HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

UDecember 2004 - Volume 2, Issue No. 3

English version

Ezicathulweni zabo…

Izingane eziphila ekuhluphekeni zidinga ukuvikeleka ekulahlweni nasekuhlukumezzekeni ngazo zonke izindlela, kodwa-ke njengoba isihlava seNgculazi sihlakaza izinhlaka zemindeni nomakhelwane, sithola izingane, zingazodwana noma zingamaqoqwana, zizama ukuphatha nokugcina amakhaya njengandawo ehlelekile nephephile...

Indaba egcwele


Uphiko lweSandulela Ngculazi kanye neNgculazi enhlanganweni yezenhlalakahle eChatsworth:
ukunika ithemba kanye nokukhuphula izinga lokuqwasha

Inhlangano yezenhlalakahle eChatsworth (CCW) yakhiwe eduze kakhulu nesibhedlela sikahulumeni iR.K. Khan kanye noxhaxha lwezitolo oluphithizelayo lwaseChatsworth, futhi ibilokhu isenhliziyweni yomphakathi iminyaka eminingi. Ngo1997, iCCW yasungula uphiko lwezeSandulelaNgculazi neNgculazi njengempendulo esidingweni esikhulayo sokufundisa ngaphakathi kwendawo yaseChatsworth, kubandakanya nemijondolo, mayelana nalesisifo...

Indaba egcwele


Ukuya ohlelweni lwezempilo olubhekelela izingane

NgoJuly kulonyaka, iqulu lezishoshovu kwezamalungelo ezingane lahlangana ndawonye eThekwini ukuphendula ubizo oluthi “ukuhlanganyela ngamalungelo ezingane ezweni elineSandulela Ngculazi”: ukwakha umbhidlango womphakathi, ubambisene nohulumeni, kubhekwe kwezempilo nezidingo zezingane ezweni lethu...

Indaba egcwele


Izindaba zomkhankaso kanye nezinsiza

I-ACESS: (Alliance for Children’s Entitlement to Social Security) ibilokhu isebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukukhipha incwajana yama-grant ezingane...

Indaba egcwele


Ukwesekwa kanye namandla kubantu besifazana kanye nezingane abasengcupheni

Eduze kwaseLovu oGwini oluseNingizimu KwaZulu Natali, abesifazane kanye nezingane zabo abalinganiselwa ku300 bahlangana phansi kwesihlahla esikhulu ukuze balekelelane baphinde bagqugquzelane empini yabo yokulwa neNgculazi. Eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, Isihlahla sesibone izindaba eziningi ezixoxwa abesifazane abake bahlukunyezwa yilesifo, kodwa namhlanje sebeyakwazi ukumelana nemithelela yaso ezimpilweni zabo...

Indaba egcwele


Ukugcina izingane nemindeni: Imibono emva kwe-Bangkok

Abesifazane ababili abasebenza ukuthuthukisa ukusekelwa kwezingane nemindeni esengcupheni basakaze imibono yabo ngengqungquthela yomhalaba wonke yengculazi eyayihlangene e-Bangkok, eThailand, ngo-July kulonyaka...

Indaba egcwele


UKUSONDELANA ….njengomndeni

Kuleminyaka emibili eyedlule, iSONDELA isixhumanise abafundi nabantu besilisa kanye nabesifazane abehlukene abanamathalente, ukuzimisela kanye nokukholwa okuletha ithemba kanye nokwelapheka emiphakathini yabo...

Indaba egcwele


Photo Gallery

Click here

HIVAN's Community Newsletter, Sondela, is printed by Human Scale Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist: Thula Ngcobo

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape