HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ifomu lokuvuma lokuhlola umjovo wesandulela ngculazi kanye negciwane


Abaxhumanisi besigceme sakwa-HIVAN kanye nomcwaningi uNicci Stanley, obuye asebenze njengomgcini-mafa woMkhandlu Wezocwaningo Kwezokwelapha eNingizimu Afrika kanye neBhodi Lesikhungo Lezokululeka Ngezocwaningo ngomjovo, waba nohambo oluya eSeattle eUnited States yaseMelika ngoMashi ngalonyaka eyothamela umhlangano wososayensi abasebenza ukwenza imizamo yokuthola ikhambi lokwelapha lokudambisa isandulela ngculazi kanye nengculazi.

Laba bacwaningi be-HVTN (Ukuxhumana Ngemizamo Yokuthola isidambisi sesandulela ngculazi) bancike kakhulu osizweni lwalabo abamele imiphakathi esebenza neBhodi Eliluleka Umphakathi ukuqinisekisa ukuthi lonke ucwaningo lokwenza imizamo yokuthola umjovo iyawavikela amalungelo ababambe iqhaza, nokuthi labo abasayindele lemizamo babe nolwazi olugcwele ngendlela okuzosetshenzwa ngayo neqhaza abazolibamba ocwaningeni.

Amalunga e-CAB abuye futhi asize ngokwenza isiqiseko sokuthi ulwazi olucacile luyadluliselwa kulabo bomphakathi ababambe iqhaza, kanye nenqubo yocwaningo kanye nemiphumela yayo emizamweni eyenziwayo.

“Ebengigxile kukho kakhulu ngesikhathi somhlangano eSeattle bekusendabeni yefomu lokuvuma engxenyeni yamalunga omphakathi,” kuchaza uNicci. “ Kwakuwumbuthano wososayensi kwezemizamo yokuthola ikhambi lokwelapha isandulela ngculazi kanti nethimba leHVTN lasimukela ngezandla ezifudumele. Babefuna ukwazi ukuthi yimuphi umthelela lemizamo ezoba nayo emiphakathini eNingizimu Afrika.

Ngaba nomuzwa wokuthi kufanele kugcizelelwe ukuzinikela kweHVTN ukuvulela amathuba okutholakala kwekhambi uma ababambe iqhaza beba nesandulela ngculazi ngesikhathi sokwenziwa kwemizamo ngokwemiphumela yokwenza kwabo. Iqembu elivumile kanye nefomu lokuvuma liyenziwa ukuze lichaze lokhu kuzinikela.”

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape