HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

I-PACSA ibhekana nezinkinga zesandulela ngculazi nengculazi, izindaba zobulili kanye nobumpofu

Isikhungo saseMgungundlovu saBazalwane Abaqwashisa Ngezomphakathi babamba iNgqungquthela ngoFebruary 2004 begxile kakhulu ezindabeni ezithinta umphakthi ngesandulela ngculazi kanye nengculazi kanye nakwezinye izinselelo ezimbili eziyinkinga-ngqangi: ukungalingani ngokobulili kanye nobumpofu. Abagqugquzeli abaqhamuka emikhakheni eyahlukene babelana ngolwazi lwabo nezifundo ngomsebenzi abawenzawo endaweni, ngokokufunda nangokobuntu, nokuthi inhlanganiso ivumelene ekutheni bacele emphakathini wabasebenzi ukuthi wakhe ubudlelwane obuqinile neFBO kanye nezinhlaka zikahulumeni kazwelonke kanye nowasekhaya.

Yonke imibiko eyayethulwa yayinohlonze. Eyodwa yazo yileyo eyethulwa nguFlorina Ngcobo, lapho ethula usizo olunohlonze olwanikezelwa yisiKhungo sesandulela ngculazi kanye nengculazi esise-Edendale ukusiza leyo mindeni esingenwe yisifo kanye naleyo mindeni ethintekayo ngenxa yegciwane. Lokhu kubandakanya:

  • ukuhlolwa njalonjalo kwemithi yokwelapha, uhlelo lokudla okunomsoco ukuqwashisa ngenhlanzeko kulabo abathintekayo egciwaneni.
  • Ukunakekelwa kwasemakhaya kanye nokugqugquzela ukwakha isikhwama semali emiphakathini
  • Ukubhekelela ukuxhaswa kwezimpabanga, ukukhuselwa kwabantwana kanye nezinye izingane ezisenkingeni yokungafundi nokungabi nandayo yokufihla ikhanda
  • Uxhaso lwezengqondo ukunikeza ithemba nokunciphisa ukwesaba, umzwangedwa kanye nokucindezeleka ngenxa yokungakhululeki emoyeni okuhlobene nokuba nesandulela ngculazi kanye nokungaphili.
  • Ukwelulekwa kwayilowo nalowo okuqhubekayo okuhambisana nosizo lwamaqembu asekela abanye kanye nemihlangano okufundiswanayo kuyo yosonhlalakahle, i-FBO kanye nabasebenzi basezikoleni.

Isiphetho ngqangi okwaphunywa naso kuleyo mikhakha esekelwe esidingweni sokuthi kunxenxwe abanye besilisa babandakanywe ezinkingeni zabesifazane abasemathubeni okungenwa yisandulela ngculazi kanye nengculazi.

ukubaluleka kwezokuxhumana ukuze kuvikeleke umnotho okhona nokubalekela ukuphindaphindeka kokukhona, ukunikezwa kokuqwashiswa ngolwazi okuyilona lona kanye nokwabiwa kwezimali ezindaweni ezidinga kakhulu.

Umqondisi wePACSA uDaniela Gennrich, uqinisekisile kulabo ekade bekholna ukuthi isikhungo sizodlulisela phambili lezi zimpendulo nokuqaphela kakhulu ukuthi kube nokugqugquzela umphakathi oqinile nobumbene ukuze kube nokuxhumana okucacile kusukela phansi imibiko eya emnyangweni yakwaHulumeni. Ingqikithi equkethwe yilemiyalezo yonke kuzoba ngeyokuthi zonke izikhungo ezizinikele kumele zidlulise umyalezo ekusizeni lezo zakhamizi ezingenaso isandulela ngculazi ngokuthi zihlale zingenalo igciwane nokuthi bagqugquzelele usizo lokuvolontiya ukwelulekwa kanye nokuhlola nokuhlanganyela emisebenzini yalowo nalowo msebenzi noma kusiphi isizinda.

“Kumele sidlule osizini, nobuhlungu kanye nentukuthelo,” washo kanje. “Kumele sigxile kakhulu emisebenzini esunguliwe nokwenza uhulumeni abuke ngeso elibanzi indaba yesandulela ngculazi kanye nengculazi, ngaphezu kwalokho, kumele sibumbane ekutheni silwe nalesi sifo.”

I-PACSA yabelana ngezincwajana emasontweni, ezibhalwe ukuthi ‘Ibandla eMhlabeni onesandulela ngculazi” nokuthi inolwazi oluwusizo kunoma wubani ofuna ukusiza abantu abaphila nesandulela ngculazi kanye nengculazi. Ukuze ukwazi ukuthola lencwadi nokuthola olunye usizo, shayela i-PACSA enombolweni ethi (033) 345 0052 or e-mail loul@pacsa.org.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape