Yazi Izinkinga Zempilo Yengane Yakho
Kungabe
ingane yakho ayikhuli isisindo ngendlela elindelekile,
ihlezi incane izacile? Kungabe ayizami ngisho
ukukhasa, ukukhuluma, ukuma, futhi ayimamatheki
njengoba kwenza izingane ngokujwayelekile? Kungabe
inomkhuhlane, amafinyila futhi ikhwehlela kuze
kuphele amasonto ngamasonto kanti futhi inenkinga
endlebeni? Kungabe ingane yakho ithola noma yisiphi
isifo esikhona endaweni?
Noma iyiphi ingane ehlala ngokugula futhi engakhuli
kahle isuke inenkinga empilweni yayo. Kungaba
yisifo sofuba, isifo sikashukela nomaezinye ke
nje izifo. Kungenzeka kokunye kube wukuthi ingane
inegiwane leSandulelangculazi. Uma ukhathazekile
ngempilo yengane yakho kumele uyihambise
emtholampilo ukuze iyoxilongwa khona.
Fika uchazele abasebenzi bezempilo ngokukuhluphayo
ngomntanakho bese ubacela ukuba bamhlolele nezifo
ezinkulu kanye negciwane leSandulelangculazi.
Ngaphambi kokuthi ingane yakho ihlolelwe igciwane
leSandulelangculazi uyothola ukwelulekwa nethuba
lokukhuluma ngokungaba yingxaki ekufakela ukwesabela
ingane yakho, wean kanye nomndeni wakho. Umeluleki
uyokusiza ukuthi wean qobo uzitholele izimpendulo
ngalokho okungabayizinkinga uma umphumela wokuhlola
usho ukuba khona kwegciwane leSandulelangculazi.
Chazela ingane yakho: ngaphambi
kokuya emtholampilo yitshele ngokuhlolwa okuzokwenziwa
usebenzise amagama ezowaqonda futhi azokwenza
ukuthi ingabi nakho ukwesaba. Ungayitshela nje
mhlawumbe uthi kune’zintshwana’ ezisemzimbeni
wayo ezenza ukuthi ingaphatheki kahle nokuthi
ukuhlolwa kuzoziveza obala ukuze ithole imithi
ezokwenza umzimba wakhe uqine futhi. Thola ukuthi
hlobo luni lokuhlolwa oluzokwenziwa enganeni-
umhlengikazi angase athathe igazi, noma achumbuze
umunwe, noma athathe amathe emlonyeni wengane
okuyikho okuzosetshenziswa.
Khuluma nengane ngomoya ophansi, uchaze ukuthi
kuzoba ubuhlungu obuncane nje futhi obuzosheshe
buphele. Ningakulingisa lokhu ngokuthi umntwana
abe ‘ngunesi’ othatha igazi kuwe noma
kudoli wakhe ukuze phela umlungiselele okuzokwenziwa
kuye. Menze aqiniseke ngokuthi uyamthanda futhi
uphephile uzohlala unaye ngasosonke isikhathi
kanti futhi akekho ongamsola ngokuthi kukhona
‘into engalungile’ kuye.
Ukuhlolela igciwane leSandulelangculazi:
Ingane iyohlolwa ngokusetshenziswa kwenye yalezi
zindlela:
1. Ukuhlolela izimpawu zegciwane leSandulelangculazi
(ngamasosha egazi)
Okunye ukuhlola kusebenza ngokucinga izimpawu
zeSandulelangculazi egazini. Lezimpawu zibonakala
ngokubuka ‘amasosha egazi’ Zifana
nomazisi noma nomaka abashiywa yigciwane egazini.
Lokhu kuhlola kundlela zimbili.
Ukuhlola ngendlela ye ELISA:
kwenziwa ngokuthatha igazi elincane bese lifakwa
emabhodlelaneni amancanyana. Kube sekwenziwa ukuhlola
kabili kusetshenziswa lamagazi ukubheka ukuthi
zinkomba zeSandulelangculazi zingebonakale na.
• Uma amagazi engazibonakalisi lezeznkomba,
kube sekusho ukuthi umntwana akanazo izimpawu
zegciwane leSandulelangculazi okwangalesosikhathi.
Ngesizathu sokuthi lezizinkomba zithatha isikhathi
eside ukubonakala egazini, imiphumela yalokhu
kuhlola kokuqala ingase ingabi yiqiniso. Ukuqinisekisa
ngempela ukuthi akukho zinkomba zegciwane leSandulelangculazi,
kumele umuntu alinde kudlule lesisikhashana
sokuphepha esibizwa nge’window period’
aphinde futhi aye kohlola. Emva kwenyanga noma
ezintathu.
• Uma imiphumela yamagazi ikhombisa ukubakhona
kwezinkomba/izinsalela zegciwane leSandulelangculazi
lokho kuyosho ukuthi ingane ineSandulelangculazi
sekuyobe kuyisikhathi sokuthi uye kocela usizo
lokwelulekwa noma lapho usuzizwa ukuthi udinga
ukusimamiswa nokunikwa izeluleko.
