HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

UMCWANINGI WAKWA HIVAN UBEKWE ESIHLALWENI SOCWANINGO LWEZEMITHI YOKUGOMA KWI CAB YAKWA MRC

Ngenyanga ka March, uNicola Stanley ovela kwa HIVAN ohlangothini lokuxhumana nocwaningo, wabekwa njengomphathi zimali lokwaluleka lomphakathi ophikweni locwaningo lwezemithi yokugoma.

UNicola wajoyina iqembu laka HIVAN elinemikhakha eyahlukehlukene emva kweminyaka emihlanu esemkhakheni wezokuthuthukisa kwezomhlaba, ilapho athola khona ulwazi olunzulu lokuzimbandakanya kwezocwaningo,ukuhlanganiswa kanye nokuphathwa kwezinhlelo. Lamakhono akhe ahambisana ngqo nendima ayidlala ohlweni lokuthuthukisa komhlaba eNtshongweni, okuhlanganisa u HIVAN , umnyango wezomhlaba kanye neqembu lezocwaningo kwezososayensi i(HSRC) kanye nezinhlangano ezingahlangene noHulumeni kanye nababamba iqhaza ezinhlelweni zikaHulumeni.

Ekuzihlanganiseni kwakhe noLifeline, uNicola usesebenze njengomaluleki kwezengculazi, futhi unolwazi lokufundisa. Iziqu zakhe zeMasters zazigxile ekuletheni izinguquko emsebenzini kaHulumeni.

Umsebenzi kaNicola kaHIVAN ukuxhumanisa phakathi kwabacwaningi bangaphakathi abadokotelayo kanye nabashayi bomthetho kaHulumeni, ezinkampanini ezizimele, kwizinhlangano ezingahlangene noHulumeni nezinhlangano ezisemphakathini ezisebenza ngengculazi. Ubuye futhi asebenze kwingxenye yase Mzansi Africa yezocwaningo lamazwe angaphandle, ebhekelela ukusebenza kahle kwezinhlelo zokuvikela ingculazi emazweni ayisihlanu ehlukahlukene.

"Lokusebenzisana nophiko lwezocwaningo ngemithi yokugoma kubaluleke kakhulu kuHIVAN nakumphakathi eyisebenzelayo", kusho uNicola."Iqembu lezokululeka kwezomphakathi lizosiza ekwakhiweni komthetho nakwezocwaningo eziyishumi nanhlanu ezisemazweni ahlukene."

UNicola uthi lolucwaningo lakwa MRC luzodlala indima enkulu ekuqiniseni ukuxhumana okubalulekile ezinhlanganweni zomphakathi nasemalungeni omphakathi ngokuxhumana namanye amalunga ekomidi lokwaluleka lomphakathi wasekhaya nakwamanye amazwe, ngokusebenzisa imfundo nezinhlelo ezilungiselela umphakathi. U HIVAN ukhombisa ucwaningo olwenziwa iloluphiko emihlanganweni yawo kanye nakuSONDELA ozayo.

Amanye amalunga amasha akhethiwe avela kulezizinhlangano ezilandelayo:

• IDurban Gay and Lisbian Community Health Care Centre (Umphathisihlalo)
• Omele umxhumanisi wezinhlelo zengculazi eMangosuthu Technikon.
• UND Campus Law Clinic (Unobhala)
• SANCO no NETCOM (Amalunga afakiwe)

Ukuxhumana no Nicola:
Ucingo: (031) 268 5815
Fax: (031) 209 8883
Email: Nicolas@hivan.org.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape