HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ukuklonyeliswa kwabazinikelayo: onompilo abangamavolontiya eMthunzini bethweswa iziqu.

Umhlaka 23 Mashi kulonyaka awubanga usuku olujwayelekile konompilo endaweni yaseNtabeni enhla neKwa-Zulu Natal, ngoba ngalolusuku abazange bahambele amakhaya njengenjwayelo ukuyonakekela abagulela emakhaya. Kubengusuku olukhethekile lapho kufezeke khona amaphupho abo okuthi bathweswe iziqu zokuba ngonompilo abaqeqeshwe nokugcwele nangokusemthethweni.

Ithimba labacwaningi laseHIVAN liqale ukuhlangana nokwazi ngabo njengamalunga omphakathi azinikele ezinyangeni eziningi ngesikhathi benza ucwaningo ngolwazi umphakathi wesemakhaya eMthunzini, onalo ngokuphathelene ngeSandulelangculazi neNgculazi. UMcwaningi omkhulu uYugi Nair nozakwabo uSibongile Maimane noZweni Sibiya ngokubonisana nababambe iqhaza endaweni baqale izinhlelo besebenzisa imiphumela abayithole ngocwaningo olwenziwe kulendawo. Okukodwa kwalokhu kube kube wukuthi kuqalwe uhlelo lokuqeqesha amavolontiya azonabangonopilo ababheka abagulela emakhaya kubhekiswe kakhulukazi kulabo abaphila neSandulelangculazi neNgculazi.

UYugi noSibongile noZweni bathatheke kakhulu ngosebenzii owenziwa yilamavolontiya phansi kwezimo ezinzima. Bebevele bazi ukuthi lapha eNingizimu Afrika kunezinkulungwane zabanakekeli njengabo laba abasebenza ngokuzinikela ukusiza omakhelwane babo enhluphekweni kepha bengatholi mvuzo ngalokhu.”Bahamba amabanga amade beshiswa yilanga benyuka izintaba nemiqansa beshona nasezigodini lapho imizi yakhiwe khona” kunanela uSibongile okunguye obesondelene kakhulu namavolontiya futhi ebhekele ukuqeqeshwa kwawo.

“Ngesikhathi ithimba lethu liqala ukwenza ucwaningo kulomphakathi, ayengaqeqeshiwe ngokweSandulelangculazi neNgculazi futhi enganalwazi lokuthi

umuntu ophila nalesisifo unakekelwa kanjani, ukuthola ulwazi bekuyingxaki yabo enkulu. Sibe sesibachazela ukuthi asikwazi ukubaqeqesha thina ngokwethu kepha sizobatholela umqeqeshi okufundela okunguyena ozobhekana nalomsebenzi”

Abacwaningi babesebethola abezokwelapha babambisana nabo ukufeza lenjongo, okuthe ngesikhathi amavolontiya aziswa ukuthi azoqala izifundo akhombisa injabulo enkulu. “Kube yizindaba ezimnandi kakhulu kubona “ kusho uSibongile “Omunye wabo uthe akasakwazi nokulinda ukufika kwalolosuku ayozithola esephethe isitifiketi ngesandla , uyoze azincinze ukuqiniseka ukuthi ngabe lokho kuyobe kwenzeka ngempela na.”

Amalungiselelo aqala ke wonke umuntu wangenelela. Ukuqeqeshwa kokuqala oukthathe amasonto amabili kwenziwe ehholo lomphakathi kwabuye kwaba amanye amasonto amabili sekuqeqeshwa iqembu lesibili. Kubacwaningi ukulungiselela lokhu akubanga yinto elula. “Bekufanele ukuthi sithole indawo yokuhlalisa umqeqeshi khona lapho emphakathini”, kuchaza uSibongile ,” ukuze akwazi ukuba njengomunye wabo futhi umphakathi ukwazi ukuxhumana naye kalula; okunye kube ngukuthi lowo azohlala ekhaya lakhe abe ozokwazi ukumnakelela ngesikhathi esenza umsebenzi wokuqeqesha. Umqeqeshi nakuye bekungelula kuye njengomuntu wasedolobheni ukuhlala emphakathini wasemakhaya. Kuthe ngesikhathi ephuza amanzi omfula wathi lokhu kuzoba yinto entsha ayifundile”

Kuthe ngesikhathi kubonakala ukuthi iningana lamavolontiya alikhoni ukuqhubeka nezifundo ngenxa yokuthi ezinye ezinxenye zazo zenziwa ngesiNgisi, umqeqeshi wazihumushela esiZulwini zonke lezozinxenye. Uzamile nokho ukukhuthaza labo akade benenkinga ukuthi bazame ukuzijwayeza amatemu esiNgisi.ngoba kuzokwenzeka bahlangabezane nalawomatemu eMitholampilo nasezibhedlela. Ngokusho kukaSibongile umqeqeshi utshele amavolontiya kanje: “Anginiqeqesheli ukuba nibe yimifanekiso yonompilo” Ngifuna ukuthi nikwazi ukukhuluma nizwane lapho amanesi enibuza imibuzo ngalesisifo futhi lokho nikwenze ngokuzethemba okukhulu. Ezinye zalezizifo azinawo amagama angasetshenziswa ayisiZulu”

Amavolontiya abexubile ngokweminyaka kanti futhi kungawesilisa nabesifazane. Ngesikhathi sokuqeqeshwa labo abasebasha bazithole sebenza okuphambene ngokwenqubo yesiko ukuthi babize labo abadala kunabo ngamagama abo. Ngesikhathi uSibongile ebuka konke lokhu kwenzeka uphawule ukuthi omunye kulamavolontiya osemncane wayenenkinga ngempela ukwenza lokhu ayekubona njengokungakhombisi inhlonipho wayesebatshela ukuthi lokhu kwakuzoyekiswa ekupheleni koqeqesho lwabo.

“ Umqeqeshi ungumuntu obencokola nabo nesikhathi ebafundisa” kusho uSibongile. “Bekuthi uma bethatha isikhathi eside ukuphendula imibuzo ababuza yona, athi ‘Angibafuni abantu abagibela iminenke. Kumele niphaphame!’ “

Abaqeqeshwayo bebekujabulele ukufundiswa kangangoba usuku lwabo lokugcina lwathanda ukuba muncu. Omunye wabo wayesho nokusho ukuthi izingane zakhe bezijabula kabi uma zibona unina evuka nsukuzonke ekuseni elungela ukuya ‘esikoleni’ kanye nazo, bezimbuza njalo ngalokho abekufunda. Umyeni wakhe yena ujabuliswe wukwenziwa kocwaningo nangakho ukuqeqeshwa abakutholile, okuthe ngolunye usuku wazinikela wakhumula izicathulo wagoqa nebhulukwe elekelela ukutakula imoto yomqeqeshi eyayibhajwe kwelibi ixhaphozi. Akabanganandaba nangenkathi amasondo emoto ebachaphazela ngodaka wavele waqhubeka ngoba efuna ukubona ithimba lifinyelele endaweni lapho kuqeqeshelwa khona.

Izitifiketi zalabo abebeqeshwa bezigaywa endaweni ekude ngo100 wamakhilomitha kunalapho umphakathi ukhona, ngalesosizathu kwanqunywa ukuthi ukwethweswa kuziqu kuhlehliswe ngamasonto amabili. Onompilo yilo qobo abazenzele uhlelo ngokukhulu ukujabula nokuziqhenya. Nangale kokuthi abanamali futhi baphuma endaweni esemaphandleni ngenxa yokuzibona sebekwazi ukuzimela bazihlelele ukuqasha amajazi emfundo ukuze bonke abebeqeqeshwa bagqokele umcimbi ngendlela yakhona futhi bonke bathokozele impumelelo yabo ngendlela esestayeleni.

“ Usuku lwaluyinto yokubukwa, konke okwakwenzeka kwaqoshwa kwividiyo” ngokusho kukaSibongile. Inkosi yendawo yanika imvume yokuthi wonke umcimbi wenzelwe enkantolo yesizwe, kwakukhona ngisho abaholi bendabuko abaphethe endaweni. Omunye umholi wesifazane wabancoma kakhulu labonompilo ikakhulu labo besilisa ephawula ukuthi noma bengakuvamile ukuhamba izinkundla zemihlangano, kodwa isinyathelo sabo sokuba ngabanakekeli kwabagulela emakhaya usibona njengomzamo oncomeka kakhulu. Omunye ongumelaphi wendabuko owaziwa ngokwelapha abaneSandulelangculazi, wabancoma kakhulu onompilo esho ukuthi ubebabukela phansi ezibuza ukuthi kungani ‘behla benyuka okwezinhlanya’ kodwa ngalolusuku wayeseyibona imiphumela wokusebenza kanzima kwabo”

Umphakathi kubalwa nezingane eziningi, bezothamela umcimbi bazijabulisa ngokwakwenziwa. USibongile uthi kwakukikizwa kushaywa ihlombe kudanswa kuhalaliselwa ababecula. Imindeni nabangane nomakhelwane babebukele begcwele injabulo lapho onompilo bemukeliswa izitifiketi.

Imiphumela emihle yalokhu kuqeqeshwa izohlala ibonakala emphakathini njengoba umsebenzi namakhono abo sekukhuthaze nabanye ukuthi bajoyine ukulekelela abadinga usizo.

USibongile uyachaza ngokuthi, imizamo yocwaningo lwathimba lakhe yayihlelelwe ukuthi basebenzisane kahle nangokuyikho nabahlala endaweni yaseNtabeni. Ukuqeqeshwa kwahlaziywa kabanzi ngokuxoxisana nabayisithupha ngokwahlukana kwabuye futhi kwahlaziywa ngokuxoxisana namaqembu amabili. “Bonke ababenesandla, abangaphakathi nabangaphandle bebebambe iqhaza nokugcwele kusukela kwasekuqaleni akubanga nje ukuthi bayaxoxelwa ngemiphumela etholakele,” uyachaza, “ kodwa qhubekani nokusebenzisana ukusombulula izinkinga ezidalwe yiSandulelangculazi neNgculazi, ubuphofu nokuswelakala kwezidingo ngqangi”.

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape