|
Ukwabelana ngosizi,
ukwabelana ngethemba: Tshepang – Umlando
wesithathu
Kusihlwa
ngomhlaka 6 kuMashi 2004 kwaba yisikhathi sokushintsha
komoya, ukuqubuka kweziphiwo kanye nobungcweti
esizindeni sezamakhono e-eKhaya eSigcemeni saka-C
KwaMashu, KwaZulu-Natali lapho i-AfriSun Amphitheatre
kwakuyindawo yemidlalo eyenzeka ebusukwini obubodwa
i-Tshepang – Umlando Wesithathu”.
abalingisi abaqavile uMncedisi Shabangu kanye
noKholeka Qwabe abalingisa indawo eqavile, lona
kwaba wumdlalo wokuqala owaqala ukudlalelwa kulelishashalazi,
ababukeli bathatheka yizinga eliphezulu lemidlalo,
ubuciko obusezingeni eliphezulu lokuhlelwa kweshashalazi
okudlalelwa kulo kanye nombhalo onomfutho. Umbhali
kanye nomqondisi walomdlalo, uLara Foot Newton,
unikeza umlando ngomdlalo.
“Ngonyaka ka 2001, iNingizimu Afrika nokudideka
ngokuzwa izindaba zokunukubezwa kabuhlungu ngokocansi
kwengane enezinyanga eziyisishiyagalolunye egama
layo ngu ‘Baby Tshepang’. Kwakucatshangwa
ukuthi wanukubezwa idlanzana lamadoda ayisithupha,
kodwa kwabuye kwatholakala ngasemuva ukuthi la
madoda abekwa icala okungelona nokuthi wanukubezwa
nangokobulili obufanayo isoka likamama wakhe.
Ngesikhathi lezi zindaba zomntwana u-Baby Tshepang
ziba undabuzekwayo, ezinye zezindaba ezingamakhulukhulu
ezifanayo nazo zavezwa, kanye nezinye eziyizinkulungwane
ezingamashumi amabili ezaziqoshwa ngonyaka, kubalulekile
ukuthi lesi’sifo’ sokunukubezwa kwezingane
kubhekwane nakho. Ishashalazi liyindawo enhle
okungaqalwa ngayo”.
Kunzima ukuchaza umfutho walomdlalo kanye nokuseceleni
kokwazi ukuwenza kwalabo ababandakanyekayo kulomdlalo
kanye nokubumbana okunothando komphakathi. Nakuba
ilokishi kanye nabalingisi abavezwe
Kwamashu tshepang 2
kulomdlalo kungebona abeqiniso, ukusetshenziswa
kwezinto ezilula kanye nokuqondiswa komdlalo kwaseshashalazini
okwakhiwe engqondweni kwabalingisi ababili, kukhombisa
ukuhlukumezeka ngenxa yobumpofu kanye nokubumbana
okunothando komphakathi.
Ngesikhathi ukulingisa kukaShabangu kancane
kancane kusitshela indaba mayelana nekhaya kanye
nomakhelwane balo, ukudlwengulwa kanye nokugxambukela
kwezezindaba okulandelayo, kuhamba kahle ngohlelo
nesimo sokuchazwa kozwelo, uQwabe ongasohlangothini
lwabesifazane odlala indawo ephambili (umama wengane
ehlukumezekile) akanazwi anokulisho – utshengisa
ukwethuka, nokuphoxeka nokuphelelwa ukwazi ngokuthula,
ukolobha phansi ngokukhulu ukuphelelwa yithemba,
elahlekelwe yingqondo futhi egqolozele ezindaweni
angazazi.
Umlandi ulokhu ebhekise elangeni – elehlela
ezakhiweni zaselokishini, enganikezi kuphumula
ngenxa yokushisa, izintuli, isimo sendawo esomile
– njenge ‘makulu’ ukukhanya
okukhulu okuyikona okubona yonke into, ngaso sonke
isikhathi. Izibuko zamehlo eziningi zigaxwe yonke
indawo, zigcizelela ukuthi sicabange ngokungaboni
kwethu okulihlazo, ukukhohlisa kwehlo lomphakathi
kanye nesidingo sokuba nombono obumbene kakhulukazi
ngomphakathi onomnako. “Kuyihlazo kithi
sonke ,” kubibitheka umlingisi onguShabangu.
“Leli lokishi ladlwengulwa yiqembu lezigebengu
kudala…”. Usikhumbuza ukuthi igama
elithi “Tshepang” lisho “ithemba”,
kanti lokho ngaphandle kokunqatshelwa okunesihluku
kanye nodlame, abantu basakwazi ukuba nothando
olujulile nokuzidela. Umntwana okulowo nalowo
muntu omdala umhlahlandlela waleli themba.
UKholeka Qwabe ukhumbula ngesikhathi yena noMncedisi
Shabangu befunda isifundo sokuqala sombhalo, wonke
umuntu olapho uyakhala. “Lowo kwakuwumzuzu
wosizi,” usho kanje. “ Ekuqaleni ngangithukuthele
kabi ukuthi ngamukele ukusindiswa lokho okuqhamuka
ngasekugcineni, ngakho-ke wonke lo mdlalo wasihambisa
ohambweni olunzima lokuthethelela. Kodwa-ke lowo
ngumbiko womdlalo: ukuthi sonke sichoboka kalula
kodwa futhi siqinile”.
Ubusuku baphetha ngenjabulo enkulu ngesikhathi
umbhali womdlalo, uMaurice Podbrey, enza isimemezelo
esethusayo sokuthi umdlalo sewuthathe amehlo kazwelonke.
Egameni lamajaji, wethula umklomelo kuShabangu
obizwa ngokuthi ‘yi Fleur du Cap 2003/04
award for best Actor; ngokuba ngumlingisi olingise
kahle kwase kuthi uQwabe wakhethwa njengomlingisi
olingise kahle indawo ka “Tshepang ukuvivinywa
kwesithathu” okwenze lomdlalo waba ngumdlalo
ovelele wonyaka. Abalingisi kanye neqembu bese
kufike isikhathi sokuthi bahambise lomdlalo e-Switzerland
kanye naseKhanada emasontweni alandelayo.
Isizinda sezamakhono saKwaMashu I-Ekhaya Art
Centre sesiyikhaya manje lemisebenzi eminingi
emisha ethokozisayo. Thintana noMqondisi nonguMqambi,
u-EDMUND MHLONGO, kulenombolo: 082 487 7167 (noma
uthumele umbiko kuleli kheli kcap@mweb.co.za)
ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa.
<<Back |