| Ukuthola
usizo lwempilo…
Sonke
eNingizimu Afrika siphila negciwane lengculazi
kanye negculazi, futhi siyawazi umthelela waleligciwane
komakhelwane bethu, emisebenzini, emiphakathini,
ezifundeni zethu kanye nasezweni. Abanye bethu
bayasazi ukuthi siphila negciwane lengculazi;
abanye banabangani, amalunga emindeni, abantu
abasebenza nabo, othisha, noma abasebenzi abathintekayo
ngegciwane.
Alikho ikhambi lokwelapha igciwane lengculazi.
Nokho-ke njengoba umyalezo wabalwela ilungelo
lokunikezwa ikhambi lengculazi (TAC) uthi:
- Igciwane lengculazi lingavikeleka.
- Isifo sengculazi singelapheka.
Ngakho-ke ithemba lingaphumelela ngokwenza, kanti
futhi ukwanda kwegciwane lengculazi kunganqandeka.
Ukuhambisana nengqikithi yonyaka ka “2004
– Unyaka Wokwelapha”, iSondela ixhumanisa
abafundi bayo nolwazi, abantu kanye nezinhlangano
ezingakusiza wean kanye nabathandiweyo bakho ukuze
nikwazi ukusimama egciwaneni lengculazi kanye
nasengculazini. Kangangoba ikhambi lokwelapha
libalulekile, kunezindaba ezimnandi: ukusabalaliswa
kwekhambi lokwelapha igciwane lengculazi kanye
nesifo sengculazi nguHulumeni kaZwelonke kanye
nokunakekelwa kwesifo sengculazi kusemkhankaseni
wokuthi kuqale ukusebenza nokuthi injongo yakho
ukuba kuqinisekiswe ukuthi izidakamizwa zokudambisa
igciwane lengculazi (i-ARV) iyatholakala ezindaweni
zokwelapha ezikhona esifundeni ngaphambi kokuphela
konyaka.
NgoMay, abaholi bezokukholwa, abacwaningi bezokwelapha
kanye namalunga omphakathi eThekwini naseduze
neTheku bahlangana baba nomhlangano wokufundisana
welanga elilodwa lokwabelana ngolwazi ngesidakamizwa
sokudambisa igciwane lengculaziIn kanye nohlelo
lokhishwa kwekhambi lokudambisa isifo sengculazi
i-ARV KwaZulu-Natali. Njengoba yayenganyelwe izinhlangano
ezimbili i-HIVAN kanye neNgqungquthela Yomhlaba
Yomhlaba wonke Kwezenkolo Noxolo (WCRP), ukuhlanganyela
kwabo kwabe kubhekise kakhulu ekutheni amaqembu
ezesonto abasiza kanjani abaphila negciwane lengculazi
kanye nengculazi, amaphuzu aqotho ngokuthi ikhambi
lokudambisa igciwane lengculazi lisebenza kanjani,
nokuthi uhlaka lwezempilo lwendawo lusebenzisana
kanjani neziguli ezisemathubeni okuthola ikhambi
lokwelashwa.
Ama-FBO amaningi asengene shi emshikashikeni
ekusizeni amalunga abo ngokubanikeza izeluleko
ngegciwane lengculazi kanye negculazi kanye nokubanikeza
ulwazi nokubaqeqeshela ukunakekela iziguli ezigulela
emakhaya. Abaholi bezenkolo, izindawo zokusebenzela
zezempilo kanye namalunga omphakathi angakha amaqembu
ukuze abelane izindaba ezisemqoka ngekhambi lokudambisa
igciwane lelngculazi i-ARV nokuthi kuncishiswe
isihlava, kube futhi kukhuthazwa abantu ukuthi
bangazi ngesimo sabo ngegciwane lengculazi. Ngokusebenzisana
bangenza kalula indlela yokuthi bathole imali
yomxhaso, ukusiza iziguli ukuthi zidle imithi
yazo ngendlela ephephile neyiyo, nokusiza izibhedlela,
imitholampilo kanye namavolontiya ngosizo lokusetshenziswa
kwe ARV nokuthi kunikezwe umnako othe xaxa kanye
nokwelulekwa.
Kuyinto ebucayi kuwona wonke umuntu emphakathini
ukuthi babambe iqhaza Kwezoluleka nokuHlola (VCT),
bacwije abesifazane kanye nemindeni ngolwazi,
kanye nokusiza ezinhlelweni zokuvimbela okuqhubekayo
kanye nokuqwashiseka.
Njengamanje izindawo okutholakala kuzo usizo
lwe-ARV KwaZulu-Natali yilezi zibhedlela: King
Edward VIII kanye ne-Addington Hospitals eThekwini,
i-Mahatma Gandhi e-Phoenix, i-Church of Scotland
Hospital e-Umzinyathi eNyakatho ne-KZN, i-Stanger
Hospital, i-Ngwelezane Hospital Empangeni, i-Benedictine
Hospital eNyakatho-Mpumalanga ne-KZN, E G Usher
Hospital e-Sisonke, i-Kokstad, kanye ne-Edendale
Hospital eMgungundlovu.
Zikhona nezinye eziyishumi nesithupha zisalungiselwa
ukuthi nazo zibe sesimweni sokunikeza imithi,
uma sezizonke, zingu-32 izibhedlela ezizolungiselela
iziguli ngokohla lokuqala lohlelo lokukhishwa
kwemithi.
Kunomsebenzi omningi wokulungiselela lezi zikhungo
ekutheni zithole ilungelo lokukhipha ikhambi lokundambisa
igciwane lengculazi. Umsebenzi okhona udinga ukuba
kwengezwe ngamanye amaqembu anodokotela abaqeqeshiwe,
abahlengikazi, abaphathelene nezokudla, abeluleki
kanye nabanye abasebenzi bezempilo. Yilowo nalowo
walabochwepheshe uneqhaza elibalulekile ekuphumeleliseni
ukunakekelwa kweziguli ezibhalise kulolu hlelo.
Izindawo ezithile ezifana nalpho kuhlolelwa khona,
iKhemisi, izindlu zokubonela udokotela kanye nezinye
izidingo ezinqala ziyadingeka ngesikhathi sokuhlola,
ukuhlolela ikhabi lokwelapha kanye nokuqaphela
isimo sempilo yesiguli ngendlela ephephile nokusebenzisa
imithi ngendlela ejwayelekile.
Amaphuzu asemqoka ngokusetshenziswa kwekhambi
lokwelapha i-ARV yilwa:
- Izidakamizwa i-Anti-retroviral zingena kumasotsha
emzimbeni lawo asephendulwe yigciwane lebgculazi
ukubaabe “isizinda sokukhiqiza igciwane
lengculazi”, bese zehlisa izinga lokusebenza
kwegciwane lengculazi yikhona igciwane lingeke
lisabalale kuyo yonke indawo esigulini.
- Ukusiza kwezakhamzimba, ukwelukwa ngendlela
yokudla kanye nokwelashwa kwendabuko nakho kuzoba
yingxenye ebalulekile nenkulu ohlelweni lokunakekelwa
nokwelapha.
- Akusiwo wonke umuntu oonelungelo lokubhalisa
ezibhlelweni zezikhungo zangasese – yilabo
kuphela asebefike “Esigabeni Sesine”
(asebesezingeni eliphezulu) nezimpawu zesifo
sengculazi – ekuchazweni kwesifo nalabo
abano-CD4 okuyisibalo sokubala amasotsha omzimba
angu – 200 nagaphansi bayobhaliselwa ukuthola
imithi.
- Iziguli kumele ziphathe oMazisi bazo baseNingizimu
Afrika – lokhu kuzokwenza lula ukuthi
kube lula ukulandela iziguli okungenzeka zihambe
zihlala; ukushicilela oMazisi babo abanamagabelo
kwinqolobane yolwazi ye-ARV ezokwenza lula ukuthi
bathole imithi yokwelashwa namaphilisi abo e-ARV
atholakala noma kuyiphi indawo yezempilo ezweni
lakithi.
- Kuthathwa Ngokushesha igazi lokuhlolela igciwane
lengculazi – ukuhlolwa kokuqala kuveza
imiphumela yokuthi ngakube unalo yini igciwane
lengculazi noma awunalo, okwesibili kuqinisekisa
imiphumela yokuqala; lokhu kwenziwa ngokuthi
kuqhambuswe igazi emnweni bese kuthatha imizuzwana
nje. Ukuhlola okubizwa ngokuthi i-ELISA kuyokwenziwa
kuphela uma imiphumela yalokhu kuhlolwa okubili
kungahambisani, ngokuthi kuhanjiswe ishubhu
eligcwele igazi endaweni lapho kuhlolwa khona
igazi ukuze licwaningwe kahle, lokho kuthatha
okungenani isonto noma ngaphezulu; kunemali
ekhokhwayo ngokuhlolwa ngendlela ye-ELISA.
- Iziguli kumele babe nothando lokwembula
isimo ngegciwane lengculazi nokuthi zilandele
uhlelo olwenziwe lokuvakasha kathathu noma
ngaphezulu ukuze zithole usizo – uhlelo
lubandakanya yileso naleso siguli esithola
imithi yokwelashwa nomunye esihambisana
naye, umuntu isiguli esimaziyo nesimethembayo,
ozokwazi ukumsiza ukuthi athathe amaphilisi
ache njalo (nokudla kanye namanzi njengoba
kudingeka) , ukugcina izinsuku zabo zokulanda
imithi kanye nokunikeza usizo kwezokomoya.
- Kumele kuthathwe isibalo esiyiso samaphilisi
zonke izinsuku, ngesikhathi, impilo yonke
yesiguli. Uma ngabe isiguli siyeka imithi
yaso noma idlulwa ukudla imithi yaso izinsuku
eziningi, amaphilisi ngeke esakwazi ukulwa
negciwane lengculazi emzimbeni waso, igciwane
ngeke nje lisabalale kuphela kodwa lizokwenza
amasotsha omzimba esiguli akhathale, futhi
sigule njalo, ngokunjalo futhi ngeke esakwazi
ukulelekela kusidakamizwa i-ARV. Ezinyangeni
ezyisithupha zokuqala zokwelashwa ngesidakamizwa,
amanye ezidakamizwa angaba nomthelela ongemuhle
ongenza ukuthi isiguli sigule futhi singazizwa
kahle – yingakho kubalulekile ukuthi
yilowo nalowo athole iziyalo eziqhubekayokudokotela
wakhe ikunguyena omnikeza imithi ukusiza
lowo ukuba ahlale ekhona ohlelweni. Kwabaningi
abantu imiphumela engemihle ngemithi iyakwazi
ukuti inqandeke nokuthi imithi leyo kwazi
ukunqanda igciwane lengculazi emzimbeni.
UKUTHOLA ULWAZI OLUTHE XAXA KANYE NEZINSIZA
ZAMAHHALA, THINTANA NALABA ABALANDELAYO:
- The Treatment Action Campaign (TAC)
Ihhovisi likaZwelonke: 34 Main Road, Muizenberg,
Cape Town 7945
Ihhovisi laKwaZulu-Natali: Unit A, 3rd Floor,
Doone House,
379 Smith Street, Durban 4001
Ucingo: 031 304 3673
Isihlanzandaba: 031 361 7051
- Isikhungo Sesifunda esilwa nesifo sengculazi
sinikeza usizo mahhala ngesifo sengculazi (PAAU),
kulenombolo yamahhala ethi:
= 0800 012 322
- Red Ribbon Resource Centre: (011) 880-0405
for free booklets on ARVs
<<Back |