| BUZA
KONGCWETI: UKUNAKEKELWA KWEZINTANDANE EZINESANDULELA
NGCULAZI
Nginakekela
izintandane ezinesandulela ngculane. Ngiyazi ukuthi
umuntu kumele aqaphele amagciwane futhi agcine
inhlanzeko ukuze izingane zingatholi okunye ukugula.
Ngingenzenjani uma besha, beklwebheka bethola
nemihuzuko?
U Noreen Ramsden wenhlangano emele amalungelo
ezingane ululeka uthi:
Igciwane lengculazi lihlasela amasosha omzimba
alwa nezifo. Ngakhoke, kubalulekile ukugcina ikhaya
lihlanzekile ngasosonke isikhathi. Ingane ngayinye
kumele ibe nesixubho sayo nendwangu yayo yokugeza.
Izindwangu kufanele ziwashwe futhi zomiswe zonke
izinsuku – amagciwane ayazithanda izindwangu
ezingomile kahle. Gcina izinzipho zezingane zihlanzekile
futhi uzame ukuqikelela ukuthi azifaki iminwe
yazo emilonyeni!
Uma ingane ishile, ikwebhekile noma iphukile,
bheka ukuvuvukala eduze nalapho ilimele khona,
imigqa eyandayo esandleni noma emlenzeni, kanye
nezinhlungu ngaphansi kwephansi kwengalo nama
ngaphansi lezi izimpawu zokugula ezidinga ukwelashwa.
Uma usiza ingane, qala ngokufaka izivikela - zandla.
Ngezilonda zokusha, qala uzipholise ngamanzi
abandayo noma ngama-ayisi imizuzu engamashumi
amabili, bese wemboza ngendwangu enhlanzekile
engomile kahle. UNGAWASEBENZISI ama-ayisi uma
isilonda sopha noma sisikhulu kakhulu –
thatha umntwana umyise emtholampilo ngokushesha.
Uma usikekile, cindezela indwangu egoqiwe nehlanzekile
esilondeni ukuvimba ukopha. Faka ibhandishi ukuvala
isilonda bese ucwilisa ibhandishi elinegazi emanzini
ano Jik amahora ammbalwa noma ubusuku bonke –
noma uvele uyishise noma uyimbele.
Uma kunomongozini, cindezela kahle amacala womabili
phezulu emakhaleni, noma ubeke noma yini into
ebandayo, njengo khiye, ebusweni noma entanyeni
ukuvimba ukopha. Uma indwangu ishesha igwala igazi,
yicwilise ngokushesha emanzini anosawoti bese
uyicwilisa-ke emanzini anensipho ubusuku bonke.
Gcoba umuthi ezikhumbeni esomile, bese uthola
ukwelashwa uma uncinzwe izilwanyana ezincane noma
unamaqhuqhuva angapheli.
Izingane kumele zingalali namabhodlela obisi
noma esiphuzo, ngoba lokhu kudala amagciwane emlonyeni.
Izingane kumele zixubhe amazinyo azo njalo emva
kokudla, kanti kumele usule amazinto engane ngendwangu
ethambile.
Qikelela ukuphuza amanzi ahlanzekile: uma ungeke
ukwazi ukuwabilisa imizuzwana ukubulala amagciwane,
wafake ebhodleleni likaplastiki elikhanyayo noma
ebhodleleni elifayo, uvalile isivalo, bese ulibeka
elangeni usuku lonke (amahora awu 12) ukusiza
ekubulaleni amagciwane. Lungisa amabhodlela amanye
amaningana enziwe ngendlela efanayo ozowasebenzisa
nangelinye ilanga noma seliguqubele.
UXHUMANISO OLUWUSIZO:
Children's Rights Centre: 480 Smith Street,
Durban 4000.
Ucingo: (031) 307 6079 Fax: (031) 307 6074
Email: info@childrensrightscentre.co.za
<<Back
|