| Igciwane
lengculazi kanye nesifo sengculazi yindaba yamalungelo
abantu…
Igciwane
lengculazi kanye nesifo sengculazi yindaba yamalungelo
abantu… lena yiyona nkolelo-ngqangi yabafundi
abaphezulu bezifundo zomthetho eNyuvesi yakwaZulu-Natali
bonyaka ka 2003, Andreas Coutsoudis.
“Ukwanda kwegciwane kanye nesifo sengculazi
kunqamula kuyo yonke into emphakathini,”
usho kanje ngesikhathi sokufakwa imibuzo kanye
neSondela obekwenziwe ngaphambi kokuthi athweswe
iziqu zakhe eziphezulu ze-Honours ngonyaka odlule.
“Kuyilolo nalolo hlaka emphakathini –
umndeni, umnotho, ukuthuthukiswa okusabalalele,
imfundo, ukwakhiwa kwezindlu – kunezinkinga
eziningi ezithinta umthetho ezifihlekile eziyimbangela
yesandulela ngculazi kanye nesifo sengculazi,
kanti futhi uMthetho-Sisekelo kanye nMqulu wamalungelo
ukwenza kube semqoka kakhulu.”
Njengophumeleleyo eSikoleni sezoMthetho (obekuyiNyuvesi
yaseNatali eThekwini), u-Andreas waklonyeliswa
ngomfundaze waseRhodes ukuba ahambe ayofunda eNyuvesi
yaseOxford eNgilandi; umklomelo waklonyeliswa
ngawo ngenxa yomsebenzi wakhe wezemfundo oncomekayo,
amakhono obuholi kanye nokukhuthalela izimbangela
zezigceme kanye nomphakathi. Eminyakeni yakhe
esafunda akatholanga nje kuphela imiklomelo eminingi
kanye nezitifiketi zokuphumelela ngamalengiso
emiphumeleni yakhe, kodwa nokunikezela ngesikhathi
kanye nomdlandla ekubusweni kwabafundi (ngokuba
nguMongameli woMkhandlu waBafundi eSikoleni sezoMthetho)
kanye nokudla kwakhe umhlanganiso kwezenkulumo-mpikiswano
kanye nokuqhabisana ngezemithetho (okwakubandakanya
ubulunga beqembu elaliphumelele kade lincintisana
namanye amaqembu e-Afrika yonkana.)
Isikhathi esingangeminyaka emithathu, u-Andreas
wayekhuthele kabi ohlelweni lwezokuncintisana
ngenkulumo-mpikiswano yakwaThandimpilo (Lovelife),
eyabe isiza ngezobuholi empilweni okuyi-“Lifestyle
for Leadership”, ebhekiswe entsheni engenayo
imithombo yolwazi, emphakathini wasemakhaya. Abantu
abasha kumele bakholwe ukuthi kukhona into okumele
bayiphilele,” kuchaza u-Andreas. “
siye sathola ukuthi abafana namantombazane esisebenza
nabo e-Y-Centres bayayithanda kakhulu inkulumo-mpikiswano,
ngakho-ke kwaba yinzuzo enkulu kakhulu kimina
ukuthi ngikwazi ukuthi ngiphumelele ekhonweni
lami kwezenkulumo-mpikiswano ngokuthi ngibafundise
lobu buchule namakhono ezingeni lomncintiswano”.
Iqembu lakhe labafundi asebenesikhathi ababevolontiyile
abangangabaholi babesiza abafundi kanye nothisha
babo ukuba bangenele umncintiswano bebhekene nezikole
zasedolobheni, ngokuxhaswa abakwathanda impilo
ngezindleko zokugibela kanye nezinye izindleko
kuzikole ezingamakhulukhulu ukuba zihambele lemicimbi.
“Saba nenkulumo-mpikiswano ngezihloko
eziningi, hhayi ngesandulela ngculazi nesifo sengculazi
kuphela, kodwa nezinye izihloko ezithinta umthetho,
amalungelo abantu, imithetho ngezemfundo kanye
nezinye izinkinga zomphakathi,” kukhumbula
u-Andreas. “Senza imibuzo yaba ngehlabahlosile,
yikhona intsha izokwazi ukufunda ukuzicabangela
ngendlela ejulile nokuthi bakwazi ukucabangela
uhlangothi abaqhudelana nalo.
Ngaphezu kwakho konke, sasifuna ukukhuthaza intsha
ukuze ikwazi ukuba nemiqondo mayelana namathuba
emisebenzi lapho lamakhono engabafundisela ukuthi…”
Esikhathini esiningi kulonyaka, u-Andreas uzogxila
kakhulu emsebenzini wakhe njengokuba ngumsizi
kaJustice Skweyiya waseNkantolo yoMthetho-sisekelo
yaseNingizimu-Afrika, enza inhlolovo, ebhala imibhalo
eyimithetho kanye nokuphathwa kwamacala. “Ngifunda
okuningi kabi ekusebenzeni nejaji lami,”
kusho u-Andreas.
Uzoqhubeka nezifundo zakhe eziphezulu kwezemithetho
uma nje unyaka wezifundo zakhe eNyuvesi yase-Oxford
e-UK usuqala, kodwa kulindeleke ukuthi abuyele
eNingizimu Afrika azokwabelana ngobuchule bakhe
emphakathini wabasebenzi, noma ngabe lokhu kungokushushisa
ngesandulela ngculazi noma ingculazi noma ukusebenza
njengommeli wezamalungelo omhlaba. Uqiniseke kakhulu
ngendima engadlalwa abezindaba kanye nabezobulungiswa
ekukhulumeni ngokungalingani emphakathini.
“Konke engikwenzile nengisazokwenza kuyobe
kumosakele uma ngabe angabelananga ngamakhono
ami ezweni lami kanye nabantu balo,” kusho
yena.
“Ngakhuliswa ngabazali bami ukuthi ngiphile
lobu buntu. Ubaba wami ungumfundisi, kanti umama
wami (u-Anna) ungumcwaningi kwezamakhambi okwelapha
osebenza nomama nabantwana abanegciwane lengculazi
ekuvikeleni ukusabalala kwegciwane lengculazi.
Futhi ungumqambi wekhaya labantwana iThemba Lethu
e-Cato Manor okuyindawo enobisi lwebele olunempilo
ekunceliseni abantwana. Njengomndeni siyasizana
sabelane ngemiqondo kanye nemizwa yethu mayelana
nale misebenzi.”
Kanti umyalezo ka-Andreas kuwo wonke amalunga
omphakathi wethu?
“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi baseNingizimu
Afrika banesifiso sokuxhumanisa nokwabelana ngamakhono
abo kanye nemithombo yolwazi ekulweni nesandulela
ngculazi kanye nengculazi kanjalo nezinye izinselelo
umphakathi obhekene nazo. Kuzothatha isikhathi,
kodwa siya ngokuya sihlangana/sibumbana, kanti
futhi singazakhela amalungelo ethu ancike ezinhlakeni
zomthetho zangaphakathi nezisuka phansi ziya phezulu.
<<Back |