Izindaba zemikhankaso nezinsiza
Isiyingi sokuphana: Amavolontiya asebenza ngaphansi kwesikhungo seHIVAN esizinze eHoward College, eYunivesithi yaKwaZulu-Natal ngokubambisa nayo enze umsebenzi wokuqoqa izimali othathe odonse izinsuku ezimbili (2). Kutholakale imali engR1 500 ngokudayiswa kwamathikithi omncintiswano, kwenzelwa ukusiza iziguli zaseSinikithemba esesibhedlela Mc Cords ezineSandulalangculazi nemindeni yazo. Banikele ngezikhwama ezingu15 zigcwele izingubo zokudayiswa esikhungweni esiseHillcrest AIDS Trust ukuze nabo bakwazi ukuzenzela imali. Ukutomnyulwa kwamagama abawinile kwenziwe ngomhlaka 11 no 12 kuMeyi imiklomelo ibihlukahlukene kukhona phakathi kwayo amathikithi okuyodla eSpur eDavenport Centre, amathikithi okuyobuka ifilimu eNu Metro eSunCoast, amaCD aseMusica, iwayini elinikelwe abaseQuensmead Spar, ithosta enikelwe abakwaKnowles, izikipha ezinikelwe wumsakazo iEast Coast Radio, isikhwama sokuphatha izimpahla zemidlalo esinikelwe abasebhange iStandard Bank kanye nezincwadi ezinikelwe abaseHIVAN.
Isikhungo sokunakekela esibizwa ngeCampus HIV/AIDS Support Unit, sibuye sisebenze njengendawo lapho kungalethwa khona iminikelo kanti ylapho futhi wabiwa khona okunikelwe ngakho. Ofisa ukunikela ngezingubo nanoma nini angaxhumana nalesisikhungo ngokushayela lenombolo: (031) 260 2511
“ Wena, Nami neSandulelangculazi” / “ Wena, Nami neHIV”
Lencwadi eseqophelweni eliphezulu ithasisela kuleyo ekhishwe ngo 2002 esihloko sayo sithi “ Staying Alive- Fighting HIV/AIDS” okwangungumzamo nomqondo kaSolwazi Siamon Gordon weYunivesithi yaseOxford. Inemibhalo nemifanekiso emihle eyenzelwe abantwana ukuze kube lula ukuqonda ukuthi liyini igciwane leli, lisebenza kanjani emzimbeni, namaqiniso ngokuthi litholakala kanjani leligciwane futhi lingavikeleka kanjani iphinde ibe wusizo olukhulu nakwabadala. Kusetshenziswe ulwazi nezeluleko ezisencwadini engaphambi kwalena, okutholakele ngokuxoxa nabantwana, othisha, abazali, izisebenzi zezempilo, ukuhlanganisa lencwadi etholakala ngesiNgisi nangesiZulu ibe futhi ihambisana nezithombe ezingamashadi nencwadi yokufundisa kathisha. Izithombe ezingamashadi zinalezi zihloko “ Sibagulisa kanjani abantu iSandulelangculazi” nesithi” Zivikele ekubeni neSandulelangculazi” Lezizinsiza ngezindlela zokufundisa zichaza ngokwenzekayo uma umuthu engenwa yisifo futhi zinikeza ngamakhono okuhlomisa lowo osengenwe yiSandulelangculazi neNgculazi ukuze akwazi ukubhekana nalesisimo yena qobo kanye nomphakathi. Lencwadi inesethulo esimyalezo ovela kuZackie Achmat ewubhekise kubafundi. Uma ufuna ukwazi kabanzi thintana noLinzi Rabinowitz kulelikheli Irab@surething.co.za noma ubhalele e HIVAN, 232 King GeorgeV Avenue, University of KwaZulu-Natal, Durban, 4041
Izicathulo ezibizwa nge “ Soul of Africa”
Lona ngumzamo owenziwe nomxhaso woSomabhizinisi bemboni yezicathulo abakhathazekile baseBrithani behlangene nabaseMzansi Afrika, abesifazane abangasebenzi baqeqeshelwe ukuthunga ngezandla izicathulo ukuze bakwazi ukuthola imali yokondla imindeni yabo. Kulelo nalelo ipheya elidayisiwe umnikelo kaR30 noma R40 ezibhekene nokunakekelwa kwabantwana nangokwemfundo kulabo asebeyizintandane ngenxa yeNgculzai. Lezi zicathulo zitholakala ngemibala eyehlukene ezitolo ezidayisa izicathulo zohlobo lweFroggie neClarks. Ukwazi kabanzi ngalokhu xhumana no Sarah Gedye kulelikheli P O Box 25059, Rossburgh, 4027, inombolo yocingo (031) 450 0251, inombolo yefeksi (031) 465 3252
Ukuhlelela ikusasa: Incwajana yemindeni nemiphakathi
Inhlangano yeJSI (John Snow International) ezinze eYurophu kanye neSAFAIDS (Southern African HIV and AIDS Information Dissemination Services) yasemazweni asemazansi neAfrika ziphisana ngaleli bhukwana kulabo abakhungethwe yisifo, imindeni yabo kanye nabanakekeli ukubasiza ukuhlelela ikusasa. Lencwadi iqukethe lokho okungenziwa ukusiza abantwana kusukela ngenkathi abazali baziswa ukuthi banalesifo, ekuguleni kwabo kuze kufike esikhathini sokushona kwabo izingane seziba zintandane. Inika izeluleko ngokuphumela obala kwabazali kubantwana, ukuqoka abazobheka abantwana uma abazali bengasekho, ukwakha izikhumbuzo, ukubhala izincwadi zokwaba amafa, ukudluliselwa kwempahla kwabasele, ukutholakala kosizo lwezenhlalakahle, nolwazi ngokutholakala kwezincwadi noma amaphepha omthetho. Noma ke lencwadi yayibhekiswe kakhulu kubantu baseZimbabwe, ulwazi oluqukethwe kuyo lulungele ukusetshenziswa noma yikuphi lapho izingane ziphathekile ngokweNgculazi. Lencwadi iyatholakala kukhompyutha kuleli kheli www.zhap.org- Publications section noma ngokuyicela kulelikheli SAFAIDS: P O Box A509, Avondale, Harare, Zimbabwe. Inombolo yocingo +263 4 336193/ 4; 307 898. Inombolo yefeksi: + 263 4 336195 noma nge e-mail : info@safaids.org.zw
<<Back
|