|
Ukuqeda umngcele
oxhasweni lomphakathi
Isandulela
ndulazi kanye nesifo sengculazi sishanela futhi
sibhubise ezweni lakithi, sikhuthuza imizi kanjalo
nomphakathi wonkana onabantu okuyibona ababngenisa
isinkwa kanye nabanakekelayo, bese beshiya abantu
abadala kanye nezingane ezisencane, abanye babo
futhi begula ngezindlela eziningi futhi bempofu,
ukuthi bangazifunela bona kanye nabanye okokuphila.
Yini eseyenziwe ukunciphisa lomthwalo wezomnotho
obekwe phezu kwalamahlombe na?
i-ACESS (Isivumelwane sokuba abantwana babe nelungelo
lokuvikelwa ngumphakathi) yisigungu sasezweni
lonke esinezinhlangano ezingaphezu kwamakhulu
amahlanu esigqugquzela ukwakha kabusha umthetho
womphakathi wabantwana eNingizimu Afrika. Ngokuqwashisha,
ukunikezela ngolwazi oluselusha, ukuxhumana neminye
imiphakathi kanye nokuyiqeqesha, lokhu kuhlose
ekuthuthukiseni abantu abampofu kanye nalabo asebengenwe
isandulela ngculazi kanye nengculazi uqobo lwayo
ngolwazi abaludingayo ukuze bazitholele imali
yoxhaso, batholele imindeni yabo, abangani kanye
nomakhelwane.
I-ACESS ilwela amalungelo alabo abangakwazi
ukuba bathole imali etholakala kwezenhlalakahle;
Incwadi yesivumelwano imema ukuba umnyango wezokuthuthukiswa
komphakathi ukuba wamukele olunye uhlobo lwezincwadi
eziyisiqinisekiso (njengezincwadi zemiphumela
yesikole ezisayindiwe) ezimweni lapho abacelayo
bengenabo omazisi abanamagabelo noma ezinye izincwadi
ezisuke zifuneka, nokuthi baxhase ngemali yokugibela
kulabo abangakwazi ukufinyelela emahhovisi aqondene
nalezi zincwadi ezidingekayo.
Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi wenza
imizamo, ngaphandle kwezikinga zokuqeqeshwa kwabasebenzi,
ukungakwazi ukwenza umsebenzi wokugcina amabhuku
esesimweni esigculisayo nokwanda kwezinga lezincwadi
ezingumgunyathi kanye
Social support 2
nokukhwatshaniswa kwezimali zokuxhasa, ukukwandisa
amathuba okufinyelela kwayo nokuqinisekisa ukuthi
imixhaso eminingi iyafinyelela kulabo abayidingayo.
uNgqongqoshe uZola Skweyiya uye wabphezela umnyango
wakhe ukuba ukhuthaze imindeni, kanye nemizi ukuze
abantwana, kanjalo nabadala kanye nalabo abakhubazekile
basemphakathini bathole ukuxhaswa, wabuye waqinisekisa
ukuthi imali yokuxhasa ekugibeleni iyaphuma. “NgoMashi
walonyaka, “ esho, “ Ngaphezu kwezigidi
ezingu 7,7 zabantu abampofu banikezwa imali yomxhaso,
eminyakeni eyishumi edlule kunikwe kuphela abantu
abayizigidi ezingu 2,6.
”Ukuze sikwazi ukusheshisa ukubalisa kwezitifiketi
zokuzalwa nezokushona, i angomahamba nendlwana
abayikhulu namashumi amathathu nane, kanye namaHhovisi
Ezasekhaya abekwe eduze kwamaHhovisi eZokuthuthukiswa
Komphakathi kanye nezinhlelo zokusiza imiphakathi
esezindaweni zasemakhaya. Ulwazi ngalezi zinto
seluyisiwe emphakathini ngokuthi ikhishwe emaphephandabeni,
isakazwe kumabonakude kanye nokuthi nasemsakazweni.
Izincwajana ezichaza kabusha ngesinqumo seminyaka
(okuyiminyaka eyishumi nane) egunyaza umntwana
ukuthi athole imali yomxhaso nokuthi isikhathi
lesi simemezelo esiyoqala ngaso, sesithunyeliwe.
i-Thandanani Children’s Foundation (TCF)
ibhaliswe njenge nhlangano engenzi nzuzo ngokwayo
esebenza KwaZulu-Natali ngokuxhasa izintandane
kanye nabanye abantwana ababhekene nezinkinga.
I-TCF iye yaqaphela ukuthi ngenxa yokuzalela emakhaya
kanye nokuhlasela kwesandulela ngculazi kanye
nengculazi emindenini empofu, bangaphezu kwamaphesenti
angamashumi amahlanu abantwana abangenazi izitifiketi
zokuzalwa noma omazisi. Lezi zincwadi zidingeka
impilo yonke yomuntu, noma ngabe ukufuna ukufaka
isicelo soxhaso, ukungena ohlelweni lezemfundo,
ukukhombisa ukuqinisekisa ngobula baseNingizimu
Afrika, ukufaka isicelo somdebenzi, ukuthola izincwadi
zokushayela, noma ukuvota ngesikhathi sokhetho.
Labo abangenazo bafana nabangekho emphakathini.
Ukuqwashisa ngalenkinga i-TCF yenza umkhankaso
wokuqwashisa obizwa ngokuthi ILUNGELO LAKHO kusukela
ngoMashi kuze
social support 3
kube nguDisemba 2004, nokuthi unikeza yonke iminingwane
mahhala kubo bonke ngesiZulu, kanjalo nezincwajana
zokwazisa ezichazayo ukuthi ungasithola kanjani
isitifiketi sokuzalwa kanye noMazisi. I-TCF izoba
nemihlangano yokufundisa emiphakathini, bese ikhipha
imigwaqo sisekelo emaphephandabeni akwaZulu-Natali
i-Witness kanye ne-Echo ukuse kusatshalaliswe
lolu lwazi kangangoba kudingeka.
Uma ufisa ukuthola kabanzi nokuthi uthole izinto
ozidingayo mahhala, xhumana nanoma yibaphi abaxhumanisi
kwezokuxhaswa komphakathi, ngokuthi ubathinte
kulezindawo ezilandelayo:
If you wish to find out more and obtain free
information materials, make contact with any of
these partners in social support, by writing to
or calling them as follows:
ACESS: PATRICIA MARTIN Tel (021)
761 4938
Office 1, Suite 1, Findlay and Tait House
Corner of Gabriel and Main Roads, Plumstead 7800
Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi
Dept of Social Development: INOMBOLO YAMAHHALA
TOLL-FREE HELP-LINE =
0800 60 10 11
Thandanani Children’s Foundation:
EMMA MORTIMER
Tel: (033) 345 1879
Private Bag X9005, Pietermaritzburg, KwaZulu-Natal
3200
<<Back |