusekela izigidigidi zalabo abasa’phile kahle’ emiphakathini. IBroad Reach wuhlelo oluxhaswe abamabhizinisi kanti ifinyelelisa usizo lokwelashwa nemithi lapho abantu behlala khona. Kuqeqeshwa amavolontiya nezisebenzi zempilo yomphakathi ukuze bakwazi ukukhuthaza abantu ukuthi bazozihlolela igciwane ngaphandle bengaphoqiwe, ukusiza abagulayo ukuthatha imishanguzo ngendlela efanele nangesikhathi, ukusungula amaqembu okunikezana ithemba ukuze abantu bakwazi ukuhlangana baxoxe ngokubathintayo emizimbeni nasemiphefumulweni yabo ngenxa yokuphila neSandulelangculazi neNgculazi. Loluhlelo selube nempumelelo encomekayo eUganda, eHaiti, eBotswana nakhona lapha eMzansi Afrika. Kusaqhutshekwa neminye imisebenzi yalo njengokuqinisa ukuxhumana phakathi kokuvikela isifo nokwelashwa kwaso, ukuvezwa kwezinsiza zokuhlolela igciwane ezinokusetshenziswa emakhaya noma emphakathini kanjalo nokuthola izindlela zokubhekana nokungathathwa kwemishanguzo ngendlela eyiyo emazingeni ezifunda kanye nasemitholampilo.
Isizathu sokuphila: “ Singathanani nifundisane omunye nomunye”
UDoketela Okunga- Nambasi osebenza kwesinye sezibhedlela zasenhla neKwaZulu- Natal ugcizelele ukuthi ukunakekela abantu abaphila neSandulelangculazi neNgculazi kuyinto engaphezu kokuthatha imishanguzo- kusho ukusheshe belashelwe ezifo ezihambisana neNgculazi (ikakhulukazi isifo soFuba i TB), ukuqinisekisa kokubakhona kokudla okwanele futhi okunomsoco kanye nokunqanda ukwanda kwesifo. Ngokwakhe ukubona ulwazi, ukufundiswa ngeziphathelene nempilo yomphakathi kanye nokuthatha izinqumo, kuyabasiza abantu uma sebegula, behlukunyezwa, bempofu noma beswele. Uthe lokhu kungenziwa ezikoleni, emindenini kanjalo futhi nangokusebenzisa abezindaba ukusabalalisa ulwazi. UDokotela Francois Venter weYunivesithi yaseWits uthi uyavumelalna necebo likaHulumeni kuzwelonke olumayelana neSandulelangculazi neNgculazi lweNational Plan for HIV/AIDS Treatment and Support okuwuhlelo oluphelele lokunakekela kuhlanganiswa nekuzuzwa ngokusebenzisa imishanguzo, nokudla okunomsoco, kanye namaphilisi amavithamini avumelekile ukuze umuntu abe nethuba lokuphila isikhathi eside. Uthi izinhlelo kufanele zibuke nhlangothi zonke, ukunikezwa kwemithi, ukudla ngendlela efanele, kanye nokufundisa ngokwelashwa.
Ukuxhumana nalabo esesibakhohliwe: Kufundiswa komphathi ngokwelashwa
Uhlelo lokungena imizi ngemizi lweTreatment Action Campaignkufundiswa imiphakathi ngeSandulela neNgculazi nangemishanguazo yokwelapha lunika abantu ithuba lokuzitholela amaqiniso, ukubuza imibuzo umuntu umuntu azitholele izimpendulo azithathele izinqumo esenolwazi oluphelele futhi esecabangisise kahle ngazo. Loluhlelo lokuthi kuyiwe kubantu lapho behlala khona lungumzamo wokusabalalisa ulwazi ngemizimba yabo, ngegciwane leSandulelangculazi neNgculazi, ngezifo ezihambisana neNgculazi, ngokudla okufanele, ngokusebenza kwemishanguzo, ngempilo yezocansi, ngohlelo lukazwelonke lwezempilo, ngezimali zezibonelelo kanye nangezibalo zabakhungethwe yilesisifo. Emaqenjini okusuke kuhlanganenwe kuwo abantu bafundiswa ngolimi lwabo futhi banikezwe izithombe ezingamashadi okusiza ekuthini kube nokuxoxisana phakathi kwabantu besekuqhubela phambili umsebenzi osuke usuwenziwe amavolontiya nezisebenzi zezempilo.
Umngenelo wabezamabhizinisi ngeSandulelangculazi neNgculazi
Abezinkampani ezinkulu ebebekade bethamele lengqungquthela bethule uhlaka oluthembisayo lokubhekana neSandulelangculazi neNgculazi emsebenzini. Iningi lezinkapmani linezinhlelo zokufundisana ngaphakathi emsebenzini ezinye zinezinhlelo zokuhlolwa okungaphoqiwe nezokukhipha imishanguzo kubasebenzi kanye namalunga emindeni yabo. Inhlolovo eyenziwe ezinkampanini ezingenkulu nakulezo ezincane ikhombise ukuthi kusekhona ukungaqondisisi kahle ngemiphumela yalomashayabhuqe wesifo. Zibe zincane izinkampani ezizimisele ukuphawula ngosizo ezilunika ngeSandulelangculazi neNgculazi kubasebenzi bazo. Labo abavumile ukuphawula bezwakalisa ukukhathazeka ngeSandulelangculazi neNgculazi bakhale ngezingqinamba zokubiza kwalezizinhlelo, ukungabikho kahle kolwazi, ukubandlululwa nangesigcwagcwa. OngumCwaningi omkhulu uSydney Rosen uphawule ngelokuthi, izinkampani noma ngabe zingakanani ngobukhulu kumele zingagcini nje ngokuba nezinqubomgomo ngokuphathelene neSandulelangculazi neNgculazi emsebenzini. Uqhube wathi “ Abaphathi abakhulu kumele bangenelele ngokugcwele kulezizinhlelo babhekane ngqo namaqiniso ngalokho okungadalwa yiNgculazi kubasebenzi babo.
Bonke abakade behambele lengqungquthela nabakade bezokwethula izinkulumo bavumelene ngelokuthi isigcwagcwa nokubandlululwa ngenxa yeSandulelangculazi neNgculazi yikho okuphazamisa abanesifo, ozakwabo emisebenzini kanye nemindeni yabo lapho bebhekene nalesisifo. Imvama yabo ibenombono wokuthi abaphathi bezinkampani abuluboni lolubhubhane njengenkinga emabhizinisini abo nasemphakathini ngokubanzi, futhi ababoni kumele kube wumthwalo wezinkampani ukubhekana nemophumela yalesisifo. Okujabulisile wukuthi, ingcosana yabaphathi bamabhizinisi ebonayo ukuthi kumele ingenelele kulomkhankaso wokulwiasana neSandulelangculazi neNgculazi, bathe ukusiza basebenzi babo bakwenza ngoba ngokuqhutshwa wukwazi ukuthi lesi yisenzo sokukhombisa ukuzwelana nabo nokubakhathalela hhayi ngoba bebhekela inzuzo yamabhizinisi abo.
Bakuvumile ukuthi izinkampani ezizimele kufanele zithathe iSandulelangculazi neNgculazi njengenselelo ebhekene nabamabhizinisi, bazame ukuthola ukuthi labo abenza imisebenzi efundelwe bazi kangakanani kanti futhi bathinteke kangakanani. Kumele kubacacele ukuthi umoya wobuvolontiya awuzukuqhubeka ingunaphakade. Kube sekunxuswa izinkampani ezinkulu ukuthi zisize lezo ezincane ukuqala izinhlelo zokubhekela iSandulelangculazi neNgculazi emsebenzini, nangokubanika izinsiza zokwenza lokhu. Bonke bavumelane ngokuthi kumele kusungulwe uhlaka lwamalungelo oluzosetshenziswa ukukala okwenziwa izinkampani ezincane, eziphakathi nendawo kanye nezinkulu ngokuphathelene nokuqalwa nokuqhubeka kwezinhlelo zobhekana neSandulelangculazi neNgculazi emsebenzini, amakhono obuholi kulokhu futhi kusetshenziswe abezindaba ukulekelela umzabalazo wokulwisana neSandulelangculazi neNgculazi.
<<Back |