HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Izipho zalabo abaphayo – Izipho kumavolontiya ase-Bergville

Emcimbini owabe wenganyelwe uHlelo lwe-HBC lakwa-HIVAN e-Bergville, amavolontiya endawo angonompilo ankezwa umxhaso wezimpahla ezazivela eMnyangweni wezeMpilo wesiFunda kanye nezivela e-Drakensberg Sun Hotel.

Njalo ngonyaka kusukela ngonyaka ka 2000, i-DoH yabeka eceleni imali ukuze inikeze izipho eziwusizo kumavolontiya azibandakanye ezinhlelweni zentsha, i-DOTS (ukunakekelwa kweziguli ezinesifo sofuba ezigulela emakhaya) kanye nonompilo balabo abagula kakhulu ezindaweni zasemakhaya.

Ngoba laba bantu abazinikele kangaka, abanokuyingcosana okuqhamuka kubo, bahamba amabanga amade ezindaweni eziyihlane ezimweni zonke zezulu ukuyohlangana noma ukupha ukudla , ukuhlamba, ukunakekela kanye nokududuza iziguli zabo, Umphathi wohlelo le-HBC yakwa-HIVAN uPhumzile Ndlovu waphakamisa ukuthi banikezwe izambulela eziqinile ezinkulu ezizokwazi ukubavikela elangeni kanye nasezimvuleni ezinzima.

I-Drakensberg Sun Hotel yanikela ngezimpahla zokulala elingasazidingi, izitsha zebumba, izipuni zokudla kanye nezindwangu zamatafula esibhedlela sase-Emmaus eduzane nase-Bergville, kodwa iMeneja Kwezokwelapha lapho, u-Bernard Gaede, osebenze kakhulu nalabo abangamavolontiya emphakathini eminyakeni eminingana edlule, udlulisele lezi zipho kubona, ukuze bazisebenzisele bona kanye neziguli zabo.

Ngakho-ke umhlaka 18 February 2004 kwaba wusuku lomcimbi ongasukumi phansi kulabo abanakekelayo, ababezohlangana ngokokuqala emhlanganweni wokuqala wonyaka abaphathwa njengabazonikezela ngezimpahla nokuba nesidlo esimnandi sasemini.

“Yonke into ibalulekile kulaba besifazane abanomqondo ohluzekile”, kusho uPhumzile. “Sonke siyazithakasela izipho ezingaka kanye nethuba lokubonga isihe nokholo kulabo abangabanakekeli, abaphonselwa inselelo isimo sobuphofu babo kodwa bazinikele ukunakekela imiphakathi ngezinhliziyo ezivuleke kanje.”

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape