|
Zanele Mchunu kanye nabaholi
bakusasa
Isikhungo sokuxhumanisa kwezesandulela ngculazi
kanye nengculazi (HIVAN) sisebenza neqembu labantu
abasha abaneminyaka engamashumi amathathu nanye
abaqhamuka emphakathini waseMagangangozi Okhahlamba
asebelahlekelwe ngomunye wabazali noma bobabili
futhi asebeqambe iqembu labo ngokuthi “Abaholi
Bakusasa BasOkhahlamba”.
Indaba
egcwele
I-PACSA ibhekana nezinkinga
zesandulela ngculazi nengculazi, izindaba zobulili
kanye nobumpofu
Isikhungo saseMgungundlovu saBazalwane Abaqwashisa
Ngezomphakathi babamba iNgqungquthela ngoFebruary
2004 begxile kakhulu ezindabeni ezithinta umphakthi
ngesandulela ngculazi kanye nengculazi kanye nakwezinye
izinselelo ezimbili eziyinkinga-ngqangi: ukungalingani
ngokobulili kanye nobumpofu. Abagqugquzeli abaqhamuka
emikhakheni eyahlukene babelana ngolwazi lwabo
nezifundo ngomsebenzi abawenzawo endaweni, ngokokufunda
nangokobuntu, nokuthi inhlanganiso ivumelene ekutheni
bacele emphakathini wabasebenzi ukuthi wakhe ubudlelwane
obuqinile neFBO kanye nezinhlaka zikahulumeni
kazwelonke kanye nowasekhaya.
Indaba
egcwele
Igciwane lengculazi kanye
nesifo sengculazi yindaba yamalungelo abantu…
Igciwane lengculazi kanye nesifo sengculazi yindaba
yamalungelo abantu… lena yiyona nkolelo-ngqangi
yabafundi abaphezulu bezifundo zomthetho eNyuvesi
yakwaZulu-Natali bonyaka ka 2003, Andreas Coutsoudis.
Indaba
egcwele
Ukwabelana ngosizi, ukwabelana
ngethemba: Tshepang – Umlando wesithathu
Kusihlwa ngomhlaka 6 kuMashi 2004 kwaba yisikhathi
sokushintsha komoya, ukuqubuka kweziphiwo kanye
nobungcweti esizindeni sezamakhono e-eKhaya eSigcemeni
saka-C KwaMashu, KwaZulu-Natali lapho i-AfriSun
Amphitheatre kwakuyindawo yemidlalo eyenzeka ebusukwini
obubodwa i-Tshepang – Umlando Wesithathu
Indaba
egcwele
Udinga usizo ngokuba ngonompilo?
Nantu uhla lwezinhlangano kanye nalabo abasebenza
ngabodwa abanikezela ngosizo lokuba ngonompilo
endaweni yaseThekwini:
Indaba
egcwele
Ukuthola usizo lwempilo…
Sonke eNingizimu Afrika siphila negciwane lengculazi
kanye negculazi, futhi siyawazi umthelela waleligciwane
komakhelwane bethu, emisebenzini, emiphakathini,
ezifundeni zethu kanye nasezweni. Abanye bethu
bayasazi ukuthi siphila negciwane lengculazi;
abanye banabangani, amalunga emindeni, abantu
abasebenza nabo, othisha, noma abasebenzi abathintekayo
ngegciwane.
Indaba
egcwele
Ukuqeda umngcele oxhasweni
lomphakathi
Isandulela ndulazi kanye nesifo sengculazi sishanela
futhi sibhubise ezweni lakithi, sikhuthuza imizi
kanjalo nomphakathi wonkana onabantu okuyibona
ababngenisa isinkwa kanye nabanakekelayo, bese
beshiya abantu abadala kanye nezingane ezisencane,
abanye babo futhi begula ngezindlela eziningi
futhi bempofu, ukuthi bangazifunela bona kanye
nabanye okokuphila. Yini eseyenziwe ukunciphisa
lomthwalo wezomnotho obekwe phezu kwalamahlombe
na?
Indaba
egcwele
Ifomu lokuvuma lokuhlola
umjovo wesandulela ngculazi kanye negciwane
Abaxhumanisi besigceme sakwa-HIVAN kanye nomcwaningi
uNicci Stanley, obuye asebenze njengomgcini-mafa
woMkhandlu Wezocwaningo Kwezokwelapha eNingizimu
Afrika kanye neBhodi Lesikhungo Lezokululeka Ngezocwaningo
ngomjovo, waba nohambo oluya eSeattle eUnited
States yaseMelika ngoMashi ngalonyaka eyothamela
umhlangano wososayensi abasebenza ukwenza imizamo
yokuthola ikhambi lokwelapha lokudambisa isandulela
ngculazi kanye nengculazi.
Indaba
egcwele
Izipho zalabo abaphayo
– Izipho kumavolontiya ase-Bergville
Emcimbini owabe wenganyelwe uHlelo lwe-HBC lakwa-HIVAN
e-Bergville, amavolontiya endawo angonompilo ankezwa
umxhaso wezimpahla ezazivela eMnyangweni wezeMpilo
wesiFunda kanye nezivela e-Drakensberg Sun Hotel.
Indaba
egcwele
Sondela Eduze...
Wamukelekile ezindabeni zokuqala zeSondela ka
2004. Kuyaphinda futhi londabambili ukulethela
zonke izindaba zalo lonke uhlobo, ukushintshiselana
kanye nokuxhumana nezinhlangano zemikhakha eyahlukene
elwa nokusabala kwegciwane lengculazi kanye nengculazi,
KwaZulu-Natal nakwezinye izindawo.
Indaba
egcwele
Photo Gallery
Click
here
Amaveji
Ayimpilo - Healthy Vegetables Poster
This poster, featured as a pull-out
in this issue of Sondela, can be downloaded from
the publications section on the CINDI website.
This can be accessed by clicking here
|
HIVAN's Community Newsletter,
Sondela, is printed by Human Scale
Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist:
Thula Ngcobo
|
|