Izindaba zemikhankaso
nezinsiza

IStarfish Greathearts Foundation iyinhlangano
esebenzela ukuletha ukuphila, ithemba namathuba
ezintandaneni nasezinganeni ezisengcupheni lapha
eMzansi Afrika. Nakhu okuhle okusha okuphuma kumaphrojekthi
aphathelene nabantwana:
• I God’s Golden Acre ingelinye
lamakhaya ezintandane ezweni lonke athola ukunikelelwa
ngomkhiqizo wenhlazi esethinini enamaphrotheni
engeziwe iLucky Star, ephuma kwabakwa Oceana
Brands. Lena yindlela ehlakaniphje kakhulu youkuhlanganisa
isenzo sokunakekela umphakathi negama lomkhiqizo
odumile ngobuhlobo obuphakathi kwabo bese kuphuma
igama elakheka kanje: “star + fish”!
• Inhlangano yeStarfish ezinze e UK (eNgilandi)
isikhiphe umnikelo wokwakhiwa kwenkulisa entsha
ekhaya lezintandane elibizwa nge’Gozololo’
eliseBhambayi ukuze kususwe lena eyakhiwe ngothayela
ekade isetshenziswa ngothisha nabantwana kufundelwa
kuyo futhi kubuye kunakekelwe nabantwana khona.
Ungakhombisa ukuba
yiStarfish Greatheart ngokuthi
ungenele umjaho wokugijima iComrades Marathon
2005 ibanga lamakhilomitha angu-89 endaweni eyehlelayo
ngoJuni 16 okuwuSuku Lwentsha lapha eMzansi Afrika.
Ngokwenza lomzamo omuhle ungathinta izimpilo zabantu
abaningi.
Uma ufuna ukwazi kabanzi ngalokhu thintanane Starfish
Foundation kulelikheli:
Postnet Suite 510, Private Bag X9, Benmore, 2010
noma
82 Wessels Road, Metropolitan Life Office Park,
Block F, Rivonia, 2191Ucingo: (011) 259 400
Ifeksi: (011) 259 4111
e-mail: SAinfo@starfishcharity.org
I Joint Civil Society Monitoring Forum:
ihlose ukusiza ngokuqinisekisa ukusetshenziswa
ngemfanelo uhlelo lwe HIV/AIDS Operational Plan
ngokuqapha konke okwenziwa nokwenzeka kwabaqashelwe
ukunika usizo ziguli, nemindeni yazo kanye nemiphakathi.
Isigcawu sesibili sikazwelonke saleForum besihlangene
eThekwini ngoFebhruwari. Phakathi kokuxoxwe ngakho
kube ngukuqiniswa kwezinhlaka zemisebenzi yezempilo
ukulungiselela ukukhishwa kwemishanguzo yabantwana
nezingane.
Emitholampilo nasezibhedlela ezweni lonke, ikakhulu
emaphandleni aseKZN kusweleke kakhulu odokotela,
abahlengikazi nosokhemisi abazokhipha lemishanguzo
kanjalo nabasebenzi basezindaweni lapho kucutshungulwa
khona amasampula egazi uma kuhlolelwa iSandulelangculazi.
Abenza imisebenzi yasemahhovisi kulezizikhungo
zempilo bagqilazeka kakhulu futhi bakhandleke
imiqondo ngenxa yolayini abangenasiphelo babantu
abagulayo, uhla lwabalindele neziguli ezithuthumele
nemindeni yazo ekhathazekile. Izinsiza zokusebenza
ukunakekela bonke laba azanele futhi kunele nkolelo
yokuthi ukukhipha imishanguzo kuyinto edinga ukwenziwa
ngochwepheshe abaqeqeshelwe lomsebenzi.
Ngenxa
yalokhu kube sekuholela ekuthini izingane zidluliselwe
ezibhedlela ezivele zigcwele okudala ukuthi abazihlengayo
lapho bakhathezeke ngokwedlulele iForum ikhiphe
isincomo sokuthi kwandiswe ukutholakala kwemishanguzo
yabantwana ngokuthi kwenziwe lula ukwelashwa kwabo
ngabahlengikazi nokuthi kwandiswe izindawo zokusabalalisa
lemishanguzo yabantwana.
ACESS- Alliance for Children’s
Entitlement to Social Security: isikhiphe
izincwajana ezimbili zokusiza nokuqondisa nokwazisa
ngamaqiniso ezenzelwe abazali, abagcini- bantwana
nabaheki bezingane kanye nababheki bezingane nabanye
abantu abasebenza ngamalungelo ezingane abantwana.
Lilodwa elimayelana nokutholakala kwemfundo elikhuluma
ngezinto ezinjengemali yesikole.
Elinye liqondisa ngokumayelana nokuqhutshezelwa
kwemali yesondlo sezingane sifinyelele ezinganeni
ezineminyaka engu-18. Lezizincwajana zinemibalabala
futhi zibhalwe ngesiNgisi, isiXhosa, isiZulu,
isiBhunu neSuthu futhi zitholakala mahhala ngokuzi-oda
Uku-oda lezizincwajana isibalo kumele singeqi
kwezine (4) i-oda ngalinye ungagcwalisa ifomu
le:
ACESS
Fact Sheet Order elisekhasini ulithumele ku
Bukelwa Voko
ACESS
Postnet Suite # 78, Private Bag X3, Plumstead,
7801
Ucingo: (021) 761 0117
Ifeksi: (021) 761 4938
<<Back |