| UBULILI
NENGCULAZI – INGABE KUNGANI ?
Igama
"ubulili" liyadida. Kubantu abaningi,
"ubulili" buphatha abesimame, kanti
empeleni kuphathelene nezinto ezenzeka kubantu
besimame nabesilisa, okusho ukuthi into yawowonke
umuntu: umsebenzi owenziwa abantu, imali abayiholayo,
imisebenzi abanikezelwa yona kanye nobudlelwano
abanabo konke okuholwa amasiko aphatha abantu
besilisa nabesifizane ngedlela engafani. Ukucwasana
ngobulili kunendima okuyidlalayo ekubhebhezeleni
ingculazi ngalezizindlela:
Abesifazane Abahlangabezana Nako:
Ukungalingani kobulili kuyabakhubaza abesifazane
ngalezindlela ezilandelayo:
• Ukuzithoba = abesifazane kubenza bangakwazi
ukuzithathela izinqumo mayelana nokuya ocansini.
• Ukuncika kwabesifazane kubantu besilisa
ngakwezomnotho, kwenza badayise ngemizimba yabo
ukuze baphile.
• Ukungabi nolwazi kwezocansi kwenza bathandeke
kakhulu kubantu besilisa babo.
• Ukubhebhetheka kokuhlukumezeka (ngokomzimba,
ngokomoya nangokocansi), kuyalinyusa izinga
lokutheleleka ngengculazi.
• Injwayelo yokuthi abesifazane bathule
bangakhulumi baphinde babukeleke phansi.
• Ijoko lokunakekela amalunga omndeni
agulayo.
• Ukubandlululwa ekutholeni imithi yokwelashwa
nonakekelo.
• Indlela imizimba yabantu besifazane
eyakhiwe ngayo yenza kubelula ukuthi bathole
igciwane.
Abesilisa Abahlangabezana Nako:
Abesilisa ikakhulukazi abasebancane nabo bayakhubazeka
ngalendlela:
• Bavumelana nemithetho ebikiwe yokuthi
umuntu wesilisa kumele aphathe, okukhuphula
izinga labo lokuthi bathole igciwane futhi kwehlise
nezinga lokuthi bakwazi ukuzivikela nokuthi
bavikele nabanye.
• Bayagqugquzelwa ukuthi baye ocansini
futhi babe nophathini abaningi kukhona bezoduma.
• Kubantu besilisa ubudoda nokugculiseka
ngokocansi kuhtathwa njengento ebalulekile futhi
kuyagqugquzelwa.
• Amadoda afundiswa ukuthi akube iwona
athatha izinqumo ngezocansi nokuthi yibona kuphela
abanelungelo lokuba nenkululeko, amandla, ukuphatha
kanye nokungahlulwa.
• Ukungabibikho kwamathuba omsebenzi kwenza
amadoda ahambe ashiye emakhaya, okuholela ekuphazamisekeni
kwempilo yasekhaya okwenza bahlale bodwa bese
kuholela ekutheni basebenzise izidakamizwa bathenge
nocansi.
Imikhankaso ephathelene nengculazi ecabangelana
nezimo zobulili
• Izinhlelo zokuvikela ingculazi eziphathelene
nobulili futhi ezikucabangelayo ukuhluka kwamasiko,
aziziningi kanti leyo ekhona isebenza ngabesifazane
kuphela.
• Izinhlelo eziningi zikhombisa amadoda
njengabadlwenguli, kanye nezigebengu ezicuthela
abesifazane – kanti abesifazane badinga
amakhono okukwazi ukuzivikela uma behlukunyezwa
emakhaya, e.g. bangawasebenzisa kanjani amalungelo
abo ekutheni bazikhethele ukuthi baya kanjani
ocansini nabantu abazwana nabo.
• Abaxhasi bezimali kumele babhekelele
kakhulu izinhlelo ezibheke izidingo zabesifazane,
besabheke ukuthi imibono ekhona ngokuthi buyini
ubudoda yakheke kanjani.
Abaqashi Abahlangabezana Nako:
• Izinhlelo ezibhekelela izinto eziphathelene
nobulili kumelwe zibekwe njengomthetho futhi
bonke abadlala indima bazinikele ekwakhiweni
kwalomthetho.
• Ukuqeqesha iyonandlela esebenzayo ekutheni
izinhlelo zokuqwashisa ngengculazi zibhekelele
izinto eziphathelene nobulili.
• Olunye ucwaningo luyadingeka ekutheni
kusetshenziswe izingxoxo njengendlela yokwenza
kubengcono ukuxoxisana ngezocansi phakathi kwabesilisa
nabesifazane ekuqhakambiseni ukwehliswa kwezinga
lokuthelelana ngengculazi.
• Amakhondomu abesifazane kufanele atholakala
yonke indawo futhi kubelula ukuwathenga ngenani
eliphansi.
Indlela Engcono Yokuphatha Izinhlelo Ezimayelana
Nobulili Ngasohlangothini Lwengculazi
• Kubalulekile ukwenza izinhlelo ezihanbisana
nomthetho kanye namalungelo abantu ezintweni
eziphathelene nobulili.
• Kubaluleke kakhulu ukuphumela obala
nokudlulisela ulwazi emphakathini wonke, sibe
sicabangela indlela umphakathi wethu owakhiwe
ngayo.
•Kumele kubekhona ukusukunyelwa kokunikezelwa
kwemithi kubantu abaphila negciwane lengculazi.
• Isixazululo siyadingeka phakathi kwalabo
abaphila negciwane lengculazi kanye nalabo ababandlululayo.
• Izindlela zokulwa nesifo sengculazi
kumele zilethe izinxazululo futhi ziqhubekele
phambili.
Inselelo enkulu umphakathi abhekene nayo ukuthi
ashintshe indela ocabanga ngayo ukuze sikwazi
ukulwa nokunqoba isifo sengculazi.
Ihlanganiswe ngu Patricia Manele, (ongumphathi
wezinhlelo zobulili we National Community Radio
Forum-NCRF)
Xhuma:
Nskz. Busayo Ige
Centre for Gender Studies
University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Ucingo: (031) 260 2915
Email: Igeb@nu.ac.za
<<Back |