Ezicathulweni
zabo: Ukusondelana nezingane nentsha.
Ukuzinikela
kweHIVAN ekunikezeni izingane nentsha izinkundla
zokukhuluma ngabahlangabezana nakho kubonakale
ngokuhlelwa kwezigcawu ezimbili zezinkulumo kulezizinyanga
ezimbalwa ezedlule.
Esokuqala esithathe izinsuku ezimbili kube yiChild
and Youth Research Forum ngoNovemba 2004 lapho
izihambeli ezingochwepeshe bocwaningo lwenhlalo
yomphakathi bexoxisane khona ngabakuthola emsebenzini
wabo futhi babelana ngasebehlangabezane nakho
ngokomsebenzi. Kwthulwe nezinkuluma mayelana ngokuvikelwa
kokutheleleka komntwana ngunina onegciwane leSandulelangculazi,
ngemishanguzo yabantwana abaswele, ngokufundisa
intsha ngezocansi, ukusebenzisana nentsha ezindabeni
zokuphatha kwezeSandulelangculazi neNgculazi,
umthelela walolubhubhane kwezokuhlaliswa kwemindeni
kanye nokusetshenziswa kwezithombe ukusiza abafundi
baqonde ngokuphila phakathi kwesimo salolubhubhane.
Isihloko esasihamba phambili kulesigcawu socwaningo
iResearch Forum kwabayileso esingesigcwagcwa esidalwa
yiSandulelangculazi neNgculazi ngendlela lokhu
okuthinta ngayo izimpilo zabantu abasha ikakhulukazi
izintandane zeNgculazi, izingane eziyizifiki kanye
nezingane esezingamakhanda emizi. Okwabaluleka
kakhulu ohlelweni kwaba ngumdlalo weshashalazi
owenziwa ngabafana namantombazane ephrojekthi
yeHIVAN Leaders of Tomorrow (Abaholi bakusasa)
bekhombisa ngempilo yabo endaweni yase Magangangozi
eBergville. Okunye kwaba ngukwethulwa kwencwadi
nguSiphelele Ndlovu oneminyaka eyi-10 esihloko
sithi “Indaba kaBabiza” (Babiza’s
Story) ebhalwe nguye qobo inamakhasi angu34 nemifanekiso
lapha echaza khona ukuthi iSandulelangculazi neNgculazi
kuyithinte kanjani impilo yakhe.
Isigcawu sikaNovemba saqhamuka nokuphathelene
namalungelo esintu, inqubo yokuhlanganyela, nokwamasiko
nobuciko kulungiselelwa uchungechunge lwemihlanganiso
ehlelelwe intsha yiHIVAN Youth Forum kulonyaka
ka2005. NgoMashi uphiko lweHIVAN Communications,
Arts and Advocacy, and Sectoral Networking luhlanganyele
World Conference on Religions for Peace (WCRP)
lube nohlelo lokuqala obelulungiselelwe abafundi
abangu-27 bephuma ezikoleni zamabanga aphakeme
Ekzn. Inhloso enkulu yaloluhlelo bekunguhola abafundi
ohambeni lokuhlola nokuzithola ngaphansi kwesihloko
esithi: “The Landscape of My Life”
(Ibalazwe lempilo yami). Lokhu kwakuhlelwe ngokubambisana
nabeCAAU Artists’ Action Around AIDS ngosizo
lwabafundisi bontanga nezinhlangano okubanjiswene
nazo.
Lokhu
kwenziwa ngokuthi abafundi bahlukaniswe babe amaqenjana
amancane bese benza izithombe ezakhiwe ngezicucwana
zamaphepha (collage) basebenzise lezizithombe
ukuchaza izimpilo nezifiso/ amaphupho abo. Emva
kwalokho iqembu neqembu lachazela umhlangano ngenxenye
ngayinye yesithombe sabo nokuthi lokho kwakumele
ntoni ezimpilweni zabo. Imifanekiso lena yachazwa
njengezintaba( izinkinga), amabhuloho (amacebo)
noma izigodi(imiphumela). Kwasekuhlanganiswa zonke
lezizithombe kwakhiwa esikhulu esasikhombisa ukuhlangana
kwabo njengomphakathi owodwa kuleli”balazwe
lempilo”.
Ngokwenza lokhu behlanganyela kwashintsha isimo
sokuba umuntu ngayedwana engumfana noma eyintombazane
kwaba isimo sabantu besebenza nokubambisana njengeqembu
elilodwa. Kwakuyindlela yokubafundisa ukuthi ungakwenza
ukuthi usebenze wedwa uzifune ubuwena ufuthi ungakwazi
ukusebenzisana nabanye ukuthatha isinqumo nokuthola
izisombululo. Akukho kulokhu okuqondiswe ngqo
kuSandulelangculazi neNgculazi kepha babekhuluma
ngananoma yini ethinta izimpilo zabo. Ngasosonke
isikhathi
abafundisi bontanga babelokhu beseduze bebekhuthaza
kanti othisha babekhona nabo beqaphile.
Ekupheleni kosuku abafundi banikezwa ababezokusebenzisa
ezikoleni nasezindaweni zomphakathi ukufundisa
abanye ngalokho ababekuzuzile kulomhlangano. Bacelwa
futhi ukuthi kubekhona abakubhalela iphephabhuku
iSondela.
UKyle-Ben
Snyders waseHoly Family College wabeka kanje ngemicabango
yakhe:
“Ngangingazi okwakuzokwenzeka ngenkathi
ngifika kuYouth Forum eTemple David. Umcabango
wami wokuqala kwaba ngukuthi kwasuka lokho kanti
futhi nalaba Bantu abahlele lomhlangano babukeka
benolaka omunye wabo ukhulumisa okomuntu ovela
eMelika. Emva kokuthi sebesamukeleile futhi basitshela
ukuthi bangobani nathi sazazisa kubo, ngaqala
ukukhululeka.
Sehlukaniswa amaqenjana ayexube izikole lokho
kwangijabulisa ngoba ngathola ukukwazi ukuthi
abanye abantu bacabanga futhi baphila kanjani.
Kwakungumqondo omuhle lona. Ngoba sonke sacobelelana
ngamasu, sahlanganisa imiqondo nemibono saze saphuma
nalokho okwakusithinta sonke ngendlela efanayo.
Saqla ngokuthi sisebenze ngasodwa ukwakha imifanekiso
ngakho konke okuthinta wean uqobo, impilo yakho
nobuwena ngoba vele konke kuqala ngawe. Ngamaqembu
sase senza uhla lwemibono efanayo. Emva kwalokho
yonke imibono yabe seyenziwa ukufanekisa okuthile
njengokuthi ‘ uBhudda’ umele inkolo
noma okomphefumulo, ‘ubhanana’ umele
ukudla okunomsoco nendlela yokuphila efanele njalonjalo.
Sase siqoqa konke esasikwenzile sakwethula phambi
kwababekhona. Sasenze okuningi ngempela- inqwaba.
Kwasijabulisa ukuma phambili sikhulume futhi senze
amahlaya ngezimo ezibuye zithinte kabuhlungwana
iningi labantu.
Ekugcineni saqoqa yonke lemibono sayihlela ngemikhakha
emithathu- Izintaba : inkinga (kulukhuni ukudlula
kuyo), Amabhuloho : isixazululo(indlela yokukhwela
intaba), Izigodi: umphumela ( uma usudlule entabeni
usufike esigodini sakho). Okunye nje okwakungihlupha
kwaziveza njentaba kimi. Maningi ke amabhuloho
nezigodi okwavelayo.
Ukuya kwami kuleForum kwangenza ngakhanyelwa ngokuningi
ngenxa yabantu engahlangana nabo ngashintsha nendlela
engibona ngayo umhlaba. Sengikujahe kabi ukufika
kweForum elandelayo.”
Usuku lweForum yesibili luzoba maphakathi no2005.
<<Back |