|
Lulisandla-
Ukuhlangabezana nothando nokuhlonipha impilo
Ngenkathi abeSondela bephendula isimemo sokuvakashela
inhlangano iLulisandla Social Outreach Project
eseMishini yamaKhatholika eAlbini kaba ngusuku
olubalulekile kwabe LUSOP. Umhlanganisi wabo uNkk.
Annastasia Kweyama ongumhlengikazi osathatha umhlalaphansi
abuye ngumeluleki kwabaneSandulelangculazi neNgculazi,
nomlingani wakhe uSister Patricia babematasatasa
behlola amavolontiya angu20 ayezoqeqeshelwa ukuthola
izitifiketi zokuhlenga abagulela emakhaya.
Indaba
egcwele
Ezicathulweni zabo: Ukusondelana
nezingane nentsha.
Ukuzinikela kweHIVAN ekunikezeni izingane nentsha
izinkundla zokukhuluma ngabahlangabezana nakho
kubonakale ngokuhlelwa kwezigcawu ezimbili zezinkulumo
kulezizinyanga ezimbalwa ezedlule.
Indaba
egcwele
Yazi Izinkinga Zempilo Yengane Yakho
Kungabe ingane yakho ayikhuli isisindo ngendlela
elindelekile, ihlezi incane izacile? Kungabe ayizami
ngisho ukukhasa, ukukhuluma, ukuma, futhi ayimamatheki
njengoba kwenza izingane ngokujwayelekile? Kungabe
inomkhuhlane, amafinyila futhi ikhwehlela kuze
kuphele amasonto ngamasonto kanti futhi inenkinga
endlebeni? Kungabe ingane yakho ithola noma yisiphi
isifo esikhona endaweni?
Indaba
egcwele
Izindaba zemikhankaso
nezinsiza
IStarfish Greathearts Foundation iyinhlangano
esebenzela ukuletha ukuphila, ithemba namathuba
ezintandaneni nasezinganeni ezisengcupheni lapha
eMzansi Afrika. Nakhu okuhle okusha okuphuma kumaphrojekthi
aphathelene nabantwana:
Indaba
egcwele
Ukuletha impilo: Sinikithemba/UKZN Izivande zemifino
Izivande zemifino zeqembu lokusimamisana Isinikithemba,
zasungulwa yiqembu lezitshudeni zaseYunivesuthi
yakwa Zulu-Natal njengeprojekthi yabo yokuvolontiya
ngoDisemba ka 2004. Baqala bengenalutho ngaphandle
nje kwesiqeshana somhlaba kungekho ngisho imali
yokuthenga okokutshala engadini.
Indaba
egcwele
Ithemba nosizo lokwelashwa
Imishanguzo yeARV nokunakekelwa kwabagulela emakhaya
eBergville.
Uhlelo lukazwelonke loMnyango wezeMpilo lokukhipha
imishanguzo yeSandulelangculazi neNgculazi lusungulwe
ngoNovemba 2003 kwathi ukubhalisela ukuthola lemishanguzo
mahhala kwaqala ngoJuly 2004. Kodwa kuze kwaba
yikota yokuqala kulonyaka iningi labantu emadolobheni
amakhulu namancane lapha kwaZulu-Natal lingakalutholi
loluhlobo lokwelashwa.
Indaba
egcwele
Ukubona ngale kwezimfihlo
Ngiyanibingelela nonke bafuthi abaqotho futhi
ngamukela nabo bonke abasanda kusijoyina ekubeni
abangane bakaSondela ngokuxhumana nathi.
Labo phakathi kwenu abaziyo ukuthi iSandulelangculazi
neNgculazi kusithikameza kanjani empilweni, bazithola
kumele bakhulumele safuthi, bakhulume kakhulu
ukuqinisa imizamo yokuvikela, ukunakekela nokwelashwa.
Indaba
egcwele
Photo Gallery
Click
here
|
HIVAN's Community Newsletter,
Sondela, is printed by Human Scale
Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist:
Thula Ngcobo
|
|