• Uma umphumela owodwa ukhombisa ukubakhona
kwezinsalela zaleligciwane, kodwa omunye ungakukhombisi
lokhu kusho ukuthi leyomiphumela yokuhlolwa
ikwegazi ayikacacisi. Uyolulekwa ngokuthi uphinde
ubuyisele ingane ukuyohlolwa emva kwenyanga.
Kuye kuthathe izinsukwana ukuthola imiphumela
yokuhlolwa kwegazi.
Ukuhlola ngendlela yeRAPID RESULT:
lena yindlela engathathi isikhathi eside njengendlela
yeELISA. Uhlengikazi uthatha iconsi nje legazi
noma amathe kanti umphumela wona utholakala ngemva
kwamaminithi angu15. Kodwa ke lemiphumela ayivamile
ukusho into eyiqiniso ngasosonke isikhathi, ngaleso
sizathu uma uma uphumela walokhu kuhlola okusheshayo
ukhomba ukubakhona kwezinsalela zecgiwane leSandulelangculazi
kuye kwenziwe okunye futhi ukuhlola ukuze kuqinisekiswe
leyomiphumela etholakale kuqala.
Umbuzo:
Ingane yami inezinkomba/ izinsalela zegciwane
leSandulelangculazi- kungabe nlokhu kusho ukuthi
usenegciwane ngempela?
Ezinganeni ezinezinyanga ezingaphansi kweziyi-12,
izinsalela zegciwane leSandulelangculazi azikhombi
ukuthi ingane isinegciwane ngempela ngasosonke
isikhathi. Umama onegciwane leSandulelangculazi
udlulisela noma udlulisela kumntanakhe izinsalela
zegciwane leSandulelangculazi- ngakhoke ukuhlolwa
kwalezizingane kuyekukhiphe imiphumela ethi zinaleligciwane
zize zibenonyaka ubudala. Uma ziphinda zihlolwa
lapho sezinonyaka nezinyanga eziyisi6 (sezinezinyanga
ezingu18) ubudala kuphinde futhi kutholakale lezizinsalela
lokho kuyosha ukuthi ingane inalo ngempela igciwane
leSandulelangculazi. Akubobonke abantwana abazalwa
ngomama abaneSandulelangculazi ababanegciwane
leSandulelangculazi. kwabona.
2. Ukuhlolela igciwane leSandulelangulazi
uqobo= ngohlobo lwePCR
Loluhlobo lokuhlola alwenzelwa ukucinga izimpawu
zokubakhona kwegciwane leSandulelangculazi, kodwa
ukubheka ukuzijikajika kwegciwane uqobo. Uhlobo
olusetshenziswa lapha eMzansi Afrika olubizwa
ngePolymerase Chain Reaction. Uma ingane ingaphezu
kwamasonto ayisithupha ubudala futhi inganceli
ibele imiphumela yalokhu kuhlolwa ib yiqiniso.
I PCR yona Ibiza kakhulu kunokuhlolela ukubakhona
kwezinsalela zegciwane leSandulelangculazi kodwa
ingcono kakhulu ukusetshenziselwa izingane ngoba
abazinakekelayo kudinga bazi ngesimo sempilo yazo,
futhi basheshe bathole ukunakekelwa okuthethekile
kusenesikhathi. Loluhlobo lokuhlola lwePCR yilo
olungungqo ukuhlola lezozingane ezisuke zilinde
ukuthathwa ngabafuna ukuzikhulisa njengezabo yize
bengebona abazali bazo bempela kanti futhi nalezo
ezisuke zizoyiswa emakhaya okugcina izingane,
nesizathu sokuthi laba’bazali’ banelungelo
lokwasi ngesimo sazo sempilo.
Umbuzo: Kungani kufanele ngihambise ingane
yami ukuyohlolwa nokuyolulekwa okungaphoqiwe?
Kunezizathu ezinhle zokwenza lokhu noma ingane
inegciwane leSandulelangculazi noma ingenalo.
• Ungamnika umntanakho ukunakekelwa okukhethekile
ukuze ahlale njalo esempilweni ephile kahle
ngokwenza lokhu.
• Wena qobo ungathola ukusizwa nokuxhaswa
ukwenza lokhu.
• Ingane noma omdala oneSandulelangculazi
angagula kakhulu ngoba leligciwane libenza babentekenteke
futhi bahlaselwe yizifo kalula. Lezizifo zithathwa
njengezifo ezingogaxekile ngoba zithola ithuba
lokuhlasela umzimba ngoba ungenamandla wokuzivikela.
Uma usunolwazi lokuthi ingane inegciwane uyakwazi
ukubona izimpawu zalezizifo ezigaxelayo nokuthi
usheshe uthole imithi yokuzelapha ngaphambi
kokuthi ingane igule kakhulu.
Umbuzo: Kubiza malini ukuhlolela igciwane
leSandulelangculazi?
Ungakuthola mahhala ukwelulekwa nokuhlollwa okungaphoqiwe
(VCT) wena kanye nengane yakho emitholampilo kahulumeni
kanye nasezibhedlela.
(Ikhishwe: yiKZN HIV/AIDS Civil Society Network
inombolo yocingo: 031-307 6075)
<<Back |