|
SONDELA EDUZE
!

Ingqungquthela Yengculazi Yasemzansi Afrika
ka 2003 Ingqungquthela Ehlukile, Ezokwenza Umehluko
I-ICC eseThekwini izohola ingqungquthela yomzansi
Afrika ngenyanga ka-August (kusuka ngomhlaka 3
kuya kumhlaka 6) isihloko sithi "DIRA SENGWE"-
okuchaza ukuthi THATHA ISINYATHELO. Igxila kwizindingo
nasekulekeleleni kwezinhlangano ezisafufusa, izinhlelo
ezimayelana nengculazi eziphethwe ngumphakathi,
kanye nemibono nezimpilo zabantu abazihluphayo
ngemiphumela yesifo sengculazi. Amalunga angaphezu
kwezinkulungwane ezintathu ezivela phesheya, iAfrika
yonkana namazwe asezansi kwe Afrika azobe ekhona,
kanti sizobhala ngayo lengqungquthela kwi Sondela
ezayo.
Njengenhlalayenza, uSondela uyaninmema ukuba
nizovesa imibono yenu, ulwazi kanye nabanye eningasixhumanisa
nabo. Ngabe unayo yini imibono esingayisebenzisa
ekuxhumaniseni? Unayo yini imibuzo ongayibhekisa
kongcweti bethu noma zikhona izindlela ozaziyo
zokuthola imithi nezinhlelo zokunakekela? Inani
labafundi bethu liyakhula njalo nyangazonke kanti
futhi bangasizakala ngolwazi nemibuzo yenu.
Joyina isigcinimininingwano nohlelo lweposi:
UHIVAN uqoqa uhla lwamagama, imininingwane yokuthintana
kanye nezinhlelo ezenziwa abantu, izinhlangano,
ucwaningo nokuxhumaniswa kwezinhlelo ezisebenza
emkhakheni wengculazi eKwaZulu-Natal namaphethelo.
Sifuna abantu abaningi abadinga lolulwazi ukuze
balusebenzise njengebhuku lemininingwano yezinhlangano
ezisebenza emkhakheni wengculazi. Ifomu lokubhalisela
liyatholakala kwi- website (bheka indaba ngo HIVAN/KZNCAN
HIV/AIDS kwisigcin mininingwano ekhasini 14).
Uma ufuna ukubhaliswa, noma kukhona omaziyo okufanelwe
afakwe ebhukwini, sicela usithinte. Okunye futhi,
uma ufisa ukuthola amakhophi amaningana kaSONDELA,
noma wazi ngezinye izindawo eziwudingayo, sicela
usazise.
SONDLEA EDUZE! SITHINTE:
The Editor: SONDELA
Centre for HIV/AIDS Networking
c/o Campus HIV/AIDS Support Unit
University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Ucingo: (031) 260 2975
Fax: (031) 260 2397
Email: community@hivan.org.za
<<Back
|