| Udinga
usizo ngokuba ngonompilo?
Nantu uhla lwezinhlangano kanye nalabo abasebenza
ngabodwa abanikezela ngosizo lokuba ngonompilo
endaweni yaseThekwini:
Inhlangano Yomphakathi waseCator
Manor iqeqesha iphide yengamele iqembu lonompilo
abangamavolontiya abasebenza emphakathini wabo,
banikezela ngosizo lwezokululeka, ukunikeza imithi
kwabagulayo, kanye nokuxhasa izinhlelo ezisiza
ngokuthathwa kwemithi isiguli siqashelwe okwaziwa
ngokuthi yi-DOT.
- Ikheli Lomgwaqo: 2754 Ext 3, Chesterville,
4001
- Ikheli Leposi: 2422 Wiggins East, Mayville,
4091
- Ucingo: (031) 261 8675 Umakhalekhukhwini:
072 368 2990
- Igama lomuntu ongathintwa: Beauty
Nyawose noma Mnu. Makhathini
Isikhungo sokunakekelwa kwempilo kanye
nokunikezela ngolwazi kuyindawo lapho
abantu bengakwazi ukufika khona enikezela ngolwazi
lolkuqwashisa ngegciwane lengculazi kanye nengculazi,
ukwelulekwa kanye nokuqeqeshelwa ukuba ngunompilo.
Lesi sikhungo sibuye futhi sibe nemisebenzi esungulwayo
engasiza imiphakathi kubandakanya ukutholakala
kosizo lonompilo kanye nokusabalalisa amakhondomu.
- Ikheli: 5 Jadwat Street, Isipingo, 4133
- Ucingo: 082 541 9493
- Isihlanzandaba: (031) 912 3355
- Igama lomuntu ongathintwa: Tozi Cele,
Imeneja Yohlelo Lokusebenza
Inhlangano Ethuthukisa Umphakathi ngokuhlanganyela
ebizwa ngokuthi yi-The Participative Development
Initiative (PDI) itholakala eThekwini
kanti isebenza ezindaweni eziningana KwaZulu-Natali
njengeBhambayi, Umbumbulu, Folweni kanye nase-Ashdown
eMgungundlovu. I-PDI isiza imiphakathi ngosizo
ngezinhlelo zosizo lonompilo bese yengamela izinhlelo
zokuqeqeshwa kwezokweluleka kanye nokunikezela
ngamakhono angasetshenziswa emisebenzini ethintene
negciwane lengculazi kanye nengculazi uqobo lwayo.
Babuye futhi banikezele ngoqeqesho ekhonweni lokukwazi
Ukubhekana Nezinxushunxushu kanye Nokuvikela Ubugebengu.
- Ikheli Lomgwaqo: 1st Flr, 10 Intersite Avenue,
Umgeni Business Park,
Durban, 4001
- Ikheli lePosi: P. O. Box 104, Hyper-by-the-Sea,
Durban 4053Ucingo: (031) 263 2003 Umakhalekhukhwini:
072 485 0335Igama lomuntu ongathintwa: Shirley
Gielink (Umqondisi) noma Thobile Mchunu (Imeneja
Yezokuxhumana)
- E-mail: ashnet@wn.apc.org
Usizo Olungaguquki Lokunakekelwa kwempilo
yisikhungo esibhekele ngosizo lonompilo esinikeza
usizo ngokwesivumelwano nezinkampani ezahlukene
zezokuxhasa ngosizo lwezokwelashwa (Medical Aid)
bese igxila kakhulu kwezosizo lokunakekelwa kwabagulela
emakhaya.
- Ikheli: 78 Field Street, 10th Floor ABSA Building,
Durban, 4001Ucingo: (031) 305 5061/9 Umakhalekhukhwini:
072 360 6889
- Isihlanzandaba: (031) 305 5068
- Igama lomuntu ongathintwa: Charmaine Fraser
- Umqondisi
- Email: qhs@worldonline.co.za
I-St. Augustine Church inikezela
ngosizo lezokwelulekwa kulabo asebengenwe igciwane
lengculazi, ukuqhakambisa ukuqwashisa ngesifo
sengculazi kanye nokungamela izinhlelo zokunakekelwa
kwalabo abagulela emakhaya.
- Ikheli Lomgwaqo: V Section, Mangosuthu Highway,
St. Augustine Farm, Mobeni 4092
- Ikheli Leposi: PO Box 32630, Mobeni 4060
- Ucingo: (031) 906 8574
- Isihlanzandaba: (031) 906 8574
- Igama: Rev. P Ngubane – Ilunga LeKomidi
- E-mail: nozidot@mweb.co.za
Iqembu labasebenza nabanesifo sengculazi
-Wentworth AIDS Action Group isiza ngokunakekela
labo abagulela emakhaya kanye nangokwelulekwa
kanjalo nokusiza umphakathi ngokuwufundisa
- Ikheli: Silvertree Community Centre, Silvertree
Road,
- Ucingo: (031) 461 2799
- Igama lomuntu ongathintwa: Irene Stainbank
– Umqondisi
- E-mail: waag@mailfreedom.com
Isikhungo esinakekela abagulela emakhaya
kanye nokuxhasa izintandane - Philangezwi Home-based
Care and Orphan Support isebenzela e-Cator
Crest bese inikezela umnako noxhaso kulabo abagulela
emakhaya, ukunikezela ngolwazi lokuvikela igciwane
lengculazi kanye nesifo sengculazi, kanye neminye
imisebenzi ephathelene nalokhu.
- Ikheli: Amawoti SAPS, Private Bag x43055,
Inanda, 4310
- Ucingo: 072 229 9222
- Igama lomuntu ongathintwa: Thobile Ndlovu
– Usihlalo osabambile
Cathy Madden ekunikeni izeluleko
labo abafuna ukuhlolelwa igciwane lengculazi kanye
nesifo sengculazi ngaphambi kokuba bakwenze nangasemuva,
ukunakekelwa kwabagulela emakhaya kanye nokunye
ukuqeqeshelwa eminye imisebenzi. Usebenza kakhulu
nezingane eziphila negciwane lengculazi kanye
nengculazi.
- Ikheli Lomgwaqo: St John The Evangelist, 60
Detroit Street, Bayview,
Chatsworth 4092
- Ikheli Leposi: PO Box 489, Hyper-by-the-Sea,
4053
- Ucingo: (031) 400 6500 noma 082 493 1397
- Email: ltowell@iafrica.com
Dawn Leppan ungumsizi womphakathi
kanye nomnakekeli wabagulela emakhaya. Uyilunga
lesiGungu sesikhungo sabanegciwane nesifo sengculazi
saseNtshangas futhi uyena ophethe amakhishi amabili
anikezela ngesobho kubantu abahluphekile, izintandane
ezadalwa isifo sengculazi kanye nabantu abaphila
negciwane nesifo sengculazi.
- Ikheli lomgwaqo: Inchanga Park Country Village,
Inchanga
- Ikheli leposi: PO Box 316, Bothas Hill, 3660
- Ucingo: (031) 777 1000 / 783 4614 Umakhalekhukhwini:
083 725 2771
- Isihlanzandaba: (031) 777 1405 / 783 4546
- Email: heidi@1000hills.co.za
Nokuthula Mavis Ngobese uyivolontiya
elisiza kwezokusiza ngezempilo emphakathini e-Cator
Manor.
- Ikheli lasekhaya: 2754 Ext. 3, Chesterville,
4001
- Ikheli lePosi: PO Box 1129, Durban, 4000
- Ucingo: +27 83 210 6790 Umakhalekhukhwini:
083 210 6790
Lindiwe Sithole uyinhloko yesikhungo
esengamele imisebenzi yokunakekela umphakathi
i-Flora Mthembu Care Centre, inakekela izintandane,
kunakekelwa abagulela emakhaya, ukwelulekwa kwemindeni
kanye nokuqhakambiswa kokusungulwa kwemisebenzi
ezothuthukisa umphakathi.
- Ikheli Lasekhaya: Umzinyathi Main Bus Route,
Inanda
- Ikheli Leposi: P.O. Box 61564, Bishopsgate,
4008
- Ucingo: (031) 510 1544 Cell: 083 595 4096
- Isihlanzandaba: (031) 510 3045
Odokotela Bempilo bafundisa
ngokuqwashisa ngempilo, izinhlelo zokufundisa
sesandulela ngculazi kanye nengculazi ezindaweni
zokusebenzela, ukuqeqeshelwa ukunakekela abagulela
emakhaya, ukukhiqizwa kwamavidiyo okuqeqesha kanye
nenkulisa kubantwana abadingayo.
- Ikheli lasekhaya: 8 Msenga Rd, Kloof, 3610
- Ikheli Leposi: PO Box 1647, Kloof, 3640
- Ucingo: (031) 764 0443
- Isihlanzandaba: (031) 764 0440
- Igama lomuntu ongathintwa: Heinrich Botes
- Social Worker
- E-mail: heinrich@dfl.org.za
<<Back |