Ukubona ngale
kwezimfihlo
Ngiyanibingelela nonke bafuthi abaqotho futhi
ngamukela nabo bonke abasanda kusijoyina ekubeni
abangane bakaSondela ngokuxhumana nathi.
Labo phakathi kwenu abaziyo ukuthi iSandulelangculazi
neNgculazi kusithikameza kanjani empilweni, bazithola
kumele bakhulumele safuthi, bakhulume kakhulu
ukuqinisa imizamo yokuvikela, ukunakekela nokwelashwa.
Labo abamele kude bengazithinti begcina nje ngokuzwa,
bazozithola maduzane nje sekufanele bayeke ukuzwa
bagcine ngokungenzi lutho ngokwenziwa yilolubhubhane
kodwa sekumele bavulisise izindlebe nezingalo
zabo.
Imibiko
esemthethweni ekhishwe ezikhishwe kulezinyangana
ezimbalwa ezidlule, ikhomba ukuthi abasebenzi
basezibhedlela nasemitholampilo bathwele kanzima
ngenxa yokwehla kwesibala sabahlengikazi, odokotela
nosokhemisi abamelene nokubheka izidingo zeziguli
kanti nezabo izimpilo zithanda ukuntengantenga.
Ezikoleni silahlekelwa ngothisha abaqeqeshekile
bebulawa yiNgculazi. Izinga lokukhulelwa kwentsha
liphezulu ngendlela engazane ibonwe ngaphambili.
Ukukhiqizwa kokudla ezweni lethu kukhutshazwa
ukugula nokufa okudalwa yiNgculazi lokhu kwandisa
kakhulu ubuphofu ezindaweni zasemaphandleni nakulezo
ezisemadolobheni, udlame olubhekiswe kwabesifazane
nezingane nalo luyadlondlobala.
Abanye babantu bakithi eMzansi Afrika, baphila
futhi bafa buthule ngoba besaba ukulahlekelwa
yimisebenzi yabo, abahlekisana nabo,imindeni yabo,
abakhonza nabo kanye nabangane babo. Singenza
kanjani sivuke sizithathe sibhekane nalokhu okufuna
ukusicekela phansi kusishabalalise, sibuyise ithemba
khona sizokuba nekusasa na? Njengabaphila ngokuhlalisana
singabhekana kanjani nokuthi isenzo sokukukhombisa
nokwandisa impilo sesphenduke saba yisisusa somzwangedwa
nencithakalo?
Ithemba lethu likulabo bantu abazikhathaza ngabanye,
abangagxeki futhi abangahlazisi muntu ngoba bekholelwa
ekuthini- silapha njengabantu ukuze singabukani
nje kodwa sibukisane, sisizane. Wonke umuntu ,
kungaba yindoda, yinkosikazi, noma ingane, eneSandulelangculazi
noma engenaso unokuthize angakufundisa umhlaba(abanye).
Abantu abanjengalaba baveziwe kuleliphephabhuku-
hayi nje kuphela laba abangabaholi njengoAnnastasia
Kweyama waseNtshongweni noPhumzile Ndlovu waseBergville
kodwa nalabo abathintana nabo abangashiwongo ngamagama,
futhi abavuselela bekhuthaza labo abazizwa bekhishelwe
ngaphandle. Bazikhathaza ngabanye ngoba nabo sebake
bakuthola ukukhathalelwa kanti futhi ngolunye
usuku bangase bamdinge oyobakhathalela abanakekele.
Indaba ngabantu abahlanganyele ezivandeni zemifino
zaseSinikithemba, ingumzekeliso omuhle walokhu,
bazihlanganisa nabanye bachithe isikhathi sabo
belima, betshala ukuze kutholalakele ukudla okuyinto
edingeka kakhulu ukunika impilo namandla.
Yiwo lomuzwa wokuba nobuhlobo obujulile nokuba
munye nabantu kanye nezwe okwenza kubelula ukubhekana
nokwesaba, ubuhlungu, ukwesaba, uqhekeko, ukubandlululwa
nodlame olusebantwini emiphakathini yakithi. Omdala
nomncane, ocebile nompofu, indoda nenkosikazi,
abantu bazo zonke izinkolo, amasikompilo nobuhlanga
bayazi ngalobu bunzima. ISandulelangculazi neNgculazi
yisimo sobuntu esibucayi esikubeka obala konke
okusihlanganisa njengabantu. Kubona bonke lobu
buhlungu ezibudalayo kukhona isiqalo sokulapheka
nethemba elisha ngekusasa. Ukukhuluma, ukuhlangabezana,
ukuphakamisana, ukuqinisana nokusondelana. Woza
esiyingini sethu- usixoxele indaba yakho.
Sondela: Thintana nathi:
Judith King – uMhleli
HIVAN (Centre for HIV/AIDS Networking)
c/o Public Affairs Annex, University of KwaZulu-Natal,
Durban 4041
Ucingo: (031) 260 2975
Ifeksi: (031) 260 2013
e-mail: judithk@hivan.org.za
Website: www.hivan.org.za
<<Back |