Ithemba nosizo lokwelashwa
Imishanguzo yeARV nokunakekelwa kwabagulela emakhaya
eBergville.
Uhlelo
lukazwelonke loMnyango wezeMpilo lokukhipha imishanguzo
yeSandulelangculazi neNgculazi lusungulwe ngoNovemba
2003 kwathi ukubhalisela ukuthola lemishanguzo
mahhala kwaqala ngoJuly 2004. Kodwa kuze kwaba
yikota yokuqala kulonyaka iningi labantu emadolobheni
amakhulu namancane lapha kwaZulu-Natal lingakalutholi
loluhlobo lokwelashwa.
Esifundeni saOthukela okungesinye sezifunda zasemaphandleni
ezikhahlamezeke kakhulu, abasebenzi ezibhedlela
nasemitholampilo, amavolontiya anakekela abagulela
emakhaya, iziguli kanye nemindeni yazo babhekene
nezingqinamba eziningi mayelana nokulethwa kwalemishanguzo
nokunakekelwa kwabantu emiphakathini yabo.
Izinhlaka ezikhona njengamanje ziyehluleka ukuhlangabezana
nezidingo zokwelashwa nokunakekelwa kwa gulela
emakhaya lokhu kuholela ekuthini kube nokubambezeleka
nokudangala okugcina sekulethe usizi olukhulu
emphakathini. Nangaphezu kwmabanga amade, ukuswela
imali yokugibela, ubuthakathaka bomzimba, abantu
abaningi basaziveza ukuze bahlolelwe igciwane
leSandulelangculazi nokuthi kuqinisekiswe ngesibalo
samasosha egazi emzimbeni yabo. Kokunye kuba nesidingo
sokuthumela amagazi emadolobheni amakhulu ukuze
ayohlolwa khona. Izikhungo zempilo ezimbalwa esezivunyelwe
ukuhlolela igciwane nokukhipha imishanguzo, zisabhekene
nenkinga yokungabi khona kwemishanguzo eyanele
nedingwa yiziguli.
Indima yamavolontiya abheka abagulela emakhaya
ibaluleke kakhulu ekuphumeleliseni loluhlelo lokwelashwa
ngoba yibo abakwazi ukuhlwayafuthi banakekele
labo abaguliswa yizifo ezihlobene neNgculazi ngokunjalo
beluleka nemindeni nomakhelwane nokuningi okumayelana
nokutheleleka ngeSandulelangculazi, nokutholakala
kosizo lwezimali, ngezindlelazokunakekela emakhaya
nagezidingo zezingane eziyizintandane.
Amavolontiya aseqeqeshwe ngokugcwele aqinisa imizamo
yabasebenzi basemitholampilo nonompilo ngokulekelela
iziguli ekuthatheni imithi njalo nangendlela efanele
futhi laba besifazane bafundisa imindeni yabagulayo
ukutshala izivande ukuze kutholakele ukudla okunomsoco
futhi okungaba yindlela yokuziphilisa.
“Abantu abaningi abanegciwane leSandulelangculazi
abahlala emaphandleni bayazizwa uma sebegula kakhulu.”
Kusho uPhumzile Ndlovu ongumdidiyeli wohlelo lokunakekela
emakhaya lweHIVAN oThukela Home-Based Care Intervention
eBergville, ‘’kodwa ngezizathu ezithile
bazithola sebegulela ukufa ngaphambi kokuba bayocela
usizo ezindaweni ezahlukene. Iqembu labanakekela
emakhaya abangu 70 bayazama ukulwa nesigcwagcwa
nokuphikwa kweNgculazi okuyikho okuvimbela abagulayo
ukuthi bacele usizo nathi senza konke okusemandleni
ukubasiza nokubayisa kodokotela ngesikhathi ukuze
kusindiswe izimpilo zabo.”
Okudabukisayo wukuthi abaningi abagulayo bayafa
bengalutholanga usizo emva kokuhlala izinyanga
ngezinyanga ngenxa yokwesaba, benomzwangedwa nokukhandleka
emzimbeni. NgoFebhruwari omunye wabanakekeli baseBergville/Okhahlamba
waphelezela indodakazi kamakhelwane eyayisigula
kakhulu iya esibhedlela saseChurch of Scotland
kodwa nokho yashonela endleleni emva kwamahora
amane besemgwaqweni obhenke eGreytown.
Isihe sabanakekeli asigcini lapho kodwa bayaqhubeka
basimamise abashonelwe futhi babasize noma sebenza
amalungiselelo omngcwabo; lokhu kuzinikela kwabo
kubuye kubakhandle kwabona emphefumulweni. Ukukhombisa
ukubabonga ngokuzinikela nangesineke sabo uPhumzile
wahlela uSuku lokuThulisa abanakekeli ehholo iBergville
Farmer’s Hall ngasekuqaleni kukaMashi kulonyaka
2005.

“Sasifuna ukugubha umsebenzi oncomekayo
walamakhosikazi ezinekele ngokwethembeka ekunakekeleni
abantu abagulayo emphakathini ebe engabheke nkokhelo
ngalokhofuthi benikeza ithemba lempilo engcono
kubo bonke abathintana nabo. Kuchaza uPhumzile.
“ Isonto elise Australia lanikela ngoR27
000 ukuze kwenziwe amaphasela okudla, kulingiselelwe
umcimbi, futhi kukokhelwe nathekisi ayethutha
amavolontiya ukuza kulomcimbi eqhamuka kusosonke
lesifunda bezokwabelana ngakho konke abahlangabezana
nakho emsebenzini wabo kanye futhi nokuphefumula
ngalokho okusezinhliziyweni zabo.”
Ngokusho kukaPhumzile lolsuku alubanga ngo”luthulile”
ngoba amakhosikazi ayecula ekhuleka kwathi iqembu
lasesibhedlela saseTugela Ferry eMsinga lenza
umdlalo weshashalazi. ElaseMpilonhle eMnambithi
lasho izinkondlo. Omamabomthandazo bezindawo ezakhelelene
neWinterton, neBergville nePietermaritzburg, neDundee
nabo babekhona. Ukwabelana ngezindaba kwaba yindlela
yabo yokuzikuzethula imithwalo ababekade beyigcine
ngaphakathi izinyanga ngezinyanga.
Ukusondelana kukaPhumzile nomphakathi ngokomsebenzi
nangokwenhlalo sekwenze waziqonda izidingo zabonamandla
abanawo. Ukusebenzisana nabo sekumkhulisile yena
qobo kanti futhi nangokomsebenzi.
Ukufunda kwakhe ngezindlela abantu abazisebenzisayo
ukubhekana nokufa kanye nokuphila ngenxa yeSandulelangculazi
neNgculazi ezindaweni zasemaphandleni sekwenze
waqokwa njengomcwaningi wezifundo zeHIVAN Ethnographic.
NgoDisemba 2003 wamukeliswa umklomelo weLovelife
Young South African Achiever Award kwathi ngoMashi
2005 wakhethelwa umcintiswano weShoprite Checkers
Woman of the Year emkhakheni wezeNhlalakahle.
Ukubalulwa ngaloluhlobo kukhombisa impumelelo
yena nabanakekeli asebenzisana nabo asebebenayo
kuleminyaka emihlanu edlule. Lokhu kuhlanganisa
nekusungulwa kwenhlangano ezimele engaxhasiwe
nguHulumeni, iqembu likaHulumeni wasekhayaiAIDS
Action ezizihlanganakanye emva kwezinyanga ezimbili,
neqembu labaFelokazi abanegciwane leNgculazi,
isikhungo sentsha, inkulisa yendawo yakubo, ukwaba
amathani angu38 ommbila owawunikelwe abalimi bendawo
ukupha abantulayo, kanye nokunikeza inkulumo ngenkathi
kuneMbizo ye KZN behanjelwe nguNdunankulu wesiFunda
uMnu. Sibusiso Ndebele lapho acelela khona amavolontiya
imali yokuphila njalo ngenyanga njengoba besebenza
ngokuzinikela.
“Sesethule uhlelo likazwelonke lwemishanguzo
(ARV) emphakathini wakithi kwabagulayo abango30
ngokuhlaganyela nobanakekeli noDokotela Moll wasesibhedlela
iTugela Ferry eMsinga (COSH)” kusho uPhumzile.
“Isibhedlela iBergville/Okhahlamba Hospital
bessingalungiselelwanga ukukhipha imishanguzo
kodwa ngobuhlobo esinabo neCOSH eyibanga elingamakhilomitha
angu 300 ukusukela endaweni yakithi, abantu abaningi
sebeyayithola manje lemishanguzo.”
Ukuthola udumo nokutuswa akuyona into esemqoka
kuyena. UPhumzile ekhulumela amakhulu ngamakhulu
amaqhawe namaqhawekazi ahaqwe wubhubhane lweSandulelangculazi
neNgculazi ezweni lakithi wachaza kanje:
“Nsukuzonke umsebenzi engiwenzayo uyangikhuthaza,
ungenza ngiqonde kabanzi ngezizathu nezifundo
zalokhu kukhandleka emphakathini. Nghokuya ngilandela
ubizo lwami, ngiyaqondisisa ukuthi kusho ukuthini
ukuba nobuntu, nokuthi yini efunwa yilobu buntu
kimi nalokho engikuthola ngobuntu.”
<<Back |