Zanele Mchunu kanye nabaholi bakusasa
Isikhungo
sokuxhumanisa kwezesandulela ngculazi kanye nengculazi
(HIVAN) sisebenza neqembu labantu abasha abaneminyaka
engamashumi amathathu nanye abaqhamuka emphakathini
waseMagangangozi Okhahlamba asebelahlekelwe ngomunye
wabazali noma bobabili futhi asebeqambe iqembu
labo ngokuthi “Abaholi Bakusasa BasOkhahlamba”.
Bahlala kulendawo enamawa agingqikayo eduze kwezintaba
zoKhahlamba kwaZulu-Natali, baqinile, bangabantu
abasha abazimele abenza imisebenzi eminingi efanelekile
empilweni yasemakhaya: ukwelusa izinkomo, ukulima,
ukusika utshani bokwakha izindlu, ukudoba, ukuhamba
amabanga amade ukuyokukha amanzi nokutheza izinkuni,
ukuhamba ngomdlandla ukuyothenga edolobheni eliseduzane
iBergville, noma ukuya esikoleni. Baphila ngaphansi
kwezimo ezahlukene, kusukela emindenini emikhulu
eseyandisiwe (lokho cishe ukuba kuhambisana nobuphofu
kanye nokugula ngokuthi kwakhiwe ubudlelwane obukhulu),
kwabomndeni abathola usizo oluyingcosana kanye
nokusizwa kwezokomoya.
Eminyakeni embalwa, owesifazane osamusha ogama
lakhe nguZanele Mchunu wayebambe iqhaza emisebenzini
yokubambisana kanye naBaholi Bakusasa (Leaders
of Tomorrow – LOT) ukuthi bakhulise izinkukhu
kanye nokulima izingadi zomphakathi. Njengengxenye
yocwaningo lwakhe, uhlanganisa umlando omncane
ngalomsebenzi, uhambela abantu emizini yabo kanye
nokuqopha ukuthi babhekana kanjani nezinkinga.
Lo msebenzi uye wamnika ukuqonda okujulile ngezidingo
zabo, amathemba, ukwehluleka kanye nokunqoba nokuphumelela
kwabo, nokuthi ulwazi lwakhe selwandisiwe kwenziwa
ngalo amacebo okuhlanganyela ikakhulukazi lawo
athinta kakhulu izidingo zomphakathi.
Izifundo zocwaningo zAbaholi Bakusasa zaqala
ngesikhathi uDokotela Patti Henderson, uMcwaningi
omkhulu waseHIVAN Okhahlamba, wayephelezela uZanele
uma eya esikoleni sakhe kanye ngesonto. Lapho,
uPatti wasiza futhi waqamba imidlalo yaseshashalazini
kanye nokwakhela phezu kwempilo yansuku zonke
yabantwana.
NgoDisemba ngonyaka ka 2003 iqembu le-LOT lavakashela
ngasoGwini eNyakatho neKwaZulu-Natali isonto lonke
ukuyoba nomhlangano wokwakhana ukuze kwenziwe
umdlalo obizwa ngokuthi Umdlalo wethu. Lowo mhlangano
wokwakhana wakha ubudlelwane obukhulu kabi phakathi
kwabacwaningi kanye nentsha, futhi wenza ukuba
kubekhona ukukhululeka ekuzakheleni izibonakaliso
ngempilo yabo, kubandakanya ukuba khona kwesandulela
ngculazi kanye nengculazi, ngendlela leyo egqamisa
amaqiniso angemnandi kodwa ebe elapha futhi ephakamisa
umoya.
Lena yindaba kaZanele:
Ngazalelwa endaweni yasemakhaya eyaziwa ngokuthi
kusOkhahlamba kwaZulu-Natali, futhi ngaqedela
izifundo zami e-Amangwane High School, kodwa njengoba
umama wami wayengumfelokazi, wayengenayo imali
yokungiyisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngaqala ukusebenza nenhlangano yabe-Worldvision
njengowayekhuthaza ukuthi kufundiswe ngobulili,
ngingomunye weqembu labayisithupha sifundisa ngamakhono
empilo kanye nokuba nezifundo ngegciwane lengculazi
kanye nengculazi ezikoleni zamabanga aphansi kanye
nezikole zamabanga aphezulu zasOkhahlamba. Ngonyaka
wami wesibili ekufundiseni, ngaqaphela ukuthi
kunamalunga amaningi omndeni ongumakhelwane wami
ayeshona, omunye emva komunye, kwaze kwaba kusala
izingane ezine ekhaya zingenabazali noma ababheki.
Ingane okuyiyona eyayindala yayineminyaka eyishumi
nantathu ubudala. Ngikhumbula ukuthi ilunga lokugcina
lomndeni lashona ngelanga lami lokuhola. Wabe
umama wami esengicela ukuba nami ngiphonse itshe
esivivaneni ngokudla nje okuncane ngelanga lomngcwabo.
Sazisekela izintandane zikamakhelwane wami kwaze
kwaba bathathwa omunye wabemindeni yabo. Abazange
bawathokozele wonke amalungelo abo, njengoba kungekho
noyedwa kubo owaqeda izifundo zebanga eliphansi
– kanti lokho kwashiya ubuhlungu enhliziyweni
yami, ngokuba nakuba ngangiphuma emndenini ompofu,
umama wami wakwazi ukungikhulisa ngothando futhi
wanginika zonke izidingo njengomntwana. Ngakho-ke
ngazama ukufuna ukuthi ngingabasiza kanjani abantwana
abanjengalaba.
Kwathi uma isikhathi somsebenzi wami sesiphelile,
ngabuye ngaqashwa futhi kabusha kwaWorldvision,
ngaphansi kwalabo abanikezela ngosizo bakwaMicro-Enterprise
Development Grant, njengowengamele izinhlelo zemisebenzi,
umsebenzi obhekele izintandane, owathola uxhaso
iminyaka emithathu. Ngonyaka ka 2003 isikhungo
esibhekele ezengculazi – HIVAN wakha ubudlelwane
kwezocwaningo nabakwaWorldvision bebhekele kakhulu
abantwana abanganakiwe kanye nosizo lwezempilo
emakhaya kuleyo ndawo. Umphumela walokho, sengiqashwe
ngabakwaHIVAN njengomphathi nombheki kanye nomsizi
kwezocwaningo ohlweni lokusebenza olubhekele izintandane.
Iqhaza lami ekusebenzeni emisebenzini ethinta
izintandane kanye nabasha abanganakiwe, abazibiza
ngokuthi “Abaholi Bakusasa basOkhahlamba”,
wuthi ngisebenzise indlela ebizwa ngokuthi ukusiza
ngezinguquko, lapho ngisiza khona abantwana kanye
namalunga omphakathi ngemibono. Ngikuthola kumnandi
ukwenza ucwaningo nokusebenzisana nabo ngesikhathi
esisodwa, nokuthola ukwaneliseka oqotsheni kanye
nasekufundeni ekuqapheleni ukuthi bobabili umncwaningi
kanye nabahlali basemphakathini bayazuza emisebenzini
wethu.
<<Back
|