Sondela eduze...
Wamukelekile ezindabeni zokuqala zeSondela ka
2004. Kuyaphinda futhi londabambili ukulethela
zonke izindaba zalo lonke uhlobo, ukushintshiselana
kanye nokuxhumana nezinhlangano zemikhakha eyahlukene
elwa nokusabala kwegciwane lengculazi kanye nengculazi,
KwaZulu-Natal nakwezinye izindawo.
Siyathokoza ukuzwa kubafundi abathola ibhukwana
lethu iSondela ukuthi linosizo olukhulu futhi
liyathokozisa: USister Nelisiwe Mntungwa oqhamuka
eNellies Farm Clinic esibhedlela saseMadadeni
eDanawozi babhala bafuna ukuthola ulwazi olubanzi
ngokuxhaswa kwezintandane nokuba nelungelo emalini
yomxhaso. Uhla lwabantu abathunyelelwayo luyanda
njalo ngesonto, kanjalo neqembu lethu eliseBergville
libike ukuthi undabambiko udume kakhulu ngisho
nasezivakashini zethu, abadala nabasha, nasemtholampilo
wendawo. Khumbula ukuthi samukela asamukeli izicelo
zakho kuphela kodwa nokuxhasa kwakho, noma ngabe
zithinta abantu, amagembu, imisebenzi, izeluleko
noma iziphakamiso ngekusasa lemibhalo yeSondela.
Sidlulisa ukubonga Esikhungeni Sezingane Ezicindezelekile
(CINDI), abenza amashadi "Ezitshalo eziluhlaza
zempilo" ukuze ukwazi ukuzithathela bese
uyigcina. Lo msebenzi wokuhlanganyela wawuxhaswe
wuMasipala waseMsunduzi, yase ithuthukiswa yi-Valley
Trust, yisikhungo sezimila zemvelo iNatal Botanical
Gardens, kanye nesikhungo Semfundo Yabadala eNyuvesi
YaKwaZulu-Natali, kanye noDkt. Albert Modi woMnyango
wezobuchwepheshe Bommbila KwaZulu-Natali - ukusebenzisana
okuyiqiniso okusebenzayo!
Iqembu elisebenza ngezokudla i-CINDI ikhiphe
izinhlobo ezimbili zamashadi ezinemibhalo ethi
"Phila futhi Udle kahle", eyayixhaswe
Inhlangano Yezempilo Yamazwe Ahlangene i-CINDI
kanye ne-USAID, ezokwenziwa itholakale mahhala
ngesiZulu.
Ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nemisebenzi
yezingadi zasemadolobheni zokudla kanye nokutshalwa
kwezitshalo zendabuko, thintana no Yvonne Spain
Ku-CINDI Network enombolweni ethi: (033) 345 7994,
noma ngesikhahlamezi enombolweni ethi: (033) 345
7272, noma ukhiphe ikhophi leshadi kuWebhu (http://www.cindi.org.za)
Omunye umthombo onohlonze sewubekwe ezingeni lika
2004: yi-KZNCAN HIVAN KWAZULU -NATAL HIV/AIDS
DIRECTORY etholakala emahhovisi akwaHIVAN emgwaqeni
uMcCord, eThekwini - Bhalela eposini elithi: P.O
Box 37587, Overport, Durban 4067, ucingo 031 268
5809 noma uthumele umbiko ku- admin@hivan.org.za
Yiba nesibindi! Ake ucabange ukuthi igciwane
lengculazi kanye negculazi isiza kanjani ekulapheni
umphakathi wethu osuhlakazekile ngokuthi usenze
sibenzesisane ekulweni nekusasa elingenaso isifo
sengculazi. Cabanga ngalawo maqhawe aphila kanzima
nalesi sifo esinzima kangaka futhi abasikhombisa
ukuthi kumele siyithokozele kanjani impilo kanye
nothando. Kholelwa oqotsheni lakho kanjalo nakwabanye
- siyadingana ukuze sense umhlaba wethu ube ngophelele.
SONDELA NENO! SITHINTE:
Umhleli - SONDELA
HIVAN (Centre for HIV/AIDS Networking)
c/o Campus HIV/AIDS Support Unit
University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Tel: (031) 260 2975
Fax: (031 260 2937
e-mail: community@hivan.org.za
Website: www.hivan.org.za
<<Back
